Now Reading
Ipolitiki yangempela: UKhongolose nezitoyitoyi bazoginga indlovu
Dark Light

Ipolitiki yangempela: UKhongolose nezitoyitoyi bazoginga indlovu


  • UKhongolose uzokhetha ukubuyisana noma amandla
  • Kuyosho izinguquko komasipala

Inkulumo yongoti ithi unyaka yisikhathi eside kakhulu kwipolitiki nokuyinto enobufakazi obuqandula ikhanda. Kubukeka obunye ubufakazi buzobonakala emasontweni ezayo njengoba kulindeleke ukuthi ubuhlobo obusha phakathi kweqembu elibusayo i-African National Congress ( ANC) nalelo lesibili kwaphikisayo i-Economic Freedom Fighters ( EFF) bungahle buphuce Inkatha Freedom Party (IFP) iqatha emlonyeni kohulumeni bendawo. Lokhu kuyoba nomthelela omkhulu kuleli qembu kweleNdlovukazi uMthaniya nayilapho lawola imikhandlu eminingi liyithatha kwi-ANC.

Ngokwezibalo abe-IFP banemikhandlu engama-28 KwaZulu-Natal nokuyiyo yonke le okulindeleke ukuba uma kuyikuthi izinhlelo ze-ANC neZitoyitoyi zihamba kahle isuke kuyo. Uma lokhu kwenzeka kulindeleke ukuthi kube nomnyakazo omkhulu komasipala nasezinhlakeni ezengamele ohulumeni bendawo. Lokhu ngeke kwenzeke nje kuphela kosoplitiki abayizimeya, osekela meya nosomlomo kepha nakubo abasebenzi abasebenza emahhovisi aphezulu. Kuyokwenzeka ngesikhathi lapho abe-IFP sebeqala ukuzinza njengoba kulezi zinyanga ezimbili ezedlule bephasise isabelomali emuva kokuphila ngaphansi kwaleso esenziwa ngabe ANC besaphethe.

Uma iqhingasu leZitoyitoyi noKhongolose liphumelela kuyosho izinguquko nakuhlaka iSouth African Local Government Association ( Salga) KwaZulu-Natal nephethwe ngabe-IFP ngaphansi kobuholi beMeya yoMkhandlu oMkhulu, iKing Cetshwayo uMnu uThami Ntuli.Izindaba zemihlangano eyahlukene phakathi kwe-EFF nabe ANC ziqinisekiswe ngumholi weZitoyitoyi uMnu uMalema nothe bathintwe ngubuholi bukaKhongolose eGauteng naKwaZulu-Natal.

Nalapho kakufihlanga ukuthi indaba ebikhulunywa wukubambisana komasipala kulezi zifundazwe zombili. Sekuvele kuqalile eGauteng njengoba ngesonto eledlule kukhishwe obenguSomlomo woMkhadlu iJohanneburg ikhansela uDa Gama ngenxa yokuthi kuthiwe ubuholi bakhe abusathenjwa. Kuthi olandelayo yiMeya yalo Mkhandlu ikhansela uPhalatsi. Kuthiwa umnyakazo ofanayo ungenzeka Ekurhuleni nayilapho imeya kungoweDemocratic Alliance (DA).

Okungaba yingqinamba kuKhongolose

See Also

Nokho kukhona umbono nombuzo ekutheni ngabe lokhu kungenzeka yini KwaZulu-Natal emuva kokuthi i-ANC njegeqembu noNdunankulu wesifundazwe uMaDube Ncube befisele uMntwana izilokotho ezinhle ngosuku lwakhe lokuzalwa. Naye uMntwana otshengise ukumangala ukwamukele lokhu. Kwisitatimende sakhe uNobhala wesifunda uMnu uMtolo uthe: “I-ANC iyawamukela umoya woxolo ovunguzayo phakathi kombutho kanye noMntwana waKwaPhindangene. Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe nguMntwana uMangosuthu Buthelezi ebonga izilokotho azithole kwi-ANC ngesikhathi egubha iminyaka engama-94 yokuzalwa. Siyakholwa ukuthi amathongo e-ANC ashona leli lizwe lingakakhululeki azoyijabulela imizamo yalo mbutho yokuthumela ithimba elizoxoxisana noMntwana waKwaPhindangene mayelana nesifiso sakhe sokubuyisana nenhlangano akhula eyilungu layo.

“Lokhu kubonisana kuzohamba ibanga elide ekuthobeni amanxeba adalwa wudlame lwezepolitiki olwahlukumeza isifundazwe nezwe lonke. Lesi sikhathi esibhekene naso sidinga ukuthi ubuholi be-ANC namadlelandawonye ayo sijule siye kumongo wepolitiki – sibeke eceleni ukwahlukana kodwa sigxile ekwakheni ubumbano nobunye emphakathini. Ubunye busho ukusebenzisana ukuze kufezeke umgomo ozuzisa wonke umuntu. Ubunye budinga ukuzithiba, ukuhloniphana nokwethembana. Uma sibambisene, noma kanjani ubumbano luyoba khona”, kuphetha uMtolo.

Akukho ukungabaza ekutheni uma kuyikuthi izinhlelo zokuhlwitha omasipala abaholwa yi-IFP ziyaphumelela kuyobhidlika imizamo okungaba ngeyokugcina yokubuyisana phakathi kwe-ANC noMtwana kanye naphakathi kwe-ANC ne-IFP. Okunye kungahle kuveze uKhongolose njengabantu abathanda amandla nokuyinto engasetshenziswa zimbangi zayo ngokhetho oluzayo.

Scroll To Top