Akwesekwe ukubambisana kweminyango kweleNdlovukazi uMthaniya



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
NgoLwesihlanu olwedlule emini bebade uMphathiswa wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, u-Amanda Bani-Mapena, ubalule ukuthi bazokwenza okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo abaziqalayo bewumnyango ziyalandelwa kungagcini kuphela ngokwethulwa kwazo.
UBani-Mapena ukusho lokhu ngenkathi kusayinwa isivumelwano sezemidlalo yezikole phakathi koMnyango wezeMidlalo nowezeMfundo eMona Sports Ground, KwaNongoma.
“UMnyango engiphathiswe wona wezeMidlalo namaSiko, ungene esivumelwaneni noMnyango wezeMfundo esifundazweni, ukuthi sivuselele futhi sithuthukise uhlelo lwezemidlalo ezikoleni. Lokhu kubambisana kokuletha uhlelo lwezemidlalo oluphambili esikwenza noMnyango wezeMfundo, sikwenza sibambisene neKwaZulu-Natal Sports
Confederation nezinye izinhlaka.
Uhlaka nohlaka kanjalo neminyango yomibili yabe isichaza ukuthi yilowo nalowo kube khona iqhaza olubambayo.
Esizimisele ngokuthi kwenzeke wukuthi izinhlelo ezinjengalolu esiluqalayo, senze okusemandleni ukuthi siyalandelela ukuthi ziqhubeka ngendlela efanele. Kungagcini nje ngokuthi zethulwe kugcine lapho”.
Kwangichaza ukubona izingane eziqhamuka ezindaweni zasemakhaya zikonyeliswa ngokwenza kahle kwimidlalo efana namabhayisekili, ichess, kanye nenetball.
Ngingomunye wabantu engifisa ukuba amazwi kaMphathiswa kube ukuthi kuya ngawo, kungagcini ngokuthi kukhulunywe ngoba kukhona abezindaba ukuze bezobhala bese kuphela kanjalo.
Iqiniso ukuthi ligotshwa lusemanzi ngakho kufanele ezemidlalo kube yinto egqugquzelwayo ezikoleni. Kuthi sekwenziwe njalo bese kungagcinwa nje ngokuthi kube unobhutshuzwayo kodwa kube iyona yonke iminxa yezemidlalo.
Akuwona wonke umfundi odalelwe ukuthi uyophumelela ngemfundo, ingakho kubalulekile ukuthi kumele ethi efunda ebe enza nezemidlalo. Emhlabeni jikelele iningi intsha ithola imifundaze yokuya ezikoleni zabadla izambane likapondo ngakho ukwenza kahle kwezemidlalo kumqoka.
EMelika imfundo ixutshwa nezemidlalo, khonake kuyakuphoqa ukuthi wenze kahle kwezemfundo. Uma uke wabheda esikoleni, uyamiswa ukuthi uqhubeke ukudlala lolohlobo lo mdlalo owudlalayo.
Emalokishini bekudumile ukuthi njalo ngoLwesine kuma yonke into ephathelene nokufunda kuyiwa enkundleni. Kodwa ngibona lehlile izinga, ngajabula ezinyangeni ezedlule ngibona izinkakha zaKwaMashu, ziqhamuka nomqondo omuhle wokuthi zenze umqhudelwano kanobhutshuzwayo obandakanya izikole.
Sekungumlando ukuthi lo mqhudelwano wagcina unqotshwe iNqabakazulu High School ihlula iDr J.L Dube High School. Lo mqhudelwano waphinde wanikeza ithuba intsha ukuthi idlale ePrincess Magogo Stadium, phambi kwezinkakha ezifana noTsepo Tsoane owayedlala kwiLamontville Golden Arrows noJoel Faya yena owaduma ku-Amazulu FC kanye nezinye izinkakha eziningi.
Intsha yanamuhla isinenhlanhla manje kwazise sekukhona iDStv Diski Challenge iKwaZulu-Natal inamaqembu amahlanu kuDStv Premiership kukhona iLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, iRichards Bay FC, iRoyal AM neMaritburg United, uma kungathiwa impela kuneligi enkulu yezikole edlalwa ngoLwesihlanu la maqembu engiwabalulile engaphuma nenqwaba yabadlali. Kungaze kuyothathwa abadlali bakwezinye izifundazwe.
Kuze kube imanje uSiyabonga “Bhele” Nomvethe uyena osaphethe irekhodi lokushaya amagoli amaningi kwiPremier Soccer League (PSL), umlando uyakuveza ukuthi lo mgadli wagqama ngayo belu imidlalo yezikole. Nokwathi noma esafunda wakwazi ukujoyina i-African Wanderers.
AmaZulu FC anobudlelwano obuhle neGlenwood High School, ngingajabula ngelinye ilanga namanye amaqembu enze okufanayo. Kungagcini nje ngonobutshuzwayo kodwa nakweminye iminxa yezemidlalo , leli ilona vangeli engifisa ligqugquzeleke.