Isekhona insila yokubukelwa phansi kwemidlalo yesibhuda



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngaphandle kokucwasana ngobuhlanga okuvamisile kodwa engikubona kakhulu lapha eNingizimu Afrika, ukucwasana ngobulili okuhamba phambili. Namuhla kuqala iNdebe YoMhlaba yabesifazane yekhilikithi, i-ICC Women’s T20 World Cup. Umbuzo enginawo ukuthi bangaki abaziyo ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha lo mqhudelwano.
Nginesiqiniseko sokuthi ukube abantu besilisa bekuyibo akade bezosingatha lo mqhudelwano ngabe yinto eyaziwa iningi labantu. Okubuhlungu kunakho konke izintokazi zakithi muva nje zenza kahle kakhulu, ubufakazi balokho koweT20 zikeliswe endaweni yesine emhlabeni kowe-One Day International (ODI) zikeliswe kweyesithathu.
Akuyona into eyaziwe namhlanje ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha lo mqhudelwano okokuqala ngqa emlandweni wekhilikithi, kodwa kwaziwa ngonyaka wezi-2020. Phezu kwakho konke leli yizwe lokuqala lapha ezwenikazi ukuwusingatha lo mqhudelwano, okuyinto engencane neze. Uma ubheka kumabonakude muva nje into eduma kubantu ekhanda iNedbank Cup okuwumqhudelwano kanobhutshuzwayo, umbuzo uthi ngabe iwona omkhulu odlula iNdebe YoMhlaba yini.
NgoNtulikazi kuya kuNcwaba iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe YoMhlaba yomnqakiswano, kuyimanje fuze ingabe usungenile lomoya kumabonakude, isemaphepheni, nasemsakazweni kodwa kuthule nje. Nakhona okokuqala ngqa emlandweni leNdebe YoMhlaba izobe isingathelwe e-Afrika.
Ukube iNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo wabesilisa ngabe silala ngayo sivuke ngayo, okuyinto engalungile neze. Ngonyaka we-1994 elauleli lathola inkululeko, kodwa ngibona kusekhona ukucindezeleka kwabathize.
Okubuhlungu kunakho konke laba besifazane basimela kahle kwibalazwe, buka nje iqembu lomnqakiswano lakwazi ukusimela kweyoMhlaba e-England ngonyaka wezi-2019 laphuma endaweni yesine. Ngokwezikeliso emhlabeni kwikhilikithi kwabali-10 emhlabeni sinabadlali balapha ekhaya abakhona lapho ngibala uLaura Wolvaardt, uShabnim Ismail, u-Ayabonga Khaka noMarizanne Kapp.
Laba besilisa abenzi kahle iBafana Bafana noma kuthiwa idlala owobungani, sitshelwa ngayo kube engathi iya kweYoMhlaba inkosi impela. Kuthi makudlala iBanyana Banyana, uthuka ngoba usuvula umabonakude ukuthi kunomdlalo wayo. Yanqoba indebe ye-Women’s African Cup of Nations (WAFCON) nyakenye yize yabungazwa kodwa kwaba ilezo zinsuku, ekubeni iBafana Bafana yayinqoba ngowe-1996 kodwa namanje sisatshelwa ngayo. Sekuyisikhathi sokuthi kushintshe izinto manje, vele akusenzekalanga ngalemidlalo yekhilikithi kodwa kwelomnqakiswano akube khona ubulungiswa. Sifuna kushaye uNtulikazi abantu sebazi kabanzi ngayo, singalokhu njalo sabeleselwa ngonobhutshuzwayo ekubeni singenzi kahle vele nakuwona.