Intokazi yaseMadundube ithobekile yize ivelele


Nawe Madundube awumncinyana. Lesi sisho sivamise ukuzwakala lapho kusuke kutuswa indawo thile umuntu ovelele okanye owenze okuhle asuke eqhamuka kuyo.
IMadundube ingenye yezigodi eziningi ezakhele iMbumbulu ngaphansi kweNkosi yesizwe sakwaMakhanya. Kukule ndawo lapho kuzalwa khona umlingisi wethelevishini uSamkele Mkhize owazakhela igama emdlalweni wethelevishini osuwaphela iSibaya elingisa indawo kaMabuyi.
Ukuzithoba, isizotha, ukubukeka nokungazinyezi ngolimi lwesiZulu ngezinye zezinto ezenza le ntokazi yaseMaphophoma yazithola isinabalandeli abaningi kulo mdlalo. Wazalwa zi-3 kuNdasa we-1988 ngabazali abangabafundisi. Impilo yayo eningi iyichithe esontweni yenza imisebenzi yebandla ngaphambi kokuzibandakanya nemidlalo yeshashalazi.
Ngaphambi kokulingisa uSamkele ubeyintombazane ekhonze ezemidlalo futhi nekhono lakhe libonakala nalapho. Waqala ukulingisa ngowezi-2006, ngesikhathi eba yingxenye yemidlalo yeshashalazi yabasacathula, ngaphansi kwesandla sika-Edmund Mhlongo esikhungweni iKcap KwaMashu.
Ekuboneni ikhono lale ntokazi uMhlongo akazange apholise maseko wabe eseyiyithatha ukuba ibe ingxenye yomdlalo weshashalazi ongumculo owawubizwa ngeMadame President. Kusukela lapho akabange esabheka ngoba walifulathela elikaMthaniya amabonbo wawabhekisa eGoli.
Efika nje lapha kwaphoqeleka ukuba abuyele eThekwini emuva kokuzwa ukuthi kwabe kunenhlolokhono yabalingisi ababezodlala kuThe Road, kodwa wakhala ngaphansi. Lokho akuzange kumthene amandla ekufezeni iphupho lakhe kwezokulingisa.