UMntwana uMagadavu wayeyiciko elikhuza izaga
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Zeblon.jpg?fit=80%2C78&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Zeblon.jpg?fit=156%2C151&ssl=1)
UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
lzinduna naBantwana bakhuza ubunqayinqayi nhlangothi zombili bezama ukwehlisa ulaka. Kuthe lapha izinduna zithi uMntwana uMshiyeni uyiNkosi. Waphendula uMntwana uMagadavu wathi; “Akayona iNkosi, lapha kukwaMandlakazi. Ungubambela wasoSuthu. Nami ngingubambela wakwaMandlakazi” Ngalenkathi wayesemi ngonyawo ngaphezu kwalo ibhubesi. Bathi uMntwana uMagadavu wayesebhonga kuhle okwenkunzi yengonyama, isibhamu sakhe esesibambe ngezandla zombili.
Kwacacela noma ubani owayelapho ukuthi sekonakele, kungahle kuvuke okudala ibambane khona lapho ehlathini, impi yoSuthu noMandlakazi. Bamncenga aBantwana, uMntwana uMagadavu waze wagcina esethambile. Wathi esuka waselidikila ibhubesi ethi kulungile akalithathe kodwa angathi ngimnike ngoba yena emkhulu kunami. UMntwana uMagadavu wasekhuza isaga ngaso leso sikhathi esithi:
“lmbube yethu
Sayithatha nje
Sayidikila. X 2
Wo! Sayidikila!
Sayidikila!
Wo! Sayidikila!
Sayidikila!”.
Kwakuthi uma ehlezi nebandla ezenamele nje, ebusa, abesethi;
“Bumnandi ubukhosi, buphuma ngeziqu zoboya, nangezinzipho” Esho oweNkosi abantu kusengabantu, inhlonipho isabuzwa kubo. Kungasenjenganamuhla lapho abantu bakwaZulu sebechapha iNkosi yabo ngezinhlamba, bayikhombe nangeminwe emehlweni”.
Ihubo loMntwana uMagadavu
Konj’uMagadavu anga-sitha-thela-bamhlophe
lnko-si a-yisinike
Ehlanze-ni lezinyathi
Uyesa-ba uyesabu uPhindicala
Konj’iNdlabhu ingasibizela-mhlophe
INko-si ayisinike
Ehlanzeni lezinyathi
Uyesa-ba uyesaba nang’ uPhindicala
UMntwana uMagadavu nguyena owaphatha isikhathi eside kakhulu eyibambabukhosi kwaMandlakazi. Wabambela iNkosi uMntwana uBhokwe, waze wabuye wabambela iNkosi uMntwana uPhumanyova.
Kwathi esanda kuthatha isikhundla kuMntwana uHhahha “IShudu” kwase kusuka impi yokuqala yomhlaba yamaNgisi namaJalimane ngo-1914 kuyaku-1918. AmaNgisi aphoqa uZulu ukuba naye ayokwelekelela kulempi. Kwafika nakuye kwaMandlakazi umbiko othi akakhiphe amabutho. Wasekhipha nelakhe ibutho uPhindicala owayaziwa ngokuthi aManqinqinqi noma iNgumezi, eyelama iNyathi eyayibuthwe uyise iNkosi uMntwana uZibhebhu. Phela uMandlakazi selokhu waqala ukunquma amabutho kusukela kuMntwana uMaphitha. Kwathi lapho uMntwana uMaphitha efika ezweni lakwaNdwandwe wahlanganisa zonke izinsizwa azifica zisale eNkosini uZwide, wakha ngazo umbutho owodwa. Lezo nsizwa wazibutha ngokugunyazwa iNgonyama uShaka wathi; “AMankentshane adlumuntu ehamba”.
Amabutho akwaMandlakazi ayenomsebenzi omkhulu wokwakha umuzi weNkosi ukulima amasimu kanye nokubiya isibaya seNkosi. UMandlakazi ubewenza lomsebenzi enokubambisana neNdlunkulu. Kwakuthi uma lizonqunywa ngakusasa okukhulu ibutho bekufika iNgonyama uNyangayezizwe izokhuluma namabutho. INgonyama uNyangayezizwe yayiwatshela amabutho ukuthi uMntwana wakwaMandlakazi njengoba enza lomsebenzi nje, uwenzela iNdlunkulu, njengeKhanda laseKhohlwa. Umuzi munye, nobukhosi bunye neNdlu kaMalandela inye. Ngakho kungashiwo ukuthi uMntwana uPhumanyova usezibuthela awakhe amabutho, kepha ubuthela yona iNgonyama.
UMntwana uPhumanyova ubetshela iSilo ukuthi uzonquma liphi ibutho ngakusasa. Bekuthi uma iSilo sesiqedile inkulumo yaso bese sifisela uMntwana ukuba awuphothule kahle umsebenzi waso ngokunquma ibutho.
INkosi uMntwana uPhumanyova yena wabutha uNsikayezwe wamelamanisa noNqobizwe. Kwathi abafana ababeludibi muhla kubuthwa uNqobizwe wababutha bona wathi “uThulilwamabhunu luqonde eThokazi”.
Lapha wayeqondise esigamekweni sokuboshwa kwabafowabo bendlu yoMntwana uTokotoko ngempi yeNkulanka eThokazi. Abanye babo bafa kulempi kanti abanye bafela ejele. Kwathi ukukhothama kweNkosi uPhumanyova kwathatha iNkosana yakhe uMntwana uBhekintinta.
UMntwana uMagadavu wawakhipha amabutho esizwe sakwaMandlakazi nawo ahamba ayobhekana naMajalimane empini yawo yokuqala namaNgisi. Ekupheleni kwalempi uMntwana uBhokwe wasebekwa esihlalweni sobukhosi bakwaMandlakazi.
Kuthe ukukhothama kwenkosi uBhokwe kwabamba uNdunankulu uMhubulwana kaSikhizane kaNomageje wakwaButhelezi.
UNdunankulu wayebambele uMntwana uPhumanyova. Okwathi uNdunankulu uMhubulwana esaphethe kwabuye kwasuka impi yesibili yomhlaba. UZulu kwabuye kwathiwa akahlome ayosiza amaNgisi futhi kulempi yawo noHitler ka1939 kuya kul945.
UNdunankulu uMhubulwana wabiza amabutho wawatshela ukuthi uHulumeni uthi ayihlome.
Amabutho ateleka athi wona angekhishwe ngesandla senduna aBantwana beNkosi bekhona. Lokhu kungabenzela ishwa lokuba bafike bafele empini bonke ngoba uma bekhishwa induna kuzosho ukuthi bazobe bengahambi nedlozi lobukhosi bendlu yakwaMandlakazi.