Now Reading
Kubukeka sikhula kakhulu kunakuqala isibalo sabangasebenzi
Dark Light

Kubukeka sikhula kakhulu kunakuqala isibalo sabangasebenzi

Ukuqashwa okusemthethweni emkhakheni womnotho kwehle ngezi-86 000 ngonyangantathu nonyangantathu, isuka ezi-9 652 000 ngenyanga uNdasa kowezi-2021 yaya ezi-9 566 000 ngoNhlangulana kowezi-2021.

Lokhu kubangelwe kakhulu ukwehla kokuqashwa kwezinsizakalo zomphakathi zokukhiqiza, zokwakha nezamabhizinisi. Kodwa-ke, ngokwemininingwane emisha evela kuStatistics South Africa, imikhakha yezimayini kanye nezokuthutha yomnotho inyuse imisebenzi.

Isibalo esiphelele sabaqashiwe sikhuphuke ngezi-60 000 ngonyaka nonyaka phakathi kukaNhlangulana kowezi-2020 noNhlangulana kowezi-2021. Ukuntuleka kwemisebenzi kukhuphuke kwaya kuma-34.4% kunyangantathu wesibili walo nyaka.

Ukuntuleka kwemisebenzi kuphezulu kakhulu selokhu iStatistics South Africa yaqala ukulandela isibalo ngowezi-2008. Ucwaningo lwabasebenzi lwekota lonyaka lweStats SA lukhombisa ukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kukhuphuke kwaya kuma-34.4% kunyangantathu wesibili walo nyaka, kusuka kuma-32.6% kunyangantathu wokuqala. OyiStatistician General uRisenga Maluleke umemezele izibalo zekota zakamuva ePitoli.

Ucwaningo lukhombise ukuthi inani labantu abaqashiwe lehle ngezi-54 000 kunyangantathu wesibili laya ezigidini ezingama-14.9. Iphinde ikhombise ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sikhuphuke ngezi-584 000.

UMaluleke uthe, “Izinga labantu abangasebenzi ngonyangantathu wesibili ngowezi-2021 – isibalo salabo ababeqashwe kunyangantathu wokuqala kowezi-2021 sehlile kunyangantathu wesibili ngabantu abazi-54 000.

See Also

Isibalo sabangasebenzi sikhuphuke ngabantu abazi-584 000 sisuka kubantu abayizigidi eziyisi-7.2 safinyelela kubantu abayizigidi eziyisi-7.8. Izinga labantu abangasebenzi eNingizimu Afrika kunyangantathu wesibili kowezi-2021 lingama-34.4% – lokhu kuphezulu kakhulu esesikubonile kusukela ngowezi-2008.”

Umhlaziyi wezomnotho nezokuqashwa u-Andrew Levy uthi, “Lokho kukhuphuka ngama-2.4% futhi lelo yinani elikhulu kakhulu futhi kusobala ukuthi singakubeka lokhu esimweni sobhubhane oluhlasele umhlaba lokhuvethe kanye nokudilizwa kwabasebenzi okuqhubekayo okubonakala kuwo wonke umnotho, ngokusobala nakho kubonisa lokho. Umbono omubi kakhulu wezomnotho esibhekene nawo. Ngakho-ke sisonke sinxuse bonke abantu, uhulumeni, iminyango ebhekene nabasebenzi ukuthi baphaphame.

Scroll To Top