Now Reading
Ahlukahlukene amaphupho abantu
Dark Light

Ahlukahlukene amaphupho abantu

Lasho iculo kumbe yona ingoma yezinsizwa zesiCathamiya zikaCothoza Mfana, ezishaya ingomabusuku, isikhwelajo, ezazizibiza ngokuthi ziyiMpembeni Express-isitimela saseMpembeni esingavinjwa yilutho lathi:

Kuth’ uma ngilele,

Ngiphuphe ngoLavi;

Inhliziyo yami

lyagxumagxuma:

Kuth’ ayiphume ngomlomo!

Yiphupho-ke lelo ayeliphuphile lowo owaqamba lengoma, owaphupha ebona isithandwa sakhe-ulavi wakhe-inhliziyo yakhe yaze yagxumagxuma kwath’ ayiphume ngomlomo!

Bonke abantu bayaphupha. Nothi akaphuphi, uyaphupha kodwa ukuyiyona into emenza ukuthi athi akaphuphi, yikuthi uvuka esekhohliwe ukuthi uphupheni ebusuku. Umuntu ubanephupho angalikhohlwa empilweni yakhe, noma kuyiphupho elihle elithokozisayo njengaleli elake laphushwa nguFafi, owaphupha ecosha  imali eningi yamaphepha newuhlweza, eyigcwalisa amasaka esezibona eseyisicebi senjinga. Kuthe uma ephaphama wazifica engenayo leyomali ayeyiwolela emasakeni ebusuku ebuthongweni.

UMgwenya yena wake waphupha ebona umgodi omude ojulile  omnyama bhuqe! Washelela waphonseka kuwo, kude kude phansi kwalasha! Waze wamemeza ekhala khona ebuthongwem ethi: “Ngilekeleleni bo, ngafa!” Kanti umemeza njalo usephimisela ngomlomo. Wamnyakazisa umkakhe embuza ukuthi  ukhalelani . Wathi iyena: “Ngiyaphupha!”

Leliphupho likaMgwenya lamhlala kabi enhliziyweni waze wacabanga ukuthi kukhona okubi okuzomvelela, noma-ke kuwe ibhizinisi lakhe, lishone phansi phansi kwalasha. Kanti elikaFafi Iona lalimisa idolo esengathi liyiphupho elikhomba emnothweni.

Kuvamisile ukuthi abanye uma bephuphile, bavuke sebewakhohliwe amaphupho abawaphuphile, njengenkosi uNebukadinezari eBhayibhelini, owaphupha iphupho elibi, maqede walikhohlwa. Waphatheka kabuhlungu ngoba eselikhohliwe, efuna ongamkhumbuza lona futhi amtshele nencazelo yalo. UDaniyeli inceku kaNkulunkulu, yiyona eyayitshela inkosi iphupho eyaliphuphayo ngisho nencazelo yalo.

Amaphupho-ke ehlukene uma besho. Bathi kukhona ayiqiniso futhi kukhona angesilona iqiniso. NaseBhayibhelini kukhona amaqiniso akhonjwa ngamaphupho, aphushwa maqede afezeke. Iphupho likaJosefa, aliphupha ebona ilanga nenyanga nezinkanyezi zimkhothamela, kanye nezithungo zamabele zikhothamela esakhe, lafezeka lapho esenziwe induna enkulu embusweni wenkosi uFaro eGibithe ngenkathi lapho abazali bakhe, uyise nonina, kanye nabafowabo sebemkhonza bemkhothamela. Ungazifundela lona kuGenesise 28:10-22. Noma-ke kungehlanga ilanga ezulwini kanye nenyanga nezinkanyezi ukuzomkhothamela, kodwa lokho elalikukhomba kwakuyiqiniso ngoba kwagcina sekwenzekile.

Iphupho likaFaro lezinkomo eziyisikhombisa ezondileyo ezadla eziyisikhombisa ezikhulupheleyo kanye nezikhwebu eziyisikhombisa zamabele ezondileyo ezadla izikhwebu eziyisikhombisa zamabele ezikhulupheleyo, lafezeka mhla kuvela inala enkulu eGibithe eyathatha iminyaka eyisikhombisa eyayichaza izinkomo eziyisikhombisa ezikhulupheleyo nezikhwebu zamabele eziyisikhombisa ezikhulupheleyo. Ngemuva kwalenala, kwehlela phezu kwezwe langalesosikhathi indlala enkulu eyathatha iminyaka eyisikhombisa. Incazelo yaleliphupho ikhomba inala nendlala. Nalo leliphupho umuntu angafunda ngalo kuGenesise 40.

Kulamaphupho amabili sibona amaqiniso afezekayo, futhi nencazelo yawo yakubeka obala lokho okwakuzokwenzeka okwagcina sekwenzekile. Siyabona-ke ukuthi iphupho uyaliphupha: ungakwazi lokho elikushoyo, kodwa ngomchazi onikwe ikhono lokulichaza, njengoDaniyeli owayekwazi ukuchaza amaphupho, liphenduka libe yinkulumo ethile ezwakalayo nepheleleyo nefezekayo.

