INdlovukazi ezala enye: Phezu kobuhlungu isamile
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kulandelana walahlekelwa yiSILO, indodakazi yakhe iNdlovukazi yaMarharhabe nomlobokazi iNdlovukazi uMantfombi
Kuhlale kungekho ubulungiswa ekubhalweni nokuxoxwa komlando. Abesilisa kuhlale kuyibo ababekwa njengamaqhawe bese kuthi abesifazane babekwe kude le. Ngeshwa leli phutha nathi siyalenza.
Odabeni nje lwaseNdlunkulu kaZulu sikhuluma ngalokhu okuvela njengombango nayilapho kugqama abesilisa njengabalingisi abamqoka. Ongagqami nocishe ongumlingisi omqoka yiNdlovukazi uMavis Maud okaGwabini. Lo msinsi wokuzimilela eThekwini (eClairmont) ukhulele kwaNongoma.
Ufike eNdlunkulu kaZulu ngeNgonyama endala uBhusha kanti nguye yedwa osele koNdlunkulu neNkosi. Ungukhokho nogogo kwabaseNdlunkulu nomamezala kubo bonke abalobokazi beNdlondlo esanda kwebuza.
Iphawula ngobumqoka baleNdlovukazi, iNyosi uBuzetsheni Mdletshe uthi, “Akekho ongaphezu kwakhe. Ungomunye wezinsika zoBukhosi uNkulunkulu asasigcinele yona,” kusho umfokaSombila. Kulokhu kukhuluma nje okukhona eNdlunkulu umi mpo ekutheni ngubani iNkosana kaZulu ephikisa ngisho abazalwa nguye bona abasho okunye.
Ephawula ngobuqotho beNdlovukazi uMntwana wakwaPhindangene wathi, “Bengimazi impela kulokhu ngimaze ngokunye. Ube ludondolo olumangalisayo ngesikhathi ekumela lokho ayikho, ehlanganisa umndeni, kusho uMntwana.
Iningi elingakwazi ukuthi INdlovukazi umaZungu ingunina weNdlovukazi engasekho yaMarharhabe, uNoloyiso Sandile okaBhekuzulu. Lokhu kwenza ubuhlungu bakhe buphindwaphindwe njengoba okwalandela lapho kwaba ngukwebuza kweSILO ngokwesiko esiyindodana kuye njengoba ayegane uBhusha.
Kuthe kusenjalo kwalandela umlobokazi wakwakhe iNdlovukazi UMantfombi (iGwalagwala). Khona lapho kumsindo oseNdlunkulu kubukeka eselahlekelwe ngamadodana akhe wona iNkosana kaZulu ayikhomba kwenye indawo.
Phezu kwakho konke lokhu kulahlekelwa kuyamangalisa ukuqhubeka nokuyibona iNdlovukazi inesizotha manxa ikhuluma nabezindaba nesizwe.
Iyaqhubeka nokuba ngumkhombandlela walokho ekumele njengesimiso sikaZulu kanjalo nokuba ngumama kubobonke ngisho nalabo abangavundlanga okhalweni lwayo.
Akukho ukungabaza ukuthi kungekudala umlando uyoqopheka ngaye nokwenza kwakhe ngakhona ezikhathini ezinzima eNdlunkulu nasesizweni. Akukho ukungabaza ukuthi umlando wona ongumehluleli wokugcina ngathi uyakumehlulela kahle.
Umnikelo wakhe kuZulu uyakulinganiswa naloyo weZindlovukazi ezindala ezingagcinanga nje ngokugana iNkosi kepha zagana nesizwe.
- ISigqiki yingosi yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.