Ukhomba omunye nje, eminye iminwe ikhombe ngakuwena


Asejwayele ukubalula empilweni ukuthi isandla sisinye sineminwe emihlanu bese siyelulekana, siyakhumbuzana, sixwayisane ngaleminwe. Kuthi nxa, sesixwayisene, singazibi, singashalazi, senze sengathi asiboni noma asizwa. Asiluceli noxolo ngenkathi sizofunda emasulafonini ethu okungemqoka kunalokho okuhle esisuke sikudingida. Ekubeni sisuke sibalula emaselulafonini izinto ezingakhi ikakhulukazi empilweni.
Ingani sekwaba yisejwayezi kwabanye bethu ukwenza njalo uma siziba okuhle kwemimoya yobuthina esicobelelana ngayo. Sinesikhathi lapho sikhomba ngeminwe emibili ngokugxekayo ikakhulukazi, sikhohlwe ukuthi sigxeka abanye, izimo nezinto kodwa iminwe emithathu ikhomba wena (thina). Sibe singenzi lutho oluhle kwabanye nasezimweni ezehlukene. Yilapho abanye bethu bayaye baphume endleleni njalo belu, bekhomba ngeminwe emibili bebekhohliwe ukuthi iminwe emithathu ikhombe bona. Kuyinto encomekayo, enconcozekayo nekhuthazayo ukuzwa omunye ukuthi unemimoya emihle emuzungezile futhi naye uthanda ukuzungezwa yimimoya kanye nabantu abanemimoya emihle kaSomandla uMdali wakho konke.
Kusuke kungenkathi esichazela ngolwazi emisakazweni, komathelevishini, ezinkundleni zokuxhumana ezehlukene, ukuthi naye lolu lwazi ulucobelelwe noma ulucaphune komunye emisakazweni, kwithelevishini, ezinkundleni zokuxhumana nakwezinye izindawo ezehlukeneyo. Yebo kuyenzeka kuqondane, lapho uzothola ukuthi omunye ubalula ngokuthile emisakazweni, kwithelevishini, ezinkundleni zokuxhumana ezehlukeneyo osekukhulunywe ngomunye kuqala. Akungabi -ke yibhaxa lokucasha kwabanye bethu.
Sihubhuze amanga aluhlaza sithi hhayi kwamane kwaqondana ngoba wawuzokuqala kunalona osekukhulume kuqala. Wamveza umbhali asusela noma afunda kuyena okwanguSolwazi uCSL Nyembezi, uShamase, owaba ngowoHlanga wokuqala ukubhala ngezibongo zamaKhosi, ngaso futhi isihloko sencwadi esithi: Izibongo zamaKhosi yangowe-1958.
Ngumbhali uJeremiah Bonginhlanhla (J.B.) Hlongwane uMasumpa, wencwadi; Amava oHlanga, yangowe-1995. Wasivezela kwisahluko sesithupha, ekhasini lamashumi ayisishiyagalombili nesihlanu, lapho aze wawaphinda amazwi kaSolwazi uNyembezi athi: “Lapha kule ncwadi ngithathe nje amakhasi athile. Angiwaqedanga wonke. Kuyisifiso sami ukuba nawo lawo asele ngibuye ngilobe ngawo. Mhlawumbe bakhona nabanye abayothi ngokufunda leli bhukwana, babe nesifiso sokuyiqhuba lentambo engilinge ukuyaluka lapha” (1958:ix) Izibongo zamaKhosi.
Waqhubeka uMasumpa nokubhala izibongo zeNgonyama uSolomon kaDinuzulu, uZwelithini kaBhekuzulu namanye amaKhosi, kwazise uShamase wayegcine ngezibongo zeNgonyama uDinuzulu. Lapha siyacacelwa ukuthi uSolwazi uNyembezi wayengomunye wababhali abaningi, njengoba wayenesifiso sokubona abanye ababhali beqhubeka nembenge ayeseqalile ukuyaluka.
Nginethemba nami, ukuthi bakhona abazoselukela imbenge ngezibongo zeNgonyama uMisuzulu kaZwelithini. Lapha bengiveza iphuzu, ngiqonde ukuthi ngabantu abangabavezi abanye ngisho bekhuluma, benza, bebhala osekuvele kuqalwe ngomunye.
Esikhathini esiningi babayabafihla, babayabaziba ngoba befuna njalo kuthiwe kwaqhamuka ngaye konke. Okungenani abababalule ngokubaveza ekusithekeni ngokuthi, nikubona okwehlukene nokuhle nje kwenziwe ngusibanibani. Noma usibanibani uneqhaza elikhulu alibambayo kulokhu enikubona ngamehlo. Abanye ababavezi abanye ngokwehlukahlukene abakwenzayo nabakwenzile ngisho ngabe ithuba sibona singumphakathi ukuthi liyabavumela ukubaveza ikakhulukazi emisakazweni, komathelevishini, ezinkundleni zokuxhumana ezehlukeneyo nakwezinye izindawo.
Bavamise ukwenza sengathi kuvela kubona noma yibona abangabokuqala ukuveza okuhle okuyimimoya emihle kaSomandla uMdali wethu. Benza sengathi abakaze bathekele kwabanye.ekubeni kuyizinto nezimo ezenzekayo empilweni yomuntu emphakathini awakhele, ezweni nasemhlabeni wonke.
Akusenziwa ngabelungu, ngabefundisi bezimishini abasifundisa imfundo nemali ngokwaseNtshonalanga, ngokwase-Europe, ukuba siqhelelane nemimoya emihle, yokwenza izinto ezinhle ngokobu-Afrika, ngokuphakamisana, nokuvemalana ngokuhle kwemimoya.
Sakhomba ngeminwe emibili, sangaba nokwethu, nokungokwethu ngobuthina bokungukuba yithina, bokuzazi ukuthi singobani futhi simi nobani. Sesizuzile,yingakho sesinyanya okwemimoya yethu sesiyizifundiswa zemfundo nemali ngokwaseNtshonalanga.
Kuhlale kunemibono evezwayo ngabanye bethu ngoba bezitshela ukuthi abanandaba nezinto zabelungu. Bavamise ukuthi, kwakufanele abelungu basinqabele ukungena ezakhiweni vele ngezabo.
Zazingavunyelwe ukusetshenziswa ngaboHlanga ngaphansi kobandlululo lwamaNgisi namaBhunu. Ungabaphikisi, abasho kanjalo ngoba baqinisile ngoba baphendula kanjalo ngoba bekhombisa ukuthi abagqize qakala ngomlando enicobelelana wona.
Abayiphathi noma abayithi vu, abasho ukuthi vele nemali ngeyabelungu njengoba bethi izakhiwo ngezabo. Sebekhohliwe ukuthi leminwe emithathu ikhombe bona. Ngiyazi nizohleka ukuthi, sekuwumlando ukuthi bengivunule ibheshu lemvu, emjahweni iComrade Marathon ngeSonto.