Now Reading
Ayithandabuzwa indoda: Akungabi bikho mvunge ngawe uyindoda
Dark Light

Ayithandabuzwa indoda: Akungabi bikho mvunge ngawe uyindoda

lndoda yindoda. Indoda yindoda emzini wayo. Indoda yindoda emadodeni. Indoda yindoda ebandla ngokulotha. Bathi dedelele. Zehla izihlathi kwabanye. Sebethi: “Hho! Kanti ukhuluma ngaleyo, besithi ukhuluma ngendoda thina.” Kanti yiyo kanye-ke leyo ndoda.

Igama lendoda selanaba laxhantela nje; ngakho uma ukhuluma ngendoda sekusweleka uhlambuluke, uphume emenweni, uthi qekelele obala. Indoda phela yindoda ngobudoda bayo. lndoda yindoda ngegalelo layo lapho ibambe khona. Ingani nomkhapheyana nomame uyadoda uma ephonse inhlalisuthi esivivaneni? Kushiwo manje kuthiwe udodile. Umkhapheyana ungezwa kuthiwa inkunzi isematholeni, kukhona ukwenza kwakhe asebekukhile. Ngakho nje, wazibonakalisa ebandla ukuthi uzokhula abe yindoda. Usezikhethile ebafaneni.

Indoda lena esiyaba yindoda, yaba yindoda ngezwi layo. Yebo-ke indoda iyabhodla, indonde kubhadle idaka. Kuzwakala ngakho ukuthi ukhona umnumzane ekhaya ngoba kuzwakale kubhonga inkunzi endlini, kungqengqezela izindonga. Akuzwakali kahle ukuthi indoda ibe nezwi elincane. lyedeleleka, hhayi ebandla nje kuphela, ngisho ekhaya. Umuzi awubi nasithunzi uma kungekho mehluko uma kukhuluma uyise nonina nezingane, kufane nje. Elikayise liyazikhetha izwi kwamanye. Le ndoda-ke izikhethe ngalo izwi layo qha. Ungezwa amadoda amanye ethi kade ngisendodeni, ubokwazi ukuthi yindoda yamadoda leyo. Ungezwa amanye amadoda ethi ayisengangathi, isifuna indoda, kusho wona siqu sawo, engamadoda. Ubobona ukuthi amadoda awafani futhi awalingani. Ayazana ewodwa ukuthi afana ngezintshebe kuphela. Shwele ezinduneni zabasemzini. Ungezwa amadoda ethi udaba lonke selusezandleni zendoda, asuke esho izandla zendoda ngempela. Agcwalisa khona ukuthi okwehlula amadoda kuyabikwa. Kubikwaphi? Kub~kwa kwamanye amadoda anohlonze, aphethe izihluthulelo zonobhadula.

Iyobika kwenye indoda nje indoda, ngoba eyayo imilenze iyayilahla, iyehluleka ukuyithwala. Yingakho nje isifuna imilenze engcono, esenamadolo lokhu eyayo sekukhuze intola. Ithenga imilenze ezoyimela. Ithenga isithunzi sendoda. Ithenga umlomo wenye indoda ukuba uyoyikhulumela. Ithi mina sengokhosela ekhwapheni lakho wena ube ngamaphiko nehawu lami. Abanye sebethi hhawu kanti lona wazi lolu hlobo lwendoda? Thina besithi ukhuluma ngendoda yamadoda, ujikelele. Besho-ke indoda eyazi imbokode ukusuka nokuhlala. Kwathi cosololo-ke. Bathi nanso-ke thina esiyaziyo indoda. Ubudoda balena bunzulu ngoba buzinze ekwazini izimfihlakalo ngendlela egogodile negculisayo. Awumane nje ube yindoda lapha uphethe isiphusha, ugwayi kathekwane. Awumane ube yindoda lapha uphethe umquba nobulongwe obuginqwa yinkubabulongwe bese uthi nawe uzolingisa yona. Ngamadoda lana.

