Now Reading
Uveza isithombe sokukhetha amabala kokuboshwa kwezikhulu
Dark Light

Uveza isithombe sokukhetha amabala kokuboshwa kwezikhulu

OwayenguMgcinimafa-jikelele we-African National Congress (ANC) uMnu uMathews Phosa uthi kubukeka sengathi ukuboshwa kwakamuva kwabantu abasolwa ngenkohlakalo kubukeka kukhetha. UPhosa uthi i-ANC kumele ithathe izinyathelo ezinqala emizamweni yayo yokubhekana nenkohlakalo ukuze kubuyiselwe ukwethenjwa ngabantu baseNingizimu Afrika noma ngabe lokho kudinga isiqiniseko sokuthi amaqabane ayo ayashushiswa.

UPhosa ubekhuluma nomhleli wezepolitiki weSABC News, uMzwandile Mbeje, engxoxweni ekhethekile lapho ethe ubulungiswa akumele benziwe nje kuphela, kodwa kumele kubonakale ukuthi benziwa. “Bangaki osopolitiki asebebekwe amacala, bangaki ngitshela oyedwa kodwa bangaki osopolitiki okukhulunywa ngabo kwiKhomishana kaZondo?, kodwa nginike obekwe icala? Pho wena njengomuntu onomlando wezomthetho ungasola bani ngalokhu? Iziphathimandla, ungqongqoshe wezobulungiswa kumele basitshele ukuthi kungani osopolitiki bengathweswa amacala. Ngiqonde ukuthi wonke umuntu ubuza lowo mbuzo, kungabekwa  amacala umnu uBrian Molefe kanye [no-Anoj] Singh kodwa asinayo inkinga ngalokho, baphi osopolitiki?” Kubuza uPhosa.

Ababeyizikhulu zakwaTransnet, okuhlanganisa nowayeyi-Group Chief Executive uBrian Molefe kanye nowayeyiNhloko yezezimali u-Anoj Singh baboshwe kuleli sonto.  Kusolakala ukuthi iTransnet yakhokha imali engaphezu kuka-R90 million kuTrillian ngokuhlela isikweletu sekilabhu sika-R30 billion sokusiza ukuthenga izitimela ezingaphezu kuka-1 000 ngowezi-2015.

See Also

Kuthiwa kukhokhwe kabili njengoba abakwaTransnet sebewakhokhile amaRegiments ngalo msebenzi. Inkampani i-Trillian kuthiwa ayenzanga  lutho ukuze ithole le mali kodwa yafaka ama-invoice kwaTransnet. Abantu abahlanu, okuhlanganisa nowayeyisikhulu esiphezulu kwaTransnet Group, uMnu uSiyabonga Gama, asebebekwe amacala kuleli ngaloludaba.

Scroll To Top