UMangethe akazicelele ukushiya kusekuhle angaze akhonjwe indlela



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngaphambi kokuqala kwesizini yangowezi-2022/23 iKaizer Chiefs yangena yagamanxa emakethe yabadlali lapho kubalwa uDillon Solomons, uKamohelo Mahlatsi noLehlogonolo Matlou abasuka kwiSwallows FC, uSiyethemba Sithebe owayekuMazulu FC, u-Ashley du Preez noZitha Kwinika abasuka kwiStellenbosch noYusuf Mart yena owayeyibamba kwiSekhukhune United.
Yize leli qembu lasayinisa labadlali, kodwa ngasho ukuthi angiliboni lizokwazi ukuqophisana neMamelodi Sundowns emuka nazo zonke izicoco muva nje. Okwakwenza ngisho lokho kwakungekhona ukuthi ingoba ngingabaza ithalente lalabadlali abasayiniswe ileli qembu, kodwa ingoba ngibona ukuthi labadlali kumele bebambe isitayela seChiefs.
Okunye engakubala ukuthi umqeqeshi wayo u-Arthur “10111” Zwane, kusazomthatha isikhathi ukutho abadlali abali-11 abazomnqobela imidlalo bebuyise izinsuku zenjabulo kuleli qembu esilineminyaka lagcina ukunqoba izonkomishi.
Ukuphuma kweChiefs kwi-MTN 8 ikhishwa AmaZulu FC ngeledlule, kugcizelelile ukuthi ngempela kusazothatha isikhathi leli qembu liphinde lijabule njengoba belenza eminyakeni edlule.
Mina ngiwuZwane, bengizocela abaphathi beqembu ukuthi abaqashe umqeqeshi omusha bese bengenza umqeqeshi. Kuzobe kungekhona ukuhluleka kodwa kuzobe kuwukuvikela igama lapha engaze exoshwe.
UZwane uzenzelile igama kwiChiefs esengumdlali, akumele aze ahambe kuleli qembu esehamba kabuhlungu. Ngiyazi omunye umuntu uzothi cha uZwane usadinga isikhathi kwiChiefs.
Kodwa iqiniso ukuthi iChiefs indlela incindezi enayo ngakhona, akusandikali indaba yokulokhu kuthiwa kusakhiwa. IChiefs iyiqembu elikhulu edinga ukuthi isizini nesizini ihlezi isembangweni wezicoco okanye noma inqobe inkomishi eyodwa.
Iligi yalapha eNingizimu Afrika ngaphansi kwe-Premier Soccer League (PSL), iDStv Premiership ingenye yeligi ehamba phambili lapha ezwenikazi i-Africa. Yize kunjalo kodwa kungiphatha kabi ukuchanasa kweSundowns, ukunqoba kwayo kalula izindebe kwenza iligi yehlelwe isithunzi impela.
Ngeledlule iSundowns emdlalweni womkhumulajezi iMTN 8 ibhaxabulwe i-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu ngamagoli amathathu eqandeni. Angiyena umlandeli wePirates, kodwa kungijabulisile ukunqoba kwayo. Akuke kunqobe amanye amaqembu, iSundowns naye ayike ibukele abanye bejabula.
Ukuchanasa kweqembu elilodwa kwiligi kwenza iligi ithatheke kancane.
Ingakho iligi yaseGermany iBundesliga ithatheka kancane ngoba iBayern Munich inokuyinqoba kahlanu kulandelana.
E-Italy lokho kuke kwenzeka eminyakeni edlule iJuventus izenzela, kube esifanayo eNerthelands i-Ajax Amasterdam nayo ibizidalela, i-Al Ahly e-Egypt nayo ibiyenza okuafanayo.
Kodwa kukhona konke uZwane akashiye, lokho akakwenze emva kokuthi eqinisekise ukuthi iChiefs iyawunqoba umdlalo womkhaya kusasa.