Ingwevu: Kadingi kuncengelwa kumuntu, akwenzile kuyaziwa
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akuyona imfihlo ukuthi kwabanye umcabango wokuvuka ngelinye ilanga engasekho phakathi kwethu uletha ukwesaba nokhwantalala
Sikhuluma emcimbini wokubungaza iminyaka engama-90 yokuzalwa koMntwana, ISILO sakugcizelela ngalokho ayikho kuso, emndenini nakuZulu: “Kithi njengeNdlunkulu kaZulu uMntwana ungomunye wethu. Nokho siyakwemukela ukuthi uyilungu lomndeni waseNingizimu Afrika nomhlaba jikelele. Usuku lwanamuhla luwubufakazi balokho ukuthi lo esihlangene ngaye ungowesizwe. Ekudumaleni nasekulileni kwethu ngokulahlekelwa yilaba bethu abathathu, siyambonga uNkulunkulu ngokusigcinela uMntwana njengobufakazi bokuthi kulabo abaphuma embizeni yakhe yobuholi obuqotho akuphelile. UMntwana uwubufakazi bobuholi obuqotho, nomholi ozinikele enkonzweni yesizwe,” kusho oMdala. Ongangezwe Lakhe kagcinanga lapho: “UMntwana kadingi abantu abazomncengela kumuntu, thina njengomndeni wakhe siyakwazi akwenze kithi nakwenzele isizwe,” kusho ISILO esidala.
Lamagama eNdlondlo ayakhulunywa nangabanye abantu abamqoka abasuke becaphuna okuthile ngempilo yoMntwana wakwaPhindangene nokungasho ukuthi njengozelwe ngumfazi nendoda angebe nasici. Kuthe lapho esethatha umhlalaphansi ekuholeni iqembu lakhe kwangathi uzophumula. Nokho umunwe womlando umkhombe ukuthi abe yingxenye yokuwelisa uZulu esikhathini esinzima. Ube yibhulohwe lokuwelisa izizukulwane, esidala nesisha esikhathini seNkosi ebuse isikhathi eside kunawo onke kwaZulu kuya kuloyo okhonjwe njengeNkosana entsha kaZulu. UNdunankulu wakwaZulu-Natal uMaDube Ncube muva nje utuse uMntwana lapho ethi: “Inkosi Buthelezi akayena nje umuntu ohlonishwayo notuswayo kuphela, kepha uyisebenzele inkululeko yezwe njengongqongqoshe okhombise ukuzikhandla nokuthobeka owugalagala olusadla anhlamvana.”
Uhlale ezibiza ‘ngexhegu’ eqinisile njengoba esengomunye abambalwa besizukulwane sakhe phakathi kwethu. Njengoba kunjalo emphakathini, kuZulu naseqenjini lakhe nasePhalamende nguye omdala. Phezu kwalokho kwabanye abantu yingwevu, njengoba bemile ekutheni iminyaka akuyo ayimvimbi ukuba abe yisithako esihle kuZulu nakuNingizimu Afrika ne-Afrika. Ngesikhathi kumenyezelwa ibutho elaziwa ngezingwevu elabe lihlanganisa uMnu uMandela , uMnu uKofi Annan noSobaba uTutu kwabanye kabangcinanga ngokumangala kepha babona kuluteku nje ukuthi igama loMtwana selingebalwe kubantu okuthiwa zingwevu.
Kulabo abadabuka emakhaya uluphawu lokuthi umuntu uyazalwa akhulele emakhaya (eMahlabathini) kepha abe ngumholi ohlonishwa umhlaba wonke. Khona lapho bukhona ubufakazi obuqandula ikhanda ukuthi ezintweni eziningi kagcini ngokukhuluma kepha uyenza. Uma kukhulunywa ngentuthuko ezindaweni zasemakhaya eNingizimu Afrika igama lakhe kanjalo nemizamo yakhe kungefelwe amathe noma kuzitshwe. Idolobha uLundi okwabe kulihlathi nje namuhla limi njengesibonelo salokho namuhla okubizwa ngentuthuko ezindaweni zasemakhaya. Okunye okungeyona imfihlo wukuthi yena siqu sakhe akaze anukwe ngenkohlakalo ezweni nasezwenikazi lapho abaholi behlale belandelwa zimekemeke ngalokho abakwenza ekucasheni nakuhulumeni lapho abesuke bephethe khona.
Akukho ukungabaza ekutheni osomlando kabakabhali okwanele ngaye nokuthi mhla bebhala kuningi okuyoba ngamanoni ayocoshwa zizukulwane ngoba akwenzileyo kubanzi futhi kunezifundo ezahlukene.
- ISigqiki yingosi yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.