Uyindoda ngoba uphethe ugo kalangashona. Indoda ayibuyi ilambatha. Uma ifika ibika lokhu, yazi kahle ukuthi ikhambi nanti. Yile ndoda engathi imali phambili, umshanguzo kamuva. Ngendlela eyindoda ngayo, ingakusikela nje lapho ithanda khona, uhambe ngaphandle kokukhipha ndibilishi nasithivili nasitebele. lyazi ukuthi uyozibuyela. Nguwe oyobuya ungawuvali umlomo, ufike uyizeke ngowakho mathupha. Yindoda-ke leyo. Hhayi imali phambili, kulalwe kungadliwe.

Kuyakhanya ukuthi indoda ukuba ibe yindoda kunezimiso nemigomo enqala. Awumane nje ube yindoda ngoba unentshebe. Ungaba nayo intshebe kepha kutholakale ukuthi awundoda yalutho, yigama nje. Futhi-ke ingani zikhona izintokazi ezishaya ngezazo izintshebe? lndoda iyama omiselweni lobudoda ngisho sekunjani, hhayi ukuthathwa yihlombe nemimoya. Indoda eyilabatheka ayinambitheki kwamanye amadoda, igcine isingusidlayedwana. Ngisho khona esizukulwaneni seNgcugce ayemukeleki ngoba naso asikhululeki ngelulwane. Naso sifuna indoda izisho nje kugcwale umlomo. Ingangathekisi sengathi ayizazi. Ukuthathwa kwakho yihlombe uyindoda ngenhloso yokuzuza okuthile, uvamise ukuhlangana nembizane; inhlanekela impela nhla, amathe agcwale umhlabathi. Ululazeke uphele uvele uyisilahlwanaboya.

Indoda yazi ukuthi iyaphondla, ayigezi. Ihlangula izintongo kuqala ngaphambi kokuningi. Uma iphondla akubuyi amadada eMngeni, qede sekwanele. Ngenjani le ndoda eziphophotha kushone ilanga? Ngisho isihamba unqandwe ngosende abaxaka ikhala. Uthi ngoba ngithi yindoda nje lena, pho kwedlula yona kwadungeka wonke umoya? Ngendlela okunyantisa ngayo, uzwa ngisho abanikazi bawo amakha, isimame phela, sesinximfa, siswace, sinyiphe ubone ukuthi siyanengwa. Esinye asikufihli ukuthi kufanele kube nomahluko phakathi kwami nesoka !ami. Uma kungasezukuba namehluko, kwehluke ngani ukuthi ngithandana nomunye usisi? Lokhu okungekho-ke emthethweni, nokungemukeleki nhlobonhlobo.

Indoda siyazi ixovuza qede igxobe, igaxe emzimbeni. Indaba yokuthi iqale izithambise, iziwashe-ke qede ibuye izifake ku”Stay Soft”, asikwazi lokhu, kusha sha siyakuqabuka. Indoda ivunule ngemvunulo ethanjiswe yaqedwa inkani? Akukaze kube wuphawu nesisekelo sendoda lesi. Shono uwabona amadojeyana esayekethisa nje? Shono amadojeyana esahlala ebunile nje, wena owabona imfino ishiswe yilanga? Yi “Stay Soft”. Awamane amakhosikazi abuze ukuthi aphenduke amadoda yini? Awamane angene agamanxe amakhosikazi kwezamadoda. lngani abaninizo sebaba ngubhanana. Uyawazi wona ubhanana? Angikaze ngiwubone onjena. Sekwaba yinamfunamfu yeshingamu into esihluleka nokuphakamisa ikhanda lodwa !eli, ayisakhulunywa eyamehlo nezandla. Ukuvula umlomo ngamahloni.

Indoda iyagxabhisa qede igxanxe kobona isisu nopopopo. Ngasuke ngakhumbula umfokaNtashingana madoda: “Usigwinya kushisa kophola kupopopo!” Bobobophu! Konakale manje kugcine! Ngasuke ngakhumbula umfokaNansikana:

USigwevagweva sophuthu! 

Sigwevagweva sephalishi! 

Asidli nengane siyayiphangela! 

Sagaba, sanephula isilwane!

Ngasuke ngakhumbula umfo kaNandingana:

UMafund’ afobele mtham’ unezinyembezi! 

