Ingqephu yamfaka ezintweni uMxakaza osengumlingisi


Ukuqala ngokuba umkhangisi wengqephu yikhona okwamvulela amasango ekulingiseni u-Andile Mxakaza.
Baningi abalandeli bakhe nababukeli bethelevishini abangalazi igama lakhe langempela, njengoba egcina aziwa ngalawa awasebenzisa emidlalweni kwazise uma enikwe indawo, ufike angene khaxa kuyo. Ngesikhathi elingisa emdlalweni iZone 14 wayaziwa ngoSgonondo.
Udlule lapho wayolingisa emdlalweni iSibaya aziwa ngelikaFezile. Nakuba esethole udumo ekulingiseni akakuyekile ukuba ngumkhangisi.
Ngonyaka wezi-2008 waba ngomunye wabasala kowamanqamu emncintiswaneni wabesilisa iMen’s Health Look. Lo mlingisi wazalwa zi-11 kuNhlaba ngowe-1978 eThekwini okuthe ngokukhula wafudukela eGoli lapho impilo yakhe ifike yashintsha khona. Insizwa enogazi kwabesifazane, lokhu kubonakale ngesikhathi ilingisa indawo kaFezile kuSibaya ishendezane noQondi. Lokho nje kukodwa kwenza izintokazi zafisa ukwazi kabanzi ngayo lensizwa nangempilo yayo yangempela.
UMxakaza uke wacela isihlobo esihle kuDuduzile Ngwenya owaziwa kakhulu kwezikaqedisizungu ngo“Lady Du” onguDJ uthando lwabo lagcina selaziwa. Akubanga isikhathi esingakanani njengoba kuthe ngasekuqaleni konyaka lagqabuka igoda. Ekhuluma ngalokhu u-Andile wasola abesifazane abanomona ngokubathakatha.
Ephawula emuva kokwehlukana nesithandwa sakhe uMxakaza wathi ufunde lukhulu kuso futhi ngokuzayo ubudlelwane bakhe kwezothando uyokwenza konke ukuthi kube yinto yangasese, engeke yaba ezithebeni zomphakathi. Emdlalweni iSibaya wayebalwa nabanye abayizimfivilithi kubabukeli.