Now Reading
Ikhekhe likashizi elingabhakiwe
Dark Light

Ikhekhe likashizi elingabhakiwe

Ngenxa yokubona indlela abantu abaphila ngayo esikhathini samanje, abakhiqizi bavame ukuzama ukuqhamuka nezindlela zokwenza izinto zibe lula. Impela lokhu kuhle ngoba kuvame ukonga isikhathi, singazitholi sichitha isikhathi eside senza okuthize. Lokhu ngivame ukukubona kakhulu nasezintweni ezithinta iziko. 

Namhlanje sekukhona izinto ezifana namaPressure Cooker, apheka ukudla okufana nezitambu nosu, njalo njalo, ngesikhathi esifushane ngendlela eyisimanga. Kanti lokhu ngikubonile kakhulu nasekudleni uqobo. Sekunemikhiqizo ephekeka ngesikhathi esifushane kakhulu kunalesi ebesivame ukupheka ngaso. Lokhu ngikubone emikhiqizweni efana nempuphu, i-oats nokunye. 

Angisuyena umuntu ovame ukuheheka kalula ngalolu hlobo lwemikhiqizo. Kuze kube manje angikaze ngiyithenge le mpuphu noma eminye imikhiqizo efana nayo. Ngihlale nginokungabaza ngezithako ezenza kuphekeke kalula – akuhlali kahle kimina! Nakuba ngigcine ngigobekile nokho ngePressure Cooker. 

Kukhona izinto engizijabulelayo uma kuba khona indlela yokuzenza kalula. Njengoba sibonile esiqeshini sangeviki eledlule, ikhekhe likashizi elibhakwayo lithatha isikhathi eside kakhulu. 

Nakuba ngangimanqika ukuzama ukwenza leli khekhe ngaphandle kokulibhaka, ngagcina ngilizamile kanti angizange ngizisole. Okwakungenza ngingabaze ukwesaba ukuthi angeke liqine ngendlela okufanele liqine ngakhona kanjalo nokunambitheka kwalo kungenzeka kungafani. Uma nawe ubumanqika ngaleli khekhe, ngikunikeza isiqiniseko ukuthi angeke uzisole. Njengesethembiso, sizocobelana ngendlelakwenza yaleli khekhe kwesanamuhla isiqephu.

Leli khekhe likashizi elingabhakwa lilula kakhulu ukulenza uma liqhathaniswa nelibhakwayo. Ngenxa yokuthi akusetshenziswa maqanda, kanti alibhakwa, kulula ukugwema amaphutha. Leli elibhakwayo kusangenzeka ukuthi amaqanda ashaywe ngokweqile, libhakeke ngokweqile okanye lingavuthwa ngendlela. Kanti kuleli elingabhakwa, awukhathazwa yizona zonke lezo zinto.

Ukwenza Ikhekhe likashizi

  • Ukulungiselela ukwenza lelikhekhe kungathatha imizuzu engamashumi amabili (20)
  • Ukulibeka efrijini kungathatha amahora ayisithupha (6) kuya phezulu
  • Lenela abantu abayishumi kuya kwabalishumi nambili (10-12)

Izithako

Uqweqwe

  • Izinkomishi ezimbili (2) zamaTennis Biscuits agayiwe.
  • Ama-67g kashukela onsundu.
  • Ama-115g ebhotela elingenasawoti elincibilikisiwe.
  • Ikota (1/4) yenkomishi kashukela omhlophe.
  • Ikota (1/4) yethispuni kasawoti.

Isiqulelo (filling)

See Also

  • Inkomishi eyodwa nekota (1&1/4) kakhilimu.
  • Ama-680g weCream Cheese, ethambile nengaphumi efrijini.
  • Ingxenye (1/2) yenkomishi kashukela omhlophe.
  • Izipuni ezimbili (2) zikashukela osampuphu.
  • Ikota (1/4) yenkomishi kakhilimu omuncu, ongaphumi efrijini.
  • Amathispuni amabili (2) kajuzi kalamula.
  • Ithisphuni elilodwa (1) leVanilla Essence.

Indlelakwenza (Uqweqwe)

  • Endishini, hlanganisa zonke izithako zokwenza uqweqwe ngokhezo. 
  • Thela ingxube epanini lokubhaka ikhekhe likashizi.
  • Sabalalisa ingxube bese uyicindezela kakhulu ngokhezo. 
  • Faka kufriza imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu nengamashumi amabili (15 – 20).

Indlelakwenza yesiqulelo

  • Ngokusebenzisa umshini kagesi, shaya ukhilimu ngesivinini esiphezulu endishini emaphakathi nendawo ubukhulu, cishe imizuzu emihlanu. Beka eceleni.
  • Faka iCream Cheese kanye noshukela omhlophe kwenye indishi.
  • Hlanganisa ngomshini kagesi ingxube ize ibe bushelelezi, ibe sakhilimu. 
  • Khuhla amacala endishi ngokhezo ukuqinisekisa ukuthi konke kuyahlangana.
  • Thela ushukela osampuphu, ukhilimu omuncu, ujuzi kalamula kanye neVanilla Essence.
  • Qhubeka uhlanganise ngomshini, ngesivinini esiphezulu, imizuzu emithathu. Qinisekisa ukuthi kuhlangene ngokuphelele.
  • Uma usabona izigaxa zecream cheese emva kwemizuzu emithathu, qhubeka ushaye zize ziphele izigaxa.
  • Thela lokhilimu osushayiwe, bese uhlanganisa ngokhezo kuze kuhlangane ngokuphelele. Lokhu kungakuthatha isikhashana ukuze kuhlangane ngokuphelele. Qiniseka ukuthi ungasheshisi uma uhlanganisa, kodwa ube nesineke ngoba ukushesha kungakhipha umoya okukhilimu. 
  • Khipha uqweqwe kufriza bese uthela isiqulelo phakathi. Sebenzisa ukhezo ukusabalalisa isiqulelo sakho ize ilingane phezulu.
  • Yemboza ngokuphelele ikhekhe lakho ngoplastiki wokwemboza okanye ifoyili.
  • Faka efrijini amahora ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili (uma ungajahile ungaligcina ubusuku bonke efrijini). 
  • Khipha ikhekhe efrijini bese ulikhipha epanini ngobunono. 
  • Lisike libe izingcezu bese uyalithokozela ikhekhe lakho.

Amasu

  • Ungaligcina efrijini ikhekhe elisalile izinsuku ezingafinyelela kwezinhlanu.
  • Ungaligcina kufriza izinyanga ezintathu.
  • Leli khekhe ungalihlobisa ngezindlela ezahlukene. Ungabeka izithelo phezulu okanye ukhilimu oshayiwe noma iCaramel nokunye.

Ngingajabula ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Lokhu ungakwenza ngokungithumelela i-imeyli ku szungu@nkzgroup.co.za

Scroll To Top