Kubulawa abathathu empini ehlobene nombango wamatekisi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kudutshulwe kwabulawa abantu abathathu benhlangano yamatekisi u-Uncedo emahhovisi kasoseshini eMdantsane e-Eastern Cape ngoLwesithathu. Kuthiwa kuphinde kwadubuleka nomuntu ongahlangene nendaba yamatekisi naye washonela endaweni yesigameko.
Kusolwa ukuthi iqulu lamadoda angaziwa aqhamuke esevulela ngenhlamvu, ebhekise ehhovisi. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi abekho abantu asebeboshiwe okwamanje. Okhulumela amaphoyisa uThembinkosi Kinana (osesithombeni) uthi baphenya amacala okubulala.
“Kutholwe izibhamu ezimbili endaweni yesigameko kodwa abanikazi bezibhamu bebengakacaci. Izimo ezenzeke kulesi sigameko azikaziwa okwamanje kodwa amaphoyisa aphenya amacala okubulala. Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ukuba athinte amaphoyisa esiteshini saseMdantsane noma ashayele inombolo yethu yeCrime Stop ku-08600 10111.”
Ukubulawa kwabantu kuhlobene namatekisi esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Maphakathi noNtulikazi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu uBheki Cele, uthe bazosungula ithimba lamaphoyisa elizobheka udlame nokubulawa kwabantu embonini yamatekisi ezifundeni zasoGu naseHarry Gwala.
UCele ube nomhlangano nezinhlangano zamatekisi ezili-18 eGamalakhe ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.
Ekhuluma ngezokuphepha, uCele uthe bangama-24 abantu asebebulewe phakathi kukaMasingana noNtulikazi kulo nyaka kuzo zombili lezi zifunda.
“Kubuhlungu ukuthi lapha embonini yamatekisi igazi lichitheka nsuku zaphuma. Okubuhlungu kunakho konke labantu abasuke benza lokhu ababuzi inhlamvu bayikhalisa ngisho kubantu abamsulwa. Lokho kugcina sekwenza abantu besabe ukugibela amatekisi ngenhla yodlame olukhona. E-Eastern Cape naKwaZulu-Natal ikhona lapho okunezigameko eziningi zokubulawa kosomatekisi. Impela kumele kube khona abantu abazoba mehlo mane, ukunqanda lesi simo esesenzeke iminyaka,” kusho uCele.
UNgqongqoshe uthe bafuna nabashayeli bamatekisi baziphendulele ukuthi benzani ngemali abayenzayo.