Now Reading
Ipolitiki yangempela
Dark Light

Ipolitiki yangempela

Kuliqiniso ukuthi akuyena wonke umuntu oseqenjini lepolitiki ongusopolitiki. Uyaba ngumlandeli nje nomvoti kepha ungeyena usopolitiki. Umkhuba wakamuva yilapho amaqembu eselanda abaholi abanohlonze kwenye inkathi ngaphandle kweqembu ngenhloso yokuthola amavoti. Iningi lalaba abalandwa ngaphandle kusuke kungabantu abangebona osopolitiki, kepha kungabaholi abanohlonze.

Lokhu kugqame bha odabeni oluthinta uDkt uMpho Phalaste obeyiMeya yedolobha iJohannesburg. Akukho ukungabaza ukuthi lona ngumholi esigabeni esithile kepha futhi akukho ukungabaza ukuthi kasiyena usopolitiki.  Ukukhishwa kwakhe ngevoti nokubukeke kuyisijeziso eqenjini lakhe nelisolwa ngamaqembu aphikisayo ngokuba yibhoklolo, kuveza ngokusobala ukuthi indaba kayikho ngaye kepha ingepolitiki. Lena yipolitiki engaphezu kwakhe. Ngeshwa iGoli lingahle lilahlekelwe ngumholi emkhakheni othize ngenxa yepolitiki. 

Scroll To Top