Now Reading
Ezezithuthi: Usuphenduke umalugaju umgwaqo onguthelawayeka
Dark Light

Ezezithuthi: Usuphenduke umalugaju umgwaqo onguthelawayeka

Usuphenduke umalugaju umgwaqo onguthelawayeka ohlanganisa izifundazwe ezine, iWestern Cape, iEastern Cape, iKwaZulu-Natal neMpumalanga, kodwa lapho ekunesishozi khona ilaphaya oPhongolo lapho kubhubhe abantu abangamashumi amabili engozini yeloli neveni ebithwele izingane ebezisuka esikoleni kanye nothisha. 

Ngendlela ezilimale ngayo, kuholele ekutheni kuze kudidiseke nesibalo sabantu abashonile kuleyangozi. Kusukela ngoLwesihlanu belimala, kwaba uMgqibelo neSonto,kutholakala umbiko wokuthi kushone abantu abangama-21. Kwathi ngoMsombuluko sase siyashintsha isibalo sathi kushona abantu abangamashumi amabili kuphela; isizathu sokudideka indlela abebelimele ngayo ngoba kukhona obalwe kabili. Lokho nje kukodwa kuyakuchazela ngohlobo lwengozi oluyiyona.

Le ngozi enyantisa igazi yehle ngoLwesihlanu ngezikhathi zehora lesibili ntambama kwatakulwa kwaze kwashaya ihora lesibili entathakusa ngoMgqibelo. Le ngozi eyehla kuN2 ilandela ingozi eyenzeke ngoNhlaba zingama- 28 kuN3 Peter Brown lapho kwashona khona abantu abayishumi nesithupha basha bangqongqa, nakho okuholele ekutheni baphuze ukungcwatshwa ngenxa yokuthi bekusafuneka ukuthi kuyokwenziwa ulibofuzo.

Kulengozi yasoPhongolo  bazokwazi ukungcwaba ngesikhathi abafuna ukungcwaba ngaso, akukho lapho kuzolindwa khona ulibofuzo.

Umphakathi wasoPhongolo ukhala ngokuthi usungcwaba inyanga nenyanga ngenxa yezingozi ezidalwa amaloli. Lezi zingozi zidalwa ukwenyuka kwesibalo samaloli asebenzisa uN2 ukusuka eMpumalanga ezaKwaZulu-Natal. Njengenhlangano i-Ayanda Msweli Foundation, savuka ekuseni kakhulu ngakusasa,ngoMgqibelo,  salibangisa oPhongolo. Ekufikeni kwethu, saphelezelwa umnyango wezicishamlilo kamasipala lapho babegcine khona iveni neloli. 

Sihlanganenembibizane lapho sifice khona kusenezingebhezi  ezimbili esikhenkeni seveni ebithwele izingane. Ithimba labacwaningi beligeje lezo zigebhezi ngayizolo ngenxa yokuthi baqeda ukutakula ebusuku sekumnyama. Sasuka lapho saya endaweni lapho kwenzeke khona ingozi. Bekusenamabala abomvu emgwaqeni lapho okutholwe khona izidumbu. Umphakathi wasoPhongolo, kanye nenye yeForamu yasoPhongolo bathi u-N2 wasoPhongolo uzilile; kulesi sikhathi sokuzila abalindele ukubona noma ukuzwa iloli njengoba mabebona iloli kusavuka iminjunju.

See Also

Okwamanje umphakathi awufisi kube khona amaloli adlulayo kuze kube kuphuma isixazululo ngoba umgwaqo mncane kakhulu futhi awukwazi ukuthwala inqwaba yamaloli.

Sibuyele oPhongolo ngoMsombuluko,  zili-19 kuMandulo wezi-2022 ngokubambisana neSANTACO Hlokomela. ISANTACO Hlokomela inikele ngo-R4000 kumuntu ngamunye olahlekelwe yimpilo yakhe, efinyelela ku-R84 000; lesi samba sasetshenziselwa ukuthenga igilosa yomndeni ngamunye othintekile. AbakwaPick ‘n Pay basoPhongolo nabo basinikeze umnikelo wezingubo eziwu 20 zemindeni ethintekile.

 Abahlonishwa uMnuz uSipho Hlomuka  kanye nozakwabo ophethe kowezempilo uNksz Nomagugu Simelane bafika ngawo uMsombuluko bezohlanganisa amehlo nemindeni, bathole nethuba lokuhlola indawo lapho kwenzeke khona ingozi. Ngokujwayelekile, makwenzeke isibhicongo noma inhlekelele yengozi umphathiswa wezokuthutha uyaye ephuthume esigamekweni kodwa kulesi sasoPhongolo isigameko uze wafika ngoMsombuluko. Kuyadinga njengomphakathi sicaciselwe ukuthi ithini inqubomgomo yehovisi likamphathiswa wezokuthutha uma kwehle ingozi yalolu hlobo.

Scroll To Top