Ubulawe kusaphele izinyanga ezintathu eqashwe ngokugcwele



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usakhungathekile umndeni wakwaNgema ngokubulawa kwelungu lawo ebeliyiMeneja eMnyangweni Wezokuxhumana ehhovisi leMeya kuMasipala uMlalazi.
UMnu uBhekinkosi Reginald Ngema obeneminyaka yobudala engama-49 udutshulwe wabulawa ngoLwesibili kusihlwa. Uthelekelwe ngamadoda angaziwa okuthiwa avele avulela ngenhlamvu waphangalela khona lapho endaweni yesigameko.
UNgema ubenezinyanga ezintathu eqashwe ngokusemthethweni kuMasipala oholwa iMeya uNkk uQueen Xulu.
ElaboHlanga likhulume nendodana yakhe uThobile Ngema ebizwakala nasolimini ukuthi kunzima.
“Isikhathi esinzima kakhulu kuthina siwumndeni, sibuhlungu ngokusehlele bekuyinto ebesingayilindele. Okubuhlungu ubaba usanda kuqashwa uMasipala, nento ebisho lukhulu kuyena sisanda kujabulela lokho kanti sesizoba naye okokugcina. Ushiye isilonda esikhulu ngeke ngaqamba amanga. Umbuzo engizibuza wona ukuthi labantu akade ebondla sebezophila kanjani manje, uyena muntu obebeka isinkwa etafuleni ubeyiqhawe lethu”.
Uthe uyise ubethandwa abantu, futhi naye ebathanda.
“Ubaba bengimbiza ngekati ngoba lona linezimpilo eziningi. Okwenza ngisho njalo ingoba ezikhathini ezedlule uke wahlaselwa edutshulwa amahlandla ahlukahlukene kodwa esinda. Ngiyafisa sihlangane sonke siyizingane zakhe, simphelezele kahle ngoba ubeyiqhawe. Kubuhlungu ke ngoba uyena owayethi unezingane ezingama-25 mhlawumbe nangaphezulu, ezinye angizazi kodwa ngifisa zifike zonke” kubeka uThobile.
Uthe konke sebekushiyela kumaphoyisa ukuba kube yiwo abamba abenzi bobubi.
UNgema uyilunga lomphakathi laseShowe elidala, njengoba eminyakeni edlule wake waba ikhansela le-Inkatha Freedom Party (IFP).
ElaboHlanga liphinde lakhuluma neMeya uNks uXulu uthe: “Ngishaqeke kakhulu uma ngizwa lezi zindaba, zokuthi uNgema akasekho emhlabeni. Udlula emhlabeni nje ezinsukwini ezedlule besibhala izinto esifisa ukuzenza. Okubuhlungu akaze asho ukuthi kunezinsongo, ezikhona. Kusenzima ukukwamukela lokhu okwenzekile sishaqeke kakhulu. Sesihlalele ovalweni ehhovisi, akusebenzeki. ngoba asazi noma lempi iqonde kubasebenzi bakaMasipala noma bekukhona ebesingakwazi okwangaphandle obekubangwa phakathi kukaNgema nababulali. Noma kunjalo angikholelwa ukuthi ukhona umuntu okufanele aze abulawe, akekho ofanelwe ukufa” .
INkk uXulu uthe kubuhlungu ukuthi ukubulawa kwabantu eShowe sekuyinto eyenzeka nsuku zaphuma.
“Maningi amacala okubulawa abikiwe kulezi zinyanga ezedlule lokho kungishiya nemibuzo ukuthi bushonephi ubuntu kubantu. NgoMsombuluko kubikwe ukuthi khona umuntu odutshuliwe enxanxatheleni yezitolo, emasontweni edlule khona owagwaza washona. Uthisha wagwaza eya endlini yangasese. NjengosoDolobha wakulo Masipala, ngizibona ngiphoxeka kakhulu ngalezi zigameko ezilokhu ziqhubeka zenzeka” kubeka uNkk Xulu.
Ubalule ukuthi okubuhlungu kunakho konke ukuthi ziyabikwa izigameko kodwa ekugcineni kungaveli ukuthi obani abagcina beboshiwe. Ube esenxusa ukuthi amaphoyisa aqinise indlela yokusebenza kungabulawa abantu endaweni kugcine ngokuthula nje.
Khonamanjalo i-IFP ithe ifuna amaphjoyisa asebenze ngokungaphumuli ukuze kubanjwe ababulali bakaNgema. UMnu uThami Ntuli uthe kusanda kubulawa unogada weMeneja kaMasila iKing Cetshwayo okusho ukwanda kwezigameko zalolu hlobo.