Kunengebhe ngodlame ngemiphumela yokhetho e-Angola
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INkantolo yoMthethosisekelo e-Angola yenze isinqumo esingujuqu sokuchitha isikhalazo esifakwe yilabo ababe ngabesibili okhethweni lwangoNcwaba ababefuna ukuchitha imiphumela yokunqoba kweqembu iPeople’s Movement for the Liberation of Angola (MPLA.
Ngemuva kokhetho lukazwelonke ikhomishini yokhetho imemezele ukuthi iMPLA inqobile yanikeza uMengameli uJoao Lourenco (osesithombeni) ihlandla lesibili. Bangaphezu kwama-51% abavoti abebeseka iMPLA ngokusho kwemiphumela. INational Union for the Total Independence of Angola (UNITA), eyimbangi enkulu yeMPLA ithole ama-44%, lomphumela wayo muhle kunawo wonke emlandweni, ngokusho kwekhomishini.Umholi we-UNITA, u-Adalberto Costa Junior, uyinqabile imiphumela, waveza ukungahambisani phakathi kokubala kwekhomishini kanye nezibalo zeqembu.
Usole ikhomishini yokhetho, ephethwe kakhulu yiMPLA, ngokukhwabanisa. Ikhomishini isisho kaningi ukuthi lolu hlelo belunobulungiswa futhi lusobala. Ngokwezibalo ezihambisanayo ze-UNITA, ithole amavoti angama-49.5% kwathi iMPLA yathola ama-48.2%.
Isibalo esifanayo senhlangano yomphakathi iMudei, eqaphe lolu hlelo, iphinde yakhombisa i-UNITA phambili kancane. Inkantolo, eholwa owayeyilungu leMPLA, ikhiphe isinqumo sokuqala ngoMsombuluko ngokumelene nesikhalo esifakwe yi-UNITA kodwa isinqumo sangoLwesine siwujuqu futhi ngeke siphikiswe, nokuvula indlela yokuthi uLourenco afungiswe ngesonto elizayo.
Isikhulu senkantolo uLaurinda Cardoso utshele abezindaba ukuthi ubufakazi buhlaziyiwe futhi banquma ukulenqaba icala.
I-UNITA namanye amaqembu aphikisayo acele ukuthi kube nemibhikisho enokuthula yokubhikishela abakuchaze njengokungahambi kahle okhethweni. Phakathi kwezikhalo ezikhona kukhona esokufa kwabantu abebesohlwini lokhetho nokuthi iqembu elibusayo belinikwa isikhathi esiningi emoyeni kunamanye amaqembu.
Abantu bangene ezinkundleni zokuxhumana benxusa ikhomishini yokhetho ukuthi ikhiphe amaphepha ayo emiphumela ukuze iqhathaniswe nezibalo ezihambisanayo. “Sifuna iqiniso lokhetho,” kusho owesifazane osemusha kuvidiyo eyabiwe nguMudei kuTwitter. “Hhayi ekukhwabaniseni!”
I-Angola ibeke amabutho ayo ahlomile “ekulungiseleleni ukulwa okukhulu” kuze kube uMandulo zingama-20 ukugwema izigameko ezingase “ziphazamise ukuhleleka komphakathi”, kusho uhulumeni. Abahlaziyi besaba ukuthi isinqumo senkantolo singase sibhebhethekise imibhikisho emigwaqeni entsheni ehlwempu nekhungathekile evotele i-UNITA.