ISatawu ibona isiteleka sizoshaya kuzwele emnothweni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IPhini likaMengameli weSouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu) uNkoketse Sepogwane uthe kuyishwa ukuthi isiteleka sakwaTransnet sizoba nomthelela omubi kwezomnotho. Inyunyana ifuna ukunyuselwa amaholo phakathi kwama-12% no-13% kanti uTransnet wona uzimisele ngokunyusa amaholo ngama-3%. Phambilini, iSatawu ne-United National Transport Union (Untu) bathi imizamo yokusungula imithetho yokuphikisana nokuteleka ayiphumelelanga.
NgeSonto, iNkantolo Yezabasebenzi isichithile isinqumo esiphuthumayo sakwaTransnet sokuthi isiteleka simenyezelwe njengesingavikelekile. USepogwane uthe bazamile ukuxhumana nohulumeni ukuthi angenelele ezingxoxweni zabo zamaholo nomqashi kodwa ukukhala kwabo kwangezwakala. “Sibhalele uMengameli wezwe ukuthi angenelele ekuqaleni kwezingxoxo zamaholo ngesikhathi sibona ukuthi zizofika kwangqingetshe, nokuthi umqashi akaxoxisani ngobuqotho. Sibhalele uNgqonmgqoshe uPravin Gordhan omele abanikazi bamasheya bakwa-Transnet ukuzama ukunqanda isiteleka ukuze bangenelele ngokushesha mayelana nenkimbinkimbi ebesiyibona esibhekene nayo.”
IKumba Iron Ore ithe ukukhiqizwa kanye nokuthunyelwa kwempahla kwamanye amazwe kuzophazanyiswa isiteleka sakwaTransnet. “Ngenxa yokuphazamiseka kwezitimela zamachweba akwaTransnet, umthelela olinganiselwa ekukhiqizeni ungamathani ayizi-50 000 ngosuku ezinsukwini eziyisikhombisa zokuqala bese emva kwalokho cishe amathani ayizi-90 000 ngosuku. Ukuthengiswa kwamanye amazwe kuzokhinyabezwa cishe amathani ayizi-120 000 ngosuku,” kusho iKumba esitatimendeni.
IKumba, ethumela ingxenye enkulu yensimbi yayo e-China, e-Europe, eJapan naseSouth Korea, ilindele ukukhiqiza nokuthekelisa phakathi kwezigidi ezingama-38 nezingama-40 zamathani alo nyaka.Ukukhiqizwa kwenkampani kanye nokuthunyelwa kwamanye amazwe bekungamathani ayizigidi ezingama-40.9 kanye namathani ayizigidi ezingama-40.2 ngowezi-2021. Khonamanjalo abasebenzi bakwaTransnet babuthene ngaphandle kwechweba eKapa njengengxenye yesiteleka sikazwelonke.
Owe-Untu , uYandiswa Menziwa uthe, “I-Untu neSatawu isihlangene namuhla ukuze isiteleka esiqale ngoLwesine. Njengoba singenayo imithetho yokuteleka simi ngaphandle kwetheku, isimo siyiso leso. Bonke abasebenzi bakhona.”