Now Reading
Ziqhubeke phezu kwezigigaba izimpi zokuvalelisa uMthalane
Dark Light

Ziqhubeke phezu kwezigigaba izimpi zokuvalelisa uMthalane

Ziqhubeke sekumuncu izimpi zokuvalelisa uMoruti Mthalane, ezihlelwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi.

UNomvelo ubehlele ukuthi amuvalelise ngesitayela uMthalane, kwazise uMthalane uliphakamise kakhulu ifulegi laseNingizimu Afrika enqoba amabhande ahlonishwayo emhlabeni.

Okuvelile ukuthi izinkinga ziqale ngoLwesihlanu lapho kuvela ukuthi uSABC ngeke usazisakaza lezi zimpi.

Okusolakalayo ukuthi kunesikhulu senhlangano eyengamele ezamankomane kuleli, iSouth African Boxing (BSA) esisolwa ngokucindezela uNomvelo ngoba besingafuni ukuthi lezi zimpi zibe sezingeni. 

Lesi sikhulu, elaboHlanga esinalo igama, kuthiwa sithe angasebenzisi abeSuperSport kodwa sizomsiza ukuthi asebenzise abeSABC ngoba bona babukwa ngabantu abaningi.

Ngokusho kukaNomvelo uthe besebehlelelwe konke abazoqopha lezi zimpi, okubalwa nokubhukhelwa indiza kanye namagumbi okulala kodwa abazange besafika.

See Also

“Kube kuningi engibhekane nakho, okubuhlungu ukuthi abantu akade bemi endleleni yami ilaba engibathembayo ukuthi esinabo kulo mdlalo. Angifuni ukuqamba amanga, bebefuna ukuthi ngiphenduke ihlanya ngokuthi lezi zimpi zingabi impumelelo. Ngempela kanjani, ukuthi impi kaMthalane yokumvalelisa ingasakazwa bukhoma.Ngifike izolo izinyembezi zigcwele amehlo umoya wami ungemuhle, kodwa emva kwezimpi ngiphume zisulekile izinyembezi ngoba konke kube impumelelo. Engizitshele khona ukuthi ngingumnqobi, ngeke ngahluleka” kusho uNomvelo. 

UMthalane obebhekene noDiomel Diocas wasePhilippines, uyinqobe ngamaphuzu.

Eqhuba uthe: “Ngimbonga kakhulu uMthalane ngokungihlonipha watshengisa nabalandeli impi eseqopheleni eliphezulu. Abantu bangiphumele ngendlela eyisimanga, ngisazoqhubeka nokuqhatha osomankomane abahlonishwayo keli. Osohlwini manje uThabiso Mchunu” kubeka uNomvelo.

Scroll To Top