ICapital City Marathon isifikile


Sekusemthethweni; uMsunduzi yikhaya lemijaho yezinga eliphezulu lokhu kulandela ukumenyezelwa komqhudelwano omusha kwezokusubatha nozobanjwa mhla zingama-23 kuNhlolanja. Lo mjaho obizwa ngeKZN Capital City Marathon wengeza kweminye ekhona kusuka kuComrades Marathon, iMandela Marathon, owabagwedli iDuzi Marathon kanye nowamabhayisekile Amashova Classics. Nakulona kulindeleke ukuba abasubathi babhalise ngobuningi nokuthi udume njengeminye nokuyinto ehlomulisa iNhlokodolobha. USihlalo walo mjaho uMnu uSteve Mkasi uthe eminyakeni engama-25 inhlokodolobha beyiba neMaritzburg City Marathon, kodwa umbuzo ukuthi beyigubhani?
Echaza ngalo mdlalo uthe; “Ngalo mdlalo sifuna ukubungaza idolobha njengesifundazwe sonkana, njengedolobha okuyilo elilawula isifundazwe iKwaZulu-Natal, ubuhle ngaleli dolobha ngukuthi isihlalo sombuso waKwaZulu Natal bukuleli dolobha. Lokho kumele kubungazwe. Ileyo inhloso yalo mdlalo,” kusho uMkasi. Echaza ngokuhluka kwalo mjaho kunale eminye evame ukuba khona uthe, kuneComrades Marathon ebungaza ukubuya kwamasosha anikela ngakho konke ebuya empini yoMhlaba Yokuqala. Kube neMandela Marathon ebungaza impilo nokusebenza kukaMnu uNelson Mandela.
“Manje sesinento ebungaza idolobha ubunjalo balo, sicabanga ukuthi ayikho indlela engcono yokubungaza leli dolobha okudlula lokhu njengoba umjaho uzozungeza wonke amagumbi aleli dolobha, njengoba kuzogijinya kuyiwe ngaseSobantu, kuyiwe ngaseCascades, eScottsville, eGrange uvalwe e-Athletics Stadium.” UMkasi uveze ukuthi lo mjaho uzosetshenziswa njengalowo ophakela iComrades Marathon neTwo Oceans. Wethule ukuthi banesifiso sokuthi eminyakeni emithathu lo mjaho kube ngumjaho omisa ngqi ukusebenza edolobheni.
“Lokho kuyenzeka kumaMarathon aseNew York, eBerlin naseParis. Indlela le mijaho eyenzeka ngakhona iyakhombisa ukuthi bayalihlonipha idolobha labo ngoba bagijima yonke imigwaqo ekulelo dolobha. Nakulona sifuna kube ngumcimbi ochaza ubunjalo bedolobha. Siqale njengeBronze Label Event, siyazi ukuthi ngowezi-2022 lokho kuzoguquka,” kulanda uMkasi.
UMkasi ungomunye wabanomlando onothile kwezokusubatha njengoba engomunye wamalungu ebhodi leComrades Marathon, uyilungu lekomiti eliqondisa ubugwegwe KwaZulu-Natal kusuka ngowezi-2012, ungomunye balabo abalawula ezokusubatha KwaZulu- Natal, ungomunye wamalungu ebhodi le-Athletics South Africa, ungumsunguli weqembu iPhuma KwaZulu-Natal elaqala ngowezi-2012 elinabadlali abangama-250.
Uthe lo mjaho uzobe ubophele ezinye zezingwazi eziphuma kulona leli dolobha ezihlonishwayo uma sekuziwa ngakwezokusubatha. “Lo mjaho uzobe ungenelwe inkakha yezokusubatha uBongimusa Mthembu. Kube ilowo ophethe isicoco se-Africa Champion uSanelisiwe Mbanjwa naye oqhamuka kuleli dolobha, isikhathi ukuthi sibungaze okungokwethu, sibungaze idolobha lethu, abasubathi bethu, ipolitiki yethu kanye nalokhu esingenako sikubungaze,” kusho uMkasi. Lo mjaho uzoqala eCity Hall, uyophelela e-Athletic Stadium, kulindeleke abasubathi abazi-8 000, Uzobe uhlukene kathathu, kukhona owama-10 km okuzovunyelwa ukuthi kugijime abantu abayizi-2 000, kube owama-21.1 km okuzovunyelwa abantu abayizi-2 500 kanye nowama-42.2 okuzovunyelwa ukuthi kugijime abantu abayizi-3 500. Ungabhalisa ngokuthi uthinte lesi sizindalwebu: www. capitalcity42.co.za noma ugcwalise iphepha kwaPoobie Naidoo, noma uye emaHhovisi eComrades Marathon ugcwalise bese uyokhokha ebhange. Amanani okungenela ami kanje:
- Owama-10 km uli- R130
- Owama-21.1 km uli-R190
- Owama-42.2 km ungama-R300.
Uphethe ngokuthi lo mjaho uzolima indima emqoka emkhakheni wezokungcebeleka kuleli dolobha. UMkasi uthe vele balindele abasubathi abaqhamuka emazweni angaphandle, kanye nalabo abaqhamuka kwezinye izifundazwe. “Sizoba nabantu abazoshiya okuthize kosomabhizinisi bale ndawo ngokuthi bazokhokhela izindawo zokulala, ezokuthutha, kanye nalabo abazodayisa emgwaqweni,” kusonga uMkasi.