Kungenzeka yini ukuthi inkinga kagesi hleze ime endleleni kaRamaphosa yehlandla lesibili


Ngesikhathi engena esikhundleni ngoNhlolanja wezi-2018 into yokuqala athembisa ukuthi uzobhekana ngqo nayo kwabe kuwudaba lokunqanyulwa kwamandla kagesi ezweni okwenziwa yinkampani ewuphehlayo i-Eskom.
Lesi yisimo ayesazi kahle kamhlophe UMnu uRamaphosa ngoba ukunqanyulwa kukagesi kwakuqhubeka nangesikhathi eseyiSekela likaMnu uZuma. Lokhu kwamenza waba nesibunge kubantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi izimboni ezinkulu nosomabhizinisi ngokubanzi okuyibo abashayeka kuzwele ngokunqamuka kukagesi. Kubantu bakuleli, inkulumo kaMengameli yafana nesiqalo esisha sempilo kwazise ugesi uyisidingo sansukuzonke.
Akuphelanga sikhathi esingakanani uMengameli wathi kuyacaca ukuthi kukhona isandla semfene sabamnyundelayo. Kushintshwe ubuholi nabaphathi kwa-Eskom kuzona zonke izigaba kodwa inkinga kagesi isamile. Sikhuluma nje izwe lonke lisesigabeni sesine sokunqamuka kukagesi.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe i-Eskom izolo, kuzoqhubeka impelasonto yonke, kodwa kungenzeka kwehlele esigabeni esisezansi kusasa ngoMgqibelo. Lokhu kuchaza ukuthi kwezinye izindawo unqamuka izikhathi ezimbili ngosuku. Amanye amabhizinisi kuyaphoqeleka ukuthi avalwe singakashayi isikhathi.
Abaphathi bezinkampani bakhala ngokuthi bagcina sebekhokhela abasebenzi imali yamahora abawahlala bengasebenzi ngenxa yokuthi akukho okwenzekayo uma ugesi ungekho.
Ngaphandle kwezinkinga ezikhungethe uMengameli okukhona ezithinta imali eyatholakala epulazini lakhe iPhala Phala kanjalo nodaba oluthinta uMvikeli Womphakathi, kubonakala inkinga yokunqamuka kukagesi kuyiyo cishe engamlalisi ebusuku.
Le nkinga hleze kube yiyo futhi engama endleleni yakhe yokuba aphathe ihlandla lesibili okuyinto aseyivezile ukuthi uyayidinga. Uma kungenzeka kubhede uhlelo emizamweni yakhe yehlandla lesibili, uRamaphosa uyoba nguMengameli wokuqala we-ANC ohlulekile ukuphatha isibili uma singambali uMnu uMandela owakusho zisuka ukuthi uzophatha ihlandla elilodwa bese eyideda indawo. Ukukhuluma sekuqalile emagatsheni ukuthi uMatamela isimphunyukile ekagesi okungenzeka ukuthi aphunyukwe nayihlandla lesibili.
Kukhona abathi esikhundleni sokuba zathi zisuka amadaka wabhekana nenkinga, yena wazimoshela ngokuthi athi kunesandla semfene ubona kungathi uyanyundelwa. Ngesikhathi ethula izinhlelo zakhe ngogesi ezinyangeni ezimbili ezedlule wakuveza ukuthi izwe lintula ugesi oyi-6 000MW.
Phakathi kwezinhlelo azibeka ezazizolekelela ekuphumeni ebumnyameni kwabe kuwukulungisa isimo kwa-Eskom, nokusebenzisa ezinye izindlela zokuphaka ugesi ngokufaka izinkampani eziwusabalalisayo ezizimele. “Into ebuhlungu ukuthi okwenzekayo kuthinta izimpilo zabantu. Kuphazamiseka izinkampani. Engingakusho ukuthi izinkinga ziyasetshenzwa ngaphansi kohlelo engalumemezela.”
Kubantu baseNingizimu Afrika leli sekwaba yiculo kwabanye yinganekwane nje ngoba kumanje kukhona abahleli ebumnyameni, kwabanye kubola izinto emafrijini. Njengoba sekuthwasa ihlobo impilo izoba nzima kakhulu ngoba kusebenza kakhulu amafriji, ama-airconditioner.