Now Reading
AbeLindelani Cricket Club bachonywe uphaphe legwalagwala
Dark Light

AbeLindelani Cricket Club bachonywe uphaphe legwalagwala

Zilokhu ziqhubekile nokuphakamisa igama leLindelani Cricket Club, izintokazi ezimbili uNonkululeko “Lefty” Mlaba noNondumiso Shangase.

Zihlonishwe ngomklomelo weBlack Blazer kumaKZN Sports Awards ngokuba ngaboHlanga besifazane abenza kahle kulo mdlalo.

UNonkululeko oneminyaka yobudala engama-22 ongowaseLindelani waqala ukudlalela iqembu lesizwe iMomemtum Proteas ngonyaka wezi-2019. Usedlale imidlalo engama-22 kweT20I wathola amaWickets ali-16, wadlala eli-11 ye-One Day International (ODI) khona washaya amaWickets amahlanu. Uphinde wadlala owodwa weTest.

Uke waba yingxenye yeqembu elaliye kodlala iNdebe YoMhlaba eyabe ise-Australia ngowezi-2020, neyabe ikulonyaka ngoNhlolanja. NgoNtulikazi ubeseBirmingham,e-England kumaCommonwealth Games.

“Ukuthola lo mklomelo kwenze sakhuthazeka kakhulu, ngathi ngiyaphupha. Nginethemba elikhulu, ukuthi ozakwethu abalandela ngemumva kakhulukazi abaqhamuka emalokishini  bazokhuthazeka kakhulu ngethemba ukuthi nasezinganeni esisuka nazo emalokishini kuzozisiza. Sisazimisele ukuphakamisa igama leLindelani Cricket Club,” kusho uNonkululelo.

Maphakathi nonyaka uphinde waklonyeliswa ngomkomelo iMakhaya Ntini Power of Cricket Annual, kumcimbi weCricket South Africa.

UNondumiso waseNanda naye oyingxenye  yeMomentum Proteas, ufakazele uzakwabo ahlezi echitha naye isikhathi (uNonkululeko), waveza ukuthi ikhilikithi isimenzele lukhulu.

“Ngikhukuma nawe nje angisahlali eNanda, sinoNonkululeko sesihlala eMusgrave, endaweni enhle ngenhla yawo lo mdlalo. Kusijabulise kakhulu ukuba sihlonishwe ngalo mkomelo. Kuningi esisafisa ukuba sikuzuze, neqembu lesizwe siphakamise negama leLindelani Cricket Club okuyikhaya lethu. Lokhu kuyisikhuthazo esikhulu kuthina ukuthi siqhubeke nokwenza kuthi   nentsha eza emva kwethu inyukelwe uthando lalo mdlalo.

USandile Caluza, ongumqeqeshi weLindelani Cricket Club ubalule ukuthi lineminyaka eli-10 leli qembu lasungulwa, yena waqala ukuzibandakanya nekhilikithi ngonyaka wezi-2007 lapho ayesebenza ngaphansi kweTownship Development Program, eyasungulwa uLinda Zondi oke wasebenza isikhathi eside eqenjini lesizwe iProteas. Le nsizwa eneminyaka engama-32 akukhona ukuthi iyaziqeqeshela nje kodwa yakufundela njengoba ineziqu uLevel 1 eyazithola ngonyaka wezi-2010 kanye noLevel 2 eyawuthola ngonyaka wezi-2013.

See Also

“Ngiyabajabulela kakhulu, ukwenza kahle kwabe kuphakamisa iLindelani Cricket Club. Ngiyafisa ukuthi beqhubeke nokuziphatha kahle, besebenze kanzima bephinde besekane uma bebizelwe eqenjini lesizwe. Ukwenza kahle kwabo kudonsela intsha yakithi ukuthi ibe nothando kulo mdlalo, nayo izibone ihambela amazwe,” kusho uCaluza.

Uthe uyafisa ukuba bathole uxhaso, bazimele beyiqembu njengoba bengaphansi kwenyunyana.

“Ikhono into esesibonile ukuthi likhona, esikufisayo ukuthi sithole uxhaso sazi ukuthi sizimele. Baningi abadlali abalandelayo abasazophakamisa iLindelani Cricket Club, eminyakeni ezayo” usho kanje.

Omunye wabadlali abasuka ngaphansi kweLindelani Cricket Club uCaluza amchaza njengonekusasa eliqhakazile u-Ayanda Hlubi waseLindelani obeyingxenye yeqembu labangaphansi kweminyaka eli-19 leNingizimu Afrika ebelibhekene neZimbabwe.

Scroll To Top