Now Reading
Ujulile umlando woBukhosi besizwe samaBomvu
Dark Light

Ujulile umlando woBukhosi besizwe samaBomvu

Imvelaphi yesizwe samaBomvu

Umlando uveza ukuthi isizwe samaBomvu singamaNtungwa-Nguni saqhamuka ngaseNyakatho. Safika sazinza eQhudeni ngalapho kuhlanga khona uThukela noMzinyathi. Kulapho abantu bakwaNgubane bahlangana khona nabantu bakwaNgcamu, ababenesiko lokunqamula ucikicane wesandla sokunxele. Ingxenye kacikicane esalayo ngemumva kokunqunywa kukacikicane, ibizwa ngendiki. AbakwaNgcamu leli siko lokunqamula ucikicane balithatha kuBathwa okuyibona ababenalo mkhuba. AbakwaNgcamu babeyisizwana esincane futhi esasibukeka singazi lutho ngokuphathwa kwezwe. Babelibele ukuvuka ekuseni bayobala izintuthwane ukuthi kudlula ethwele, kudlule engathwele. AmaBomvu athatha lelo thuba abagwaza babaleka bashiya indawo ezandleni zamaBomvu. AbakwaNgubane nabakwaLatha (Dlamini) balithatha isiko lakwaNgcamu lokunqamula ucikicane.

Abantu bakwaNgubane (amaBomvu) bayinzalo yomuntu owayethi nxa esebenza nabalandeli bakhe bagcobe ibomvu. Umlando udalula ukuthi lowo muntu wayehlala egcoba ibomvu kangangokuthi abantu babengakwazi ukubona ukuthi ungubani. Kwagcinwa esebizwa ngokuthi “Ngubani”. Inzalo yakhe yiyo lena ebizwa ngokuthi ngo “Ngubane”, ngokokukhuluma osekukhona kulesi sikhathi samanje. Igama elithi, “Ngubane” alinancazelo kanti elithi “Ngubani” linayo futhi lenza umqondo. Lapha kwaNgubane kunomuntu oyinzalo kaNgubani ogama lakhe linguMbomvu elivela ohlweni lwamagama amakhosi akwaNgubane. 

Akukho lutho oluthinta wonke lawa amanye amakhosi angaphambi kukaNdlovu kodwa kukhona umnyombo womndeni oxhuma kuNomafu ngqo, hhayi kulawa amanye amakhosi. 

Nokuba kunabantu abacishe babe bane phakathi kwalona ogcine phezulu noNomafu, amagama abo angatholakali. Laba bantu abane abakanye noMatomela uNdlovu uMyaluza noNgogozabantu, okunguyena ozalwa nguNomafu.

Lo mndeni uwuzalo lwasebukhosini kodwa-ke ngokolibo uxhuma kude kuNomafu, hayi kulawa Makhosi aseduze. Lena engikhuluma ngayo indlu kaMacabhela nokho akutholakalanga ukuthi uMcabhela lona wabezalwa ngubani lowo azalwe ngubani njengoba sengichazile kuze kuyofika kuNomafu. Abaqondene noMacabhela bavele nje bathi uMabhela uzalwa uNomafu.

UMacabhela wazala uNomfihlelo, ngokufihlela izinyoni abantwana bazo,yena wazala uNeno, uNkangala, uDlabekwana noVumelana. UNeno waganwaka ngamakhosikazi amathathu; uMajali, uMaShezi, indodakazi kaMgcwanyana, noMaPhungula. 

KwaMajali uNeno wazala uMkhandeni, uMhawana nondlwanambana. KwaMaShezi wazala uMahlala, uNkantini noTshelabantu. UMahlala wazala uNhlamvu. UNkantini wazala uGezizwi kwathi uTshelabantu wazala uNomafu. KwaMaPhunga uNeno wazala uGcugcwa.

UGcugcwa waganwa ngamakhosikazi amahlanu; uMaNgobese, uMaNxumalo, uMaKhumalo, uMaDlamini noMaJali. KuMangobese wazala uSakhephi noNdabibomvu. UMaNxumalo noMaKhumalo abatholanga ngane. KwaMadlamini wazala uSigezengu, uMfana uMgabhi noMoto. 

KuMaJali uGcugcwa wazala uBuzani owendela kwaKhumalo, uGxumshane, uMboneni, uDamu uSithe noMpondi. USakhephi waganwa uMaMkhize, uMaMthonti uNgqingo, uFunani, uGedevu noNini. 

UMaKhuzwayo akatholanga ngane.

UNdabibomvu waganwa amakhosikazi amane; ukaMagwaza, uMaThusini, uMaKhumalo noMaDlamini. KukaMagwaza wazala uGwevile noMamfu. KwaMaThusini wazala uMdudeni, uMade, uNgema, uZodwa, uMafahleni uSifundo noBawinile. 

See Also

KuMaKhumalo wazala uFanisile, uSifiso uNtombikhona noNtokozo. KuMaDlamini wazala uNkululeko noPhuphu. UMdudeni wazeka uMaMbambo wazala uVelile, Lindile, uSiyabonga no-Andiswa.

UNkangala wazala uMveshe noVovo (uVovo obomvu odliwa yizinyoni.) UMveshe uzale uNqabela noSikeyi. UNqabela waganwa uMaBhukwini wakwaMkhize wazala uKikiza, uSigamfu noKhinyana. 

Waphinde waganwa nguMaMthambo wazala uSimpo. USikeyi wazala uVelaphi  noMzukwa. 

UVelaphi waganwa nguBabongile, indodakazi kaFahla, waseMantanjeni wazala uFakitshe, uMacosha uMathombi noKhethabahle. UMzukwa wazala uMpisemnyango nabanye. 

UNgitheni indodakazi kaNgaphi wakwaSithole noNgakhile wakwaMadondo. 

Akukho lutho olutheni umlando oluvezayo ngeNkosi uNdlovu kaMyaluza ngaphandle kwamagama abantwana bakhe. Mayelana noMatomela, indodana kaNdlovu umlando uveza amagama abantwana bakhe, amagama emizi yakhe kanye namabutho abuthwa nguye. 

Scroll To Top