Wakuqala echitha ngakho isizungu ukulingisa


Ukulingisa kumele kuhambisane futhi kwesekelwe nayimfundo. Lawa ngamazwi kaBongani Gumede owazakhela ugazi kubabukeli bethelevishini elingisa indawo kaMandla Ndlovu emdlalweni owuchungechunge osuwaqedwa iSibaya. ngoNhlaba uGumede uzuze iziqu ze-Art eNyuvesi yaseWitwatersrand.
Ukulingisa nodumo akuzange kumvale amehlo kulokho ayekholelwa kukho njengoba ethi empilweni umuntu ufunda aze ayongena egodini. “Ikhono elihamba ngalodwana alenele, kumele kube nesisekelo semfundo, ngoba singekufihle ukuthi njengabantu kusemqoka ukuthi sihlale sifunda.”
KuSibaya uGumede wayedume ngokuba uphakimpi, futhi eyiphela endlebeni kumfowabo aphinde abe ngusomatekisi. UGumede ungowokuzalwa eBenoni eGauteng nalapho eqale khona ukulingisa emidlalweni emincane. Ukulingisa uthi wayekwenza njengento ayechitha ngayo isizungu kanti kuzogcina sekungumsebenzi wakhe ogcwele. Akakufihli ukuthi “izidlo” zake zamphazamisa endleleni yakhe kodwa wakwazi ukusukuma azithathe.
Ngonyaka we-2006 wabonakala okokuqala eshashalazini elingisa emdlalweni owawukhonjiswa kuSABC3 iThe Lab. Ngawo futhi lowo nyaka kwaze kwaba ngolandelayo we-2007 wanikwa indawo yokulingisa u-Oupa Dube emdlalweni wakuSABC1 iMzansi. Ngonyaka we-2009 isiteshi sethelevishini i-e.tv samthatha walingisa emdlalweni owuchungechunge i-eKasi: Our Stories ngaphambi kokuba yingxenye yabalingisi abahamba phambili emdlalweni iSibaya lapho elingise khona amasizini ayisishiyagalombili.
Ikhono lakhe lokulingisa lenza wahlabana ngomklomelo iGolden Horn Award ngokuba uMlingisi oVelele kuSibaya. Ukuzigqaja kwakhe ngolimi aluncela ebeleni isiZulu kwenza waqokwa njengomqeqeshi wabalingisi babelungu emdlalweni iCatch a Fire okwakudlala phambili kuwo uTim Robbins. Uma echaza ngempilo yakhe kuSibaya, uthi kwamsiza ukudlala nabalingisi abanamava ngoba kuningi akufunda kubona ebalula kubo uNomzamo Mbatha, Menzi Ngubane no-Ayanda Ngubane.