Now Reading
UMaloyi uthi ukuqembukelana akuphenduke umlando eNorth West
Dark Light

UMaloyi uthi ukuqembukelana akuphenduke umlando eNorth West

UMgcinimafa-jikelele we-African National Congress (ANC) uPaul Mashatile usenxuse amalungu eqembu eNorth West ukuthi angawulahli  umlando onothile weqembu esifundazweni. 

Ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni yesifundazwe yesishiyagalolunye eRustenburg ngeSonto eledlule, uMashatile ukhumbuze ubuholi obusha obusanda kukhethwa ngamaqhawe aleli qembu  angaphambi kwabo. 

Uthe kuyancomeka ukuthi i-ANC eNorth West izobe iqala eminyakeni emine ukuba nesigungu sesifundazwe iProvincial Executive Committee esikhundleni sohlaka lwesikhashana olwaqokwa yiNational Executive Committee ngenxa yezingxabano. 

UMashatile uthe, “Ninomlando onothile kanye namagugu omzabalazo oqhubekayo. Kuyikhaya lika-Moses Kotane, leli yikhaya likaJB Marks, uMama uRuth Mompati. Kukulesi sifundazwe, edolobheni laseMatlosana, lapho kwasungulwa khona inyunyana iNational Union of Mineworkers (NUM). Akumele neze siwukhaphele lomlando. Nimi emahlombe emidondoshiya. Umgomo wobumbano nokuvuselela inhlangano yethu kuwumsebenzi wethu omkhulu kunayo yonke.”

Khonamanjalo uSihlalo osanda kukhethwa kulesi sifundazwe uNono Maloyi uzichithile iziphakamiso zokuthi uhlela ukuxosha imbangi yakhe enkulu uBushy Maape esikhundleni sikaNdunankulu kulandela ingqungquthela.

UMaloyi uqokwe njengomholi we-ANC esifundazweni emasontweni amabili edlule okhethweni  obelushubile. UMaape uhoxise igama lakhe ngomzuzu wokugcina nakuba ephakanyiselwe ukuba yingxenye yobuholi bePEC obunamalungu angama-30. Ekhuluma nabezindaba ekupheleni kwengqungquthela, uMaloyi uthe ukhathazeke kakhulu ngokubumbana kwe-ANC kunokukhuculula labo ababize ngabazombukela phansi.

See Also

Ukukholelwa ezinhlakeni ze-ANC

UMaloyi uthe umphumela wengqungquthela  kumele ulethe ithemba nokukholelwa  ezinhlakeni ze-ANC kuhulumeni oholwa yile nhlangano.  Unxuse izithunywa ukuba ziqinisekise ukuthi uqhekeko embuthweni seluba wumlando. 

“Umphumela wale ngqungquthela kumele uqinisekise ithemba nokholo ezinhlakeni ze-African National Congress kuhulumeni oholwa yi-ANC. Kumele sibe nethemba sonke maqabane ukuthi ukungaziphathi kahle, ukuqembukelana, inkohlakalo, ukulwa, ukuphazamiseka, imigulukudu, amanga, inzondo, ubugovu,  umona wepolitiki ukudingida izindaba zangaphakathi eqenjini. Ezinkundleni zokuxhumana kuzophela ngemuva kwale ngqungquthela,” kuphetha uMaloyi.

Scroll To Top