Phezu kwekhomishini nezincomo bayaqhubeka bayafa, basazofa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Phezu kophenyo osopolitiki bayasocongwa
- Iminwe ikhomba ubuholi bamaqembu
INingizimu Afrika iyaziwa ngokuthanda ukwakha amakhomishini nezigcawu zophenyo. Lokhu kumosha imali eningi njengoba amakhomishini lawa edinga amahhovisi, isigcawu, imishini yokuqopha,abameli nongoti njalo njalo. KwaZulu-Natal abekhona amakhomishini nezigcawu zophenyo okuhlale kwaze kwenza izincomo kepha awukho umehluko. Mhla zingama -28 kuMfumfu ngowezi-2016 uNdunankulu ngaleso sikhathi uMhlonishwa uWillies Mchunu wejuba ikhomishini ukuba ibheke umnyombo wokubulawa kwabantu okuhlangene nepolitiki KwaZulu-Natal ngokulandela isiGatshana soMthetho 127 (2) (e) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngowe-1996 neSigatshana 2 (1) soMthetho iKwaZulu-Natal Commission we-1999.
UNdunankulu waqoka ugalagala u-Advocate uMarumo Moerane ukuba uSihlalo. U-Advocate Moerane nowayenolwazi olunzulu kwezomthetho nowake wahola amaKhomishini ahlukene njengeyokubulawa kwabantu eShobashobane ngoKhisimusi ngowe-1995. Abanye abaqokwa nguSolwazi uCheryl Potgieter kanye no-Advocate uVasu Gounden osemnkantshubomvu ezinhlelweni zokubuyisana nokuletha ukuthula nozinzo emazweni ase-Afrika. Wake wayibamba nasezindaweni ezabe zinomlilo njengaseVuwani eLimpopo kanti futhi uyilungu leSocial Cohesion Comission yaKwaZulu-Natal. UMnu uSolo Mdletshe yena waqokwa njengoMabhalane weKhomishini.
Nembala leKhomishini yahlala yaze yenza izincomo kepha kawukho umehluko. Ngokocwaningo olwenziwa ngabeGlobal Initiative on Transnational Organized Crime (GI-TOC) kusukela ngowezi-2000 kukhombisa ukunyuka kwezigameko zokubulawa ngokulalelwa unyendle, ikakhulukazi kusuka ngowezi-2015. Ezigamekweni ezingama-418 zokusocongwa okuyamene nezepolitiki okwabikwa kuzwelonke phakathi kowezi-2000 nowe-2021, izigameko ezingama-213 zenzeke eminyakeni eyisikhombisa eyedlule, kulezo zibalo, ezili-118 zenzeka KwaZulu-Natal. Kwimininingwane eyaqoqwa yiGI-TOC ezigameko ezintathu eminyakeni eyisithupha eyedlule kwakuphezulu ukubulawa kwabantu okusondelene nezepolitiki KwaZulu-Natal, futhi kuphezulu ukwedlula zonke ezinye izifundazwe ezweni.
Isigameko sakamuva kubulawe usekela sihlalo we-ANC kuwadi -14 uMnu uCassim Phiri. Ephawula ngenkinga yokubulawa kwamalungu eqembu , uMnu uMlondi Mkhize ongunobhala wesifunda uthe sebebahlanu abaholi beqembu lakhe ababulawe “ngaphansi kwezimo ezingaqondakali emasontweni ambalwa”.
Okusobala wukuthi izincomo zekhomishini kazisebenzi nokuthi ubuholi bamaqembu kuyehluleka ukumisa lomkhuba . Okuchaza ukuthi basazoqhubeka nokubulawa osopolitiki kwaZulu-Natal.