Kusobala-ke ukuthi iphupho liyinkulumo yaLowo Owazi okuzayo nokuzokwenzeka, akhulumisana ngayo nalowo okuzokwenzeka kuye ngesikhathi esithile noma ngaso lesosikhathi iphupho eliphushwe ngaso. Noma-ke singaze singakwazi ukuwachaza amaphupho ethu, kodwa kuyabonakala ukuthi lokho sikuphuphile kuyinto esunguleka emthanjeni othile, esingathi nguMnini-womuntu, uma efuna ukuxwayisa kumbe ukukhuthaza umuntu wakhe, ngoba phela uma eza njengoba enjalo esidalweni Hakhe azokhuluma naso njengoba enza kuMose entabeni yaseSinayi, usiyikuphila leso sidalwa ngoba siyobe sibone uMlomo-ongathethi-manga, iZulu Eliphezulu! Kuseyiso-ke esinye sezizathu esenza ukuba abantu bakholelwe emaphusheni, ngoba bayasho ukuthi umaphupho umuntu awaphuphayo kusuke kuyinkulumo kaNkulunkulu ekhulumisana nabo ebuthongweni.

See Also

Uma sifunda kuJobe 33:14-18, sithola lamazwi akhombisayo ukuthi kanti iphupho leli yinkulumo kaNkulunkulu akhulumisana ngayo nomuntu. “Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, umuntu engakunaki. Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela cmacansini, khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu (lkufundisweni kwabo, ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu; unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni, nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.”

Kanti iphupho liyindlela uNkulunkulu axwayisa ngayo umuntu, ede ekhuluma naye kanye noma kabili ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo, bozela emacansini? Ukwenza lokho ukuba umuntu aphanjukiswe ekwenzeni kwakhe, ukuze anqande umphefumulo wakhe ekubhujisweni. Yilesi-ke esinye sezizathu ezenza iningi labantu likholwe ngamaphupho, kuthi noma umuntu ethuke waphupha, kodwa walikhohlwa iphupho lakhe, akhathazeke, ngoba kusuke engayizwanga kumbe eseyikhohliwe inkulumo kaNkulunkulu ayikhulume naye ebusuku elele ecansini lakhe.

UmkaPilatu waphupha iphupho ngoJesu, elikhomba okwenzeka ngaso lesosikhathi ayesanda ukuliphupha ngaso. Ukuba uPilatu walilalela iphupho lomkakhe amtshela lona ngenkathi esathetha icala likaJesu, ngabe engawavumelanga amaJuda ukuba ambulale uJesu, ambethele esiphambanweni.

Abanye-ke bathi uma bephuphile, kuyaye kwenzeke okuphikisana nalokho abakuphuphile. Omunye wake wathi yena uma ephuphe umuntu egula kakhulu, maqede ambone lowomuntu esephilile khona belu ephusheni, lowomuntu uyafa empeleni. Kuthi uma ephuphe umuntu egula ebese efa ephusheni, lowo uyaphila empeleni.

Omunye wathi, uma ephuphe isikelemu, uyaye avuke ayodlala inombolo engu-7 kuMshayina-ufafi. Abaziyo bathi yingakho nje izinombolo zikafafi zifanekiswa nezinto ezithile, ukuze kuthi uma uphuphe into ethile efanekiswa nenombolo kafafi, uhambe uyofakela leyonombolo, kuyothi uma esedonsa inombolo uMshayina, adonse yona leyo oyiphuphile, njengayo lena ka-7 eqondene nesikelemu kumbe isigebengu.

Omunye umbhemi wake wanginika izinombolo zikafafi kanye nalokho ezikumele ephusheni, njengalezi nje: 1 = inkosi, 2 = imfene, 3 = amanzi amaningi, ngoba amancane ngu-29, 4 = indoda efile, 5 = ingwe, 6 = inkomo, 7 = isikelemu, 8 = ingulube, 9 = inyanga, 10 = amaqanda, njalo-njalo zize ziphelele ngenombolo yama-36. Kodwa-ke mina uma ngikuphuphile konke lokhu, angimuwini ufafi, ngidliwa njalo nje. Ngiyabona-ke ukuthi kimina awasebenzi amaphupho engiwadlala kufafi. Nasemjahweni wamahhashi basho njalo ophanta, bathi basebenzisa amaphupho uma bezobamba idabuli noma ijackpot. Kodwa-ke omunye wakuphikisa konke lokho wathi yena uma ephuphe amanzi usuke ezocwila emjahweni wamahhashi, ngakho-ke uma ephuphe lelophupho kuzokusa kube umjaho wamahhashi akalokothi nje ayowabhejela ngoba uyazi ukuthi uzoluza.

Baningi asebehlume ngenxa yamaphupho. Baphuphe maqede bayodlala ufafi woMshayina, noma bayobheja emjahweni wamahhashi. Baningi futhi asebeshonile, okuthi uma sebedliwe bahambe bedla amantongomane, bethi badliwe emjahweni abawuphuphe amahhashi abo ephume onembe-wani, basuke bayidulele yonke imali yabo kulelohhashi abathi baliphuphile nabathi lizophuma phambili, kanti ababuzanga elangeni, bashaye phansi kwashunqa, ihhashi labo lizoba yisiwasho!

Scroll To Top