Now Reading
UTshabalala owake wanqoba iComrades kumenele
Dark Light

UTshabalala owake wanqoba iComrades kumenele

“Besihlele ukuthi sizoyigijima okokugcina iComrades Marathon, bese sivalelisa ngokusemthethweni kwazise asikaze sisho ukuthi ngeke siphinde siyigijime”.

Lawa ngamazwi adalulwe uWillie Mtolo ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga, ngokudlula emhlabeni kukaSamuel Tshabalala. Izindaba zokudlula kukaTshabalala ziqale ukusabalala ngoMsomuluko ekuseni, okuvelile ukuthi uvele waphathwa ikhanda kwathi esephuthunyiswa emtholampilo kwabe sekuwuthula kwakhe.

UTshabalala wazifaka emabhukwini omlando ngokuba ngowokuqala ongowoHlanga ukunqoba iComrades Marathon ngonyaka we-1989, ngalowo nyaka yayisuka eMgungundlovu iya eThekwini. Wayinqoba ngesikhathi esiwu (5:35:51), nokwenza waqeda ukuchanasa kukaBruce Fordyce owaseyinqobe amahlandla ayisishiyalombili kulandelana.

Lo msubathi owazalelwa eZamdela, eMpumalanga udlule emhlabeni eseneminyaka yobudala engama-65. “Ngithola lezi zindaba ngiphatheke kabuhlungu, impela. Ukumazi kwami uTshabalala kwaba ngawo unyaka lapho aqopha khona umlando, kwaze kwaba uyedlula emhlabeni. Besikhuluma sisho ukuthi kusamele sisebenze ukuthi siqeqeshe intsha eningi ezokwazi ukunqoba iComrades Marathon ngelinye  ilanga,” kusho uMtolo.

UMtolo ngawo unyaka we-1989 waphuma endaweni yesibili ngesikhathi esiwu (05:39:59). “Kwathi kuyithi esizihola phambili naye uTshabalala, ngamtshela ngathi akahambe mina sengishawa amajaqamba ngizomusiza ngokuthi ngithiphazise abelungu ababe beqhamuka ngemumva. Wangibonga kakhulu, ingakho nje umoya wami ubuhlungu ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uMtolo.

See Also

Useke wawina nezindondo zesiliva ezine, okubalwa nendondo yethusi yodumo yeComrades Marathon Association ebongwa ngegalelo lakho kwiHuman Race Marathon.

Owayengusihlalo weComrades Marathon Association (CMA) uMervyn Williams, owathola ithuba lokwamukela uTshabalala entanjeni ezonqoba uwukhumbula ngokuziqhenya lowo mzuzu. “Ngajabula njengosihlalo weCMA ukwamukela uSam entanjeni ngalolo suku engingasoze ngalukhohlwa ngowe-1989. Ubengumpetha wangempela futhi ubekufanele ukuhlonishwa njengoba ‘engumuntu wokuqala woHlanga’ ukunqoba iComrades Marathon. Sengathi engaphumula ngokuthula ngizwelana nomndeni wakhe,” kusho uWilliams.

Scroll To Top