Now Reading
Usizi lwaboHlanga: Igazi lomuntu liyakhuluma
Dark Light

Usizi lwaboHlanga: Igazi lomuntu liyakhuluma

Isisho sesiZulu sithi alikho itshe eliyohlala phezu kwelinye kuze kube ngunaphakade akukho okufihlakele okungeyo kwembulwa, le nkulumo isuselwa kulolu daba: 

Ummangali ungumfundi owenza unyaka wesibili esikhungweni semfundo ephezulu, owangeniswa esibhedlela iKing Edward kuWard N5A ngomhla zi-5 kuNhlangulana wezi-2022. Mhla zi-11 kuNhlangulana , esinye isiguli sentombazane sangeniswa kuWard N5A, umbhede wakhe waqondana ngqo noka mmangali.  Le ntombazane ilinganiselwa ukuthi ibineminyaka eyi-17 ubudala, ikhale ngokuba nekhanda elibuhlungu nelinkenkethayo. Abahlengikazi bamnika amaphilisi, wabonakala esehlise umoya emva kwalokho. Ngemva kwemizuzu embalwa, wakhala ngekhanda elifanayo, abahlengikazi baphinde bamnika amaphilisi, kodwa lapho ekhononda okwesithathu, abazange bamnikeze amaphilisi ngenxa yokwesaba ukuthi kwakuzoba ukweqisa ngaleso sikhathi. Kungakapheli isikhathi esingakanani yaphinde futhi yakhala ngekhanda elinkenkethayo. Ngezithuba zabo-17h40, wavuka embhedeni wakhe, wazama ukuhamba kodwa wadiyazela wawa ngobuso. Wawa washayiseka onqenqemeni lombhede wommangali wethu, washaya umbhede ngekhanda wawa ngobuso. Ummangali wethu ucele usizo, abahlengikazi abafikanga ngokushesha. Ngemva kwemizuzu emihlanu ecela usizo, bafika abahlengikazi bezobheka ukuthi kwenzekeni, nokho, lapho bebona ukuthi yilesi siguli esidindilizile, ukudindiliza kwaso bakushaya indiva. Ummangali wethu uthi abasebenzi bamsola ngokuthi uthanda ukubukisa. Kubonakala sengathi le ntombazanyana yayike yangeniswa kulelo wadi ngaphambilini, ngoba abahlengikazi babeyibiza ngegama layo.

Ummangali wethu ukusiphendula isiguli wethuswa igazi. Okumxake kakhulu ukuthi isiguli ebesiqulekile besiphuma igazi ngamakhala, okukhombisa ukuthi ukuwa kwaso bekukubi kangakanani. Kwaze kwashaya u-18h20 kwayikhane abahlengikazi beqala ukusiza isiguli. Bamphakamisa phansi bamlalisa embhedeni wakhe. Udokotela wahlola ukushaya kwenhliziyo yakhe futhi washo ukuthi isiguli sishonile. Lokhu kwabamangaza abahlengikazi kwabeka ummangali wethu engcupheni njengoba bekunguye yedwa ufakazi wakho konke. Abasebenzi baqale ukufaka ingcindezi kummangali wethu ukuthi athule angadaluli ukungaziphathi kahle kwabo. Ngakusasa umatron wesibhedlela waya kobona ummangali wethu ukuze aqoqe imininingwane egcwele ngokwenzeka mayelana nesiguli. Ummangali wethu utshele umatron konke akubonile. Ezinsukwini ezimbalwa ezalandela, izisebenzi zazilokhu zitshela ummangali wethu ukuthi zizolahlekelwa umsebenzi uma eqhubeka ekhuluma ngalokho akubonayo. Ummangali wethu unesithombe sefayela lakhe lapho udokotela abhala khona isitatimende ngokwenzeka ngalobo busuku, esiyingxenye yobufakazi obubhaliwe bokwenzeka.

Ngesikhathi abazali besiguli befika esibhedlela, abazange bangene ngisho ewodini. Ummangali wethu ubengakwazi ukuxhumana ngqo nabazali besiguli esishonile. Nokho esinye seziguli ewadini sihlangane nabazali bakamufi ekheshini abasitshele ukuthi abatshelwa yisibhedlela wukuthi indodakazi yabo ivele yawa yashona. Akuzange kukhulunywe okunye, okushiye abazali besiguli esishonile bengahlalisekile futhi bedidekile njengoba lokho kungawenzi umqondo ophelele. Ummangali wethu uphume esibhedlela kodwa akakwazanga nokulala njengoba ebone intombazane ishona phambi kwakhe, impilo yayo ibingasinda ukube abasebenzi basesibhedlela basheshe basabela esikhalweni sakhe. 

See Also

Kuthe uma sithola isikhalo sasithumela kuMphathi  Womnyango uDkt uShabalala ukuze asisize siqinisekise ukuthi isitatimende esisithole kummangali wethu siyahambisana yini nezitatimende zabasebenzi basesibhedlela iKing Edward mayelana nokushona kwesiguli. Siphinde sacela usizo lokuthola abazali besiguli esashona ukuze sithole ukuthi uphenyo lweisibhedlela lithini ngokushona kukamufi. 

Njengenhlangano i-Ayanda Msweli Foundation, siyazibophezela ekutholeni iqiniso lazo zonke izinto eziphathelene nokushona kwesiguli esashona gomhla zi-kuNhlangulana. 

Scroll To Top