Kukhalwa ngomkokotelo wogwayi neminye imikhiqizo ezweni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isikhulu seConsumer Goods Council of South Africa, uZinhle Tyikwe, sithi kuningi ukudla okungekho emthethweni nokomkokotelo, okufana nogwayi kanye notshwala emakethe.
Ubekhuluma emcimbini obuhlelwe amaphoyisa aseGauteng lapho kucekelwe khona izimpahla zomgunyathi ezingabiza izigidigidi ezi-R3 okubalwa izicathulo, izingubo zokugqoka, imithi, ugwayi notshwala. Lokhu kwenzeke njengoba kushone izingane, ezinye zazo ezihlaselwe wukugula okusolwa ukuthi bezidle ukudla noma izibiliboco ezithengwa ema-spaza.
UTyikwe unxuse imiphakathi ukuthi isebenzisane nezinhlaka ezifanele okubalwa abomthetho kanye nohulumeni ukuze adalule labo abathintekayo ekuhwebeni kwezimpahla zomgunyathi nezingekho emthethweni. “Üma uthenga ugwayio esitolo esiseduze nawe iphakethe likagwayi elingaphansi kwama-R22 lowogwayi awuvumelekile, lowo gwayi awukho emthethweni . Ngoba lowo muntu akayikhokhi intela kuhulumeni. Ngiyanicela miphakathi masiqaphele yonke leyo mikhiqizo kagwayi esiyithengayo kanye nobungozi bayo. Awuwazi ukuthi, yenziwa kanjani, yini engaphakathi kuwona nokuthi ubhemani,” kwengeza uTyikwe.