Now Reading
Kwasuka omkhulu umsindo kubekwa iNkosi uBhokwe
Dark Light

Kwasuka omkhulu umsindo kubekwa iNkosi uBhokwe

Kuthe sekulungiselelwa ukubekwa kweNkosi uMntwana uBhokwe, bathi washisa umlilo ethi uzigezela umuzi. Lowo mlilo wamhlubuka washisa izihlandla zotshani zokufulela zikaNdlunkulu uGeja okaMatshana.

Ngalelo langa kwasuka isidumo esinamathambo, uNdlunkulu okaMatshana ethi uMchitheki uzishise ngamabomu ngoba ubazi ukuthi zizofulela ilawu loMntwana uBhokwe.

Kwathi um a uMntwana uMagadavu esezwa ukuthi uNdlunkulu okaMatshana uhambile uselande uMntwana uBhokwe eQhudeni bathi wasehlaba izinkomo ngokuzidica emizini yeNkosi yonke uma ehambele kuyo.

Bathi wayefika qede emz ini woMntwana uZibhebhu athi kazibuye bese engena esibayeni ephethe isi bhamu sakhe asho aziginqe phansi ezinkulu ngantathu ngazine athi uhlabela abantu bakayise. Lapha uzwa imbongi yakhe isimhasha ithi;

Wakhe ngezibomvu uMgungundlovu

Wathi iNgwazi ibekelwe

lyakubambelela mtakaNdaba

See Also

Wasuka lapho ethukuthele enjalo uNdlunkulu uGeja okaMatshana wathatha uMntwana uBhadlela Okledeni kanye noMntwana uMkhwintshi eQathaqatheni wathi abamphekezele ayobika lomhlola eNdlunkulu oSuthu.

Wafika wabikela uMntwanomkhulu uMshiyeni “uBhova” kwaSokesimbone. Wasedlula khona lapho uNdlunkulu okaMatshana esephikelela eQhudeni eselande uMntwana uBhokwe ukuba azothatha isikhundla sakhe sobukhosi bakwa Mandlakazi, Wamthatha wabuya naye kuthe uma sebefika ezweni lakwaMandlakazi base bengenisa kwaNgcobo koSotshwala endaweni yasEkuvukeni esigodini sakwaMahlezana.

UNdlunkulu okaMatshana ulanda uMntwana uBhokwe nje laphaya eBanganoma akatshele muntu ukuthi uzobuya naye.

Scroll To Top