Ubambiswano lwabeNafcoc nabeTransnet KwaZulu-Natal



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Inhlangano yosomabhizisi iNational African Federated Chamber of Commerce and Industry (Nafcoc ) KwaZulu-Natal ebhekelela kakhulu aboHlanga ihlangene neTransnet sebeqinise ukusebenza ngokubambisana ngenhloso yokuxhasa nokukhulisa osomabhizinisi abasafufusa ikakhulukazi intsha yaKwaZulu-Natal.
Lokhu kuza emuva kokuthi abeNafcoc bexhumane nabakwaTranset bakha isivumelwano sokusebenza ngokubambisana ukuze kuthuthukiswe osomabhizinisi abase bancane.
IBamba likaSihlalo weNafcoc KwaZulu-Natal, uMnu uPaul Mkhwanazi, lithe lokhu kuzohlomulisa abaningi njengoba kuzovula amathuba nhlangothi zonke ikakhulukazi kosomabhizinisi abasafufusa kanti okuhamba phezulu isibophezelo sokuthuthukisa isizinda esiqinile sokuhlinzeka esifundazweni.
Uthe izinkampani zabesifazane kanye nentsha yizona ezizohlomula kakhulu ikakhulukazi amabhizinisi asafufusa kulolu hlelo.
“SiyiNafcoc sesiwuqalile lo msebenzi wokubambisana njengoba abakwaTransnet sebesinikezile nendawo yokusebenzela eseMpangeni lapho sizokwazi ukuqeqesha, sithuthukise khona osomabhizinisi,” kusho uMkhwanazi.
Uthe uyajabula kakhulu ngoba bebenomhlangano nabakwaTransnet ngoMsombuluko lapho bebeyobonisa uSihlalo wophiko lwentshwa lweNAFCOC KZN uMnu uNtlalo Doko izindlela nezinhlelo zokusebenza kulawo mahhovisi nethimba lakhe.
“Yilawo mahhovisi esizowasebenzisa ukuthuthukisa intsha yesifundazwe iKwaZulu-Natal,” kusho uMkhwanazi.
UDoko uthe unethemba lokuthi lolu hlelo luzokwakha amathuba amaningi esifundazweni lapho bezokwazi ukubona namathuba okuthuthuka ngokomnotho.
“Inhloso yethu ukuqeda izinga eliphezulu lentsha engasebenzi ngokuthi sikhande amathuba okuthi ikwazi ukuziphilisa yona. Sibonga kakhulu kwabakwaTranset ngegalelo labo lokuqinisekisa ukuthuthuka kwentsha ngezamabhizinisi njengoba kuzovuleka amathuba nakwezinye izinkampani,” kusho uDoko.
Kanti-ke lolu hlelo luhamba ncamashi kuzibophezelo zikaHulumeni lapho anxenxa khona zonke izinhlaka okubalwa kuzo ezizimele, ezomphakathi kanye nosomabhizini asebethuthukile ukuthi babambe iqhaza ekuvuleni amathuba kumbe bakhulise labo abasafufusa.
Akungabazeki ukuthi lolu hlelo luzosiza abantu abasha nabesifazane.
Abanesifiso sokuba ingxenye yalolu hlelo bangaxhumana noMkhwanazi kule mininingwane: 072 853 4307 noma uDoko kwethi: 067 140 0488.