Asidli nengane siyayiphangela!

Uma kukhulunywa ngamadoda. Uma kuthiwa indoda iyatshweleza, kusobala ukuthi wugume lolo noma zinkobe. Ngeke walokotha uthole indoda, ndoda, ndoda igoqozana nezichonco zo-ayanisi nez-inongwane ezingaqedwa. Ngeke uthole indoda ithosana nenyama, ilibele ukuyiqhola ngeziqholo zomame. Uma kunjalo, ubheka ushiye nje. Indoda uma ingayimfumuthanga inyama, ingabe ngumthala, ingabe yisibindi, isithi consi consi ngenyongo, iyayosa nje inyama. Kusukume usi lwemuke nomoya. Ohlangana nalo ezwe ukuthi iyabusa, ikhomba ngophakathi indoda.

Lokhu kuvusa umdlwenga kwamadoda ethi amakhosikazi afuna ukuzowagibela ekhanda kunendaba. Iminwe eminingi isola lona ibandla hhayi ukuthi ngamakhosikazi agagamela izicoco zebandla. Yibandla elishiye indawo yalo, lehla ngohologo. Namuhla izinga lawo lingaphansi kwelamakhosikazi, alokhu azibamba zaqina ezawo izinduku. Phika, vuma! Thani ngihubhuza akabhejana! Thani ngamanga! Kakade ngamanga. Wake wayibona indoda iyindoda ndo, idlela ephepheni? Namuhla sekuyiwona mchilo wesidwaba. Amadoda awasazenyezi ngokuhlaba ujenga nomcengezana wepheshana kushone ilanga. Amahloni aphindiwe, nokwenza emizini yabantu, esifeni. Emajadwini ibangisana noswebezane, abantabayo umugqa, kuyaphushwana, nansi nayo nobhebhenene wentshebe ithi sobonga sifikile, sobonga sidlile. Yithuna elithunazayo lokufa nokungcwatshwa kobudoda bamadoda. lndoda iyazithiba, ihloniphe indawo yayo.

Ningathini madoda ukuqophisana nomkenu nithi yini amadoda kepha nibe nibangisana “amathishu”? Indoda uyithole emphakathini, esidlangalaleni, ogelweni lwebandla, isikhipha “ithishu” isizithintathinta, isiziphophophophotha. Nansi isifinyafinya ngalo ulwelwesi lwepheshana lolu. Ubone amadoda ebhekana, athi nje ngezinhliziyo: “Bala! Sazalwa nabanye, siyofa nabanye.” Uyothi uzesulile uqedile uxexe, kanti inabukeni !eli lephepha ligcwele ubuso, ligcwele amakhala. Sekukude nje nasebandleni ukumncweba ukuthi wathi uzesulile kanti ubuzingcolisa. Uyoze ahawukelwe yimvelivelayo, ithi: “Thintitha ubuso lobu obebunyelwa ngamajuba.” Kuma kusa ngokunye ngoba ukusebenzisa nje akazi nakwazi ukuthi kusetshenziswa kanjani; uma ukusebenzise umathanda kuyasalela, kukuchakide kukuqede ukuba omunye engaze athi: “Thintitha amadevu wethu, nakhu usumakhovulana.” Angasho ukuthi susa ubhece esilevini, nakhu uzishiyele okuyindlela ehloniphekile nejwayelekile. Kodwa uyakuphezisa uthi: “Pheza kokwabantu!”

Ngisho umbhede nje wendoda uyehluka, uzisho ulunguza nje elawini layo okanye ekameleni layo. Bashaya amakhala abaningi bathi basafuna ukuzwa. Into ephathekayo ngeyensizwa eyathi ithi lungu ekameleni lenye indoda, yathola kubulivilivi. Kwambhede uhlobe ngomaduve, imiqamelo ikhwela phezu kweminye. Isithi ke: 

Hhawu! Wethu! Usuwaphathwa ngama-”High-High” yini?

Ithi-ke le ndoda: 

See Also

“Yini lokho?” 

“I-B.P!” 

“Ngani?”

“lmiqamelo engaka? Ngowani-ke lona omkhulu kangaka?”

