Nakuba i-Afrika iphethwe aboHlanga kepha olwebele lusilele
Abanye babafundi bayazigqaja ngolimi lwebele, yize befunda ezikoleni ezixube izinhlanga. Phela elinye lamagugu esinalo ulimi lwebele, oluyimimoya yobu-Afrika, esalinikwa uMdali. Osekusele kubafundi nasezinganeni ukuba nevuso lokwazi kancane ulimi lomunye woHlanga ukuze sazane.
Konke kuqala endlini kithina bazali. Kepha singabazali sivama ukukhuluma isingisi endlini ngisho ekhona, elula ngokuxakile futhi ekhulunywa nsuku zonke amanye amagama esiZulu.Njengokuthi: sizohlangana bese siyayiguqula lento sithi sizomitha (meet), engabe sithi sizohlangana.Ikuphi inkinga uma uthi sizohlangana.
Kwaqalwa ngabefundisi bamaNgisi basezimishini, ababeqoka abafundi ezikoleni babengabalawuli babafundi. Kwakuyiqhingasu labezimishini lokubenza izinhloli ezikoleni, okuzothi ngesikhathi sokuphumula, babheke, baqaphele,babhale bese beyobaceba abafundi ababengakhulumi isingisi bebodwa, kodwa ababekhuluma izilimi zebele.
AmaNgisi ayethi. Ukubusa izwe ngokubahlukanisa aboHlanga, ukuze kube lula ukufaka imimoya nesikompilo laseNtshonalanga, elisasibambe ngobhongwane sonke, yize izwe seliholwa ngaboHlanga noma lingaholwa abanye boHlanga ngokwenhlangano, ngokweqembu lepolitiki, kuzofana.
Yebo i-Afrika neNingizimu Afrika isiphathiswe aboHlanga kodwa akugqami nangokolimi lwebele ngokuba yibona phaqa. Sisababona namanje aboHlanga besephalamende, bekomasipala, besemisakazweni, bekomathelevishini nakwezinye izingxenye bekhuluma ngolimi lwesingisi kuphele lapho. Kwenziwa ukuthi abafuni ukutolika nokuhumusha olimini lwebele uma kade bekhuluma ulimi lwesingisi. Ayibe isaqondakala ingqikithi asuke ekhuluma ngayo. Nanokuthi yiluphi ulimi aluncela ebeleni njengoba engowoHlanga.
Wasibhalela uMfundisi uP. Lamula ebhukwini lakhe elibizwa: Zulu kaMalandela langowe-1940. Kusesahlukweni seshumi nesithupha, ekhasini lamashumi amabili nesishiyagalolunye, lapho ebhale ngesihloko esithi: Ukuphela kwezilimi zaBantu base-Afrika.
Kafushane uMfundsi uLamula wathi: “Kuyinto yokuqala, nesobala, ukuba uhlobo lwabantu bemvelo yase-Afrika luzakuphela, uma bephelelwa ulimi lwemvelo. Sekukhona izizwe eziningi zabantu enhla, naphakathi, nalapha ezansi ne-Afrika ezingasalwazi neze ulimi lomdabu wakubo, njengamaBushmen, namaHottentots (njengamaKhoisan) imindoyiyana (imithonseyana) yawo, isikhuluma isiBhunu.
Futhi-ke, ezinye izizwe ezimnyama zibuye zilahle izilimi zazo ngempela, besezithatha izilimi zezinye izindlu zase-Afrika, njengamaBarotse, abeSuthu, baseZambezi sebethatha isiSuthu (iSesotho) esithiwa Sechuana (iSeTswana), esiwulimi lwamaKololo. Kunjalo nale-enhla ne-Afrika, kubo abaseNubia, namaHausa.
Kodwa mhlawumbe kungconywana uma kunjalo; ngoba lokho kuwukudukela ngasekhaya kunokuba adukele-le phesheya. Kunjengoba kakuthuniseki (kakuxwayeki) kakhulu ukuba iNzule (umZulu aganwe) iganwe umSuthu. Kodwa ukuganana nomlungu kukhathaza kakhulu amehlo kuyo inzalo yabo, bese izingane zabo zixwayeka kubantu nakubelungu.’’
Wabhala uLamula amaphuzu amabili ngayekubona kwenzeka ngenkathi yakhe nokwakuzokwenzeka esengasekho emhlabeni wathi.
Kwamanye amazwe lapha e-Afrika, sekuchume izilimi zaphesheya isiNgisi, nesiBhunu, nesiJalimane, nesiFulentshi, nesiPutukezi, nesiTaliyana, nesiSulumane, njengokubuswa kwalezondawo yizizwe zaphesheya. Lokhu ukuphela kwezilimi zabantu, kubangwa yizinto ezimbili:
1. Abantu abakabi nayo ingqondo yokwazisa uLimi. Bacabanga ukuthi ulimi yinto encane. Kanti kabazi ukuthi uma kufa ulimi kulandele ukufa kwesizwe. Ngiyakumbula ukuthi namaBhunu azabalaza kabi engavumi ukuba ulimi lwawo ugingwe ngamaNgisi. Kawakuvumanga lokho noma esebophe ifindo leNyoni.yana emaPhasini, nasema Hovisi, naseziTeshini. Ngomuso, kuzakufundiswa nesiBhunu nasezikoleni zabantu.
2. Futhi abantu bavama ukulabathekela into efika nezizwe kube sengathi umuntu uphenduka iNkosi ethile. Ngiyazi phela ukuthi nganxanye kuswelekile ukwazi isiNgisi noma isiBhunu, nezinye ngenxa yemisebenzi.
Kepha uma sihlakaniphile, singeduke, ngalokho. Zikhona nezinye izizwe ezimhlophe ezifunda isiNgisi, nezinye izilimi ngenxa yayo imisebenzi emaNgisini. Kepha lokho kwenza, wona umnqwazana wokuthola isinkwa.
Ulimi lwazo luyagcinwa. Ulimi Iulondolozwa emaBhukwini kakhulu, okuthiwa Dictionary, lapho kukhona onke amazwi ngamanye, ngisho nangavami ukukhulunywa ayekhulunywa ngokhokho.
Nakithi kuzakuba njalo uma sekuvele amadoda ahlakaniphileyo, aqonde ukulondoloza isizwe nolimi lwaso. Into yokuqala nansi yokuba namhla nithole incwadi yomhlaba wakini, ephetha.
Yize amaBhunu agagamela ngowe-1976, ngokufuna kufundwe izifundo ngesiBhunu kusukela emabangeni aphansi kuye kofika kwaphezulu.Kodwa zagcineka izilimi zaboHlanga njengoba sinemisakazo, sinabathelevishini, sinamaphephandaba asungulwa ngaboHlanga ahlukene abhala nazigqaja ngolimi lwebele manje.