Now Reading
Emuva kweminyaka basade bemlandela uMgidlana
Dark Light

Emuva kweminyaka basade bemlandela uMgidlana

IDemocratic Alliance (DA) ichaze izinsolo ngowayenguNobhala wePhalamende uGengezi Mgidlana yokuthi usezuze inkontileka yocwaningo nesikhungo, njengezikhathaza kakhulu.

UMgidlana waxoshwa eminyakeni emibili edlule ngemuva kokuthi isigungu esizimele esiqondisa izigwegwe samthola enamacala ayisikhombisa okungaziphathi kahle. IDA ithi izofuna izimpendulo mayelana nezinsolo kuSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula, kanye nabaphathi bePhalamende.

USotshwebhu weqembu uSiviwe Gwarube uthi kungamangaza uma uMgidlana wayengakhishwanga ngesikhathi kukhishwa  inkontileka ngenxa yokungaziphathi kahle kwakhe esikhungweni ngaphambilini. 

“Kanjalo njengeDemocratic Alliance, le mibuzo sizoyibuza kuSomlomo nabaphathi ePhalamende ukuze sithole kahle ukuthi ngabe yini ebhekiwe kuze kuthi uMnu uMgidlana anikezwe inkontileka. Ingabe inkontileka isikhishiwe? Yini ehlobene ngokukhethekile futhi yiliphi inani? Nokuthi kungani ebegakhishwanga ngesikhathi kusanezinhlelo zokukhipha inkontileka uma kubhekwa umlando wakhe omubi kakhulu kulesi sikhungo,” kubuza uGwarube.

See Also

Khonamanjalo, i-INkatha Freedom Party (IFP) ifunge yagomela ukuthi ngeke ivume ukuthi izinsolo zenkontileka kaMgidlana ziphele-nje kanjalo.

Scroll To Top