“Ngowokuhlobisa.”

“Ngisho ngoba ngugogo engangimbona eshokwa ngemiqamelo uma esevukwe yiphika noma yisifuba?”

“Hhayi, wena uzokwedelela lapha! Phuma!”

Iqiniso lithi ziseshe mzalwane. Uyindoda na? Ayigcini lapho eyombhede. Uma sithi umbhede wendoda uyazikhetha ngisho kwaziwa kahle kamhlophe ukuthi iganiwe, sazi thina ukuthi indoda inombhede wayo, hhayi igugu ledabuli. Hhayi igugu lombhedemunye sengathi akwaziwa ukuthi kuganenwe. Kodwa iso elinzulu libuka ubunyemfu nhlangothi zombili. Asikhe-ke olwendoda esingayo lapha. Indoda yazi kahle hle ukuthi uma iyindoda kunesikhathi sokumzila umuntu wesimame. Kunezimo zesintu nezemvelo eziyigunyaza nya, nya,nya, ukuthi iqhelelane naye nangale nje kohlangothi ngokobulili bakwethu: esesilisa nesesifazane. Ikwenza kanjani lokho? Nini? Noma kuginqikwa khona lapha kudedangendlale wodadawe lombhede? Kuyithunaza kuyahlule indoda egila le mikhuba ngisho emihleni yokuzila. Ngisho ingathi izwe alazi, ukwazi kwayo, kepha iba n~sigcwagcwa nje, inganambitheki, ~be nyamana mbana. Ithi yini, yini, kanti indaba isendlini kwayo.

Ubunyemfu bendoda abugcini lapha, belukela phambili. Indoda ithi iyindoda ndo, ingumnumzane mnu, kodwa ubunyemfu budlange budle umunyu. Indoda ebuya phandle ebaleni, izochama endlini ingathiwani indaba yayo? Yinkilayitheke eqeda nasozwaneni. Yona ndoda mphini ethi ikhuza 1zmgane ngobunyemfu kodwa yona ibe inyemfuza, izozikhuza izithini zona yona ingesikhulu? Indoda iqinisa umuzi qha. Konje sekwahamba phambili ukuhlonipha umphakathi? Lokhu akusho ukuthi indoda ingawuhloniphi umphakathi kepha iyafulathela nje, bese ihlaba phansi ngedolo, qede iyakaze iketela. Kukhona ukuhlonipha okwedlula lokho? Kunokuthi umuzi wakho okanye umuzi kayihlo, nakhu sengibhimba, owakho uwuthathaphi, uphenduke iqabunga qabunga lona liphephethwa, lipheshulwe ngumoya? Unjalo phela umuzi ongaqinile.

Unjalo nje uyedlulela. Yilolu hlobo lomuzi okukhulekwa kulo usungaphakathi endlini, indoda ibe ikhona. Yilolu hlobo lomuzi okukhulekwa kulo ekhishini, indoda iqhunsule amehlo ngaphambili. Indoda enye igcaluze, igcakagce igcine kwamachangca emzini wendoda ikhona. Indoda iqhamuke isithi thushu endlini, indoda ingazi ukuthi ingene ngaphi, nini, kanjani? Enye indoda iqhamuke isiyethulwa ngumkakho, eqhamuka nayo ekhishini, uyindoda ukhona? Sekukhulekwa kumfazi lapha ekhaya, ukhona uyindoda? Izifiki zingeniswa ngumfazi lapha ekhaya, indoda ikhona. Amahloni aphindiwe, edlula ukwenza. Kakade indoda nguye nje umfazi. Ulwelani naye uma ethi kukwakhe, kusemzini wakhe? Ngowakhe! Mnike itayitela, uthathe amaphinifa wena. Uthule uthini enye indoda ingena ithwele isigqoko emzini kayihlo, ize isithwale ngisho endlini, ijike ingazi nanyaka, ingazi ukuthi lidumephi? Ziyakunuka izangoma! Sukuma! Thatha ezakho!

  Lombhalo ucashunwe ebhukwini likaSolwazi uKhumalo ‘Inyoni kayiphumuli (1996) 

Scroll To Top