Izimpi zombango zazisuswa imingcele nobunsizwa


UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uMahlokohloko kwaba nezimpi zemibango eziningi phakathi kwezigodi nemihlathi kubangwa imingcele nezinye nje izinto zobunsizwa.
Izimpi zaqala ingakabekwa iNkosi uMahlokohloko kodwa kwathi ngesikhathi sokubusa kwayozaqina kakhulu. Izimpi zazisuka eGoli emahostela bese ziyasabalala zizophelela emakhaya ngezikhathi zamaholidi ePhasika noma kaKhisimuzi.
Impi eyaba yingqophamlando emaBomvini kwaba yimpi eyayibizwa ngokuthi “umbithi”.
Leli gama lalisho ukuthi izigodi, imihlathi nemindeni ixovekile kangangokuthi kwakulukhuni ukuqonda ukuthi isigodi silwa nasiphi.
Kwakuba nezigodi ezaziphakathi kwezigodi ezithile kodwa ngokwempi zazihlangene nezigodi eziqhelelene nazo ezazilwa nalezo zigodi ezakhelene nazo.
Ezinye izigodi zazihlukene phakathi. Kwakukhona imihlathi eyayihlangene nezinye izigodi ezazilwa nezigodi zazo.
Ngisho nemindeni eminye yayihlukene phakathi , abanye bengapha bengale. Njengesigodi sasaZingulubeni nje, ngaleso sikhathi sasingumhlathi wakwaMbhotho, sasihlangene nesigodi sakwaLatha esingaphesheya komfula uThukela ngale kwesigodi saseNhlesi okwakungesinye sezigodi ezazilwa noLatha.
Ngapha kweseNdlebe isigodi sasesiNgulubeni kwakuyisona esasihlangene noLatha ngokwempi. Impi yombithi iqale ngeminyaka yawo-1950 kulwa isigodi sakwaNdaye nesaseMkhuphulangwenya (uMkhuphula). Ngemumva kwaleyo mpi kwaqala impi phakathi kwemihlathi emibili yesigodi saseNhlonga, uLatha-Ntshwabu (uPhondolukaGwayimani) kanye neBomvini ngo-1952.