Now Reading
KoMkhulu: Umdlavuza weNdlunkulu kaZulu unabela esizweni
Dark Light

KoMkhulu: Umdlavuza weNdlunkulu kaZulu unabela esizweni

 


  • AbaseNdlunkulu bexwayiswe ngobumqoka besizwe nemikhosi yaso
  • UMhlanga uyaqhubeka

Umlando ubukeka uziphinda eNdlunkulu kaZulu noZulu. Lokhu kulandela ukwenaba kokungaboni ngasolinye. Umlando ocishe ufane nalona wenzeka ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uCetshwayo kaMpande lapha ukungaboni ngasolinye kwizindlu zakoMkhulu kunabela esizweni.  

Ngaleso sikhathi ababebhekene ngeziqu zamehlo yiNgonyama uCetshwayo kanye noMntwana uZibhebhu kaMaphitha eNdlini yakwaMandlakazi.

Buningi ubufakazi obukhomba ukuthi yize kwakukhona ukungaboni ngasolinye egcekeni kepha kwabuye kwangena isihlava okuyisandla sabelungu abenza lokhu ngaboni ngasolinye kusabalale.  

Lomuga owehlela iNdlunkulu kaZulu wenza umonakalo omkhulu hayi kuphela kuyo iNdlunkulu kepha nesizwe sakayeka phakathi. Yalahleka imiphefumulo, yasha imizi kwamuncu ezweni. Isandla sabacindezeli sadala inzondo kwabuye kwaklaywa nezwe phakathi njengoba laba seliba makhosikhosi, abelungu sebezibekela aMakhosi ngesikhathi Ingonyama uCetshwayo isezikhindini. Ngalesi sikhathi yaphazamiseka iMikhosi kaZulu njengoba abelungu eminye enjengokubuthwa kwezinsizwa bayivala. 

Ngonyaka wezi-2022 lesi sithombe sibukeka siqala sakheka njengoba sekunokukhuluma kokuthi kukhona abanenye “Inkosi” ngale kwale ekhona. 

Kubuye kwagqama lesi sithombe uma sekukhona ukukhuluma okuthi uMkhosi woMhlanga okungomkhulukazi ungahle ungabi bikho noma kube nokuchitheka kwegazi.

Encwadini ayibhalele uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMhlonishwa umaDube Ncube,   uMntwana uMxolisi kaBhekuzulu waxwayisa ngokuqhubeka koMkhosi eNyokeni. 

“Enyokeni yiSigodlo seNkosi uSimakade kaZwelithini, ngakho ukuba khona kukaMntwana uMisuzulu nabalandeli bakhe eNyokeni kuyobe kuyisenzo sochuku…”

Lenkulumo yoMntwana uMxolisi  idale imvunge ezweni bebodwa abahumusha lokhu “njengokukhonga impi”. Akugcinanga lapho ngoba izolo kuke kwanesimemo ebesithunyelwe kwabezindaba. Lesi simemo besithi “Isilo uSimakade kaBhekuzulu uzoba okokuqala nesithangami sabezindaba ngemuva kokungena esibayeni seNkatha kaZulu eNyokeni. 

See Also

Isilo sizocacisa futhi sinezinto esifisa ukuzidlulisa ngomlomo waso, kulandela izinkulumo eziningi ngokuzoqhubeka nokuqondwa ukuthi iNdlunkulu inezinhlelo zayo ezithinta umkhosi woMhlanga”, kusho isitatimende. Akuphelanga sikhathi singakanani kwabe sekuphuma esinye ebesithi lesi sithangama kasisekho ngenxa  ‘yezokuphepha’.

Khona lapho uNdunankulu kaZulu uziphendulile izinkulumo ezithi ISILO uMisuzulu kasinalo igunya lokusebenzisa iSigodlo saseNyokeni.  UMntwana uthe ISILO esiphezulu siyinhloko yazo zonke izigodlo zikaZulu.

Izinkulumo zokuchitheka kwegazi zinenge abaningi njengoba emsakazweni nasezinkundleni zokuxhumana abantu bebeveza ukungenami kwabo ngokucijwa kwemikhonto imilomo ivunana ekutheni uMkhosi lona awuqhubeke njengefagugu likaZulu.  

Ikhuluma emsakazweni uKhozi FM iNyosi uMdletshe wexwayise iNdunkulu ngephutha lokucabanga ukuthi ingama ngaphandle kwesizwe.

“Ngiyafisa iNdlunkulu ikuqonde ukuthi ayilutho ngaphandle kwesizwe. Lokhu abanye beNdlunkulu abathi wuMkhosi weNdlunkulu benza iphutha, loMkhosi ngowesizwe ngakho akekho ongavimba uZulu (isizwe) ekwenzeni umkhosi wawo” kusho iNyosi.

Scroll To Top