Ingqalabutho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
USolwazi uHerbert W. Vilakazi wazalwa zili-18 kuNhlaba kowe-1943 KwaNongoma. Wayeyisazi sezokuhlalisana kwabantu eNingizimu Afrika. Ubedume ngokungahambisani nobandlululo, olwamgqugquzela ukuthi azame ukuluhlakaza ngaphakathi ngokuthi abe nguSolwazi eNyuvesi yaseTranskei, naphezu kwemibhikisho ye-African National Congress. Ubephinde abe ngumgxeki oqavile wemithi yaseNtshonalanga, futhi wakhuthaza ubhejane njengesithako sokwelapha iNgculazi neSandulela ngculazi. Ngowe-1958, eneminyaka eli-15 ubudala, wabhalela uMartin Luther King Jr., lapho atusa incwadi yakhe eyayisanda kushicilelwa ngaleso sikhathi ethi, Stride Toward Freedom: The Montgomery Story. Ezikhundleni zakhe wagcina ngokuba yingxenye yokufundisa eNyuvesi yaseKapa kusukela ngowe-1985 kuya kowe-1986, eNyuvesi yaseWits ngowe-1987 kanye naseNyuvesi yaseZululand kusukela ngowe-1988 kuya kowe-1998. Kusukela ngowe-1997 kwaze kwaba yilapho ethatha umhlalaphansi ngowezi-2004, ube yiPhini likaSihlalo weKhomishana yoKhetho yaseNingizimu Afrika. Washona zingama-26 kuMasingana kowezi-2016.