Now Reading
UYAPHILA: KWASUKA UKUKHULUMA
Dark Light

UYAPHILA: KWASUKA UKUKHULUMA

nguMfo waKwaNomajalimane

Ibhuntshile imizamo yokusoconga uMengameli waseRussia uPutin. Imibiko ithi abahlaseli badubule ngentuluntulu imoto yakhe kepha kwala. Kunokwesaba ukuthi imamba izophuma emgodini izophindisela.  Lishone elayizolo sekuvele ukuthi  sebeshaqiwe bayiswa ndawo ndawo labo abayisibalo esincane sabazi izinkambo zikaPutin kulandela ukubhuntsha kwetulo lokumsoconga. Umbiko uthi sekuphume izingwevu ze-Komitet Gosudarstvennoy Bezopasnosti (KGB) okulibutho lakhe uPutin.

Scroll To Top