Now Reading
Usizi lwaboHlanga: Amanye amadoda anonya
Dark Light

Usizi lwaboHlanga: Amanye amadoda anonya

Sekukhulunywe kakhulu ngokuhlukumezeka kwabantu ezweni sakhile kodwa ikhona ingxenye engakathintwa. Lapha ngikhuluma ngokuhlukumezeka komuntu wesifazane, ehlukunyezwa ilona asebudlelwaneni naye ngemuva kokuthi ekuteteni kwakhe kanti uzothola ingane ekhubazekile. 

Lapho indoda izosebenzisa amagama ahlabayo nanzima esephika ingane, amagama afana nalana, “Mina angisizali isidalwa, kithi asikho isidalwa ngakhoke hamba uyofuna ubaba walesidalwa sakho uhlukane nami phansi futhi ungaphinde ungifonele”. 

Akugcini ke ngokuthi kube ngowesilisa ophika kanjalo kepha nomndeni wakubo uphinde ushayele isipikili sokugcina ngokukhaca lowo wesifazane. 

Ngaphezu kwaleyongcindezelo yasemndenini kuphinde kungezelele nomphakathi wakuleyo ndawo. Akugcini lapho nezinsiza ezivela kuhulumeni eziqondene naloluhlobo lwengane zitotoba njengonwabu lutotobela ubukhwebezane. 

Izinsiza ezifana nokuhola imali yesibonelelo, isihlalo sokuhamba, indlu ekwazi ukumelana nesimo sengane ekhubazekile, usizo lokululekwa kukamama wengane ngokomqondo. Abanye balaba omama babhekane nezinhlamba nsukuzaphuma, lokho nje kukodwa kuyaludinga usizo lokwelulekwa ngokomqondo. Ukuzala uhlobo lwalengane kuyadinga ukusekelwa kakhulu ngothando.

Uma udokotela ehlonza kusenesikhathi eside ngaphambi kokuzalwa kwengane ukuthi ingane ikhubazekile bekumele umama wayo anikezwe ukwelulekwa ngokomqondo isikhathi eside, kungabi ilesisimo esisithole oPhongolo ku Ward 11 eSigungwini emzini wakwa Mathe. 

See Also

Nansi inkulumo kamama owayekhulelwe izingane ezine: “Kuthe ngikhulelwe lengane lena zazizine kodwa udokotela wayengaboni nokuthi abantu abangakhi. Ngahamba ngaya esibhedlela, wafike wathi udokotela angibakhiphe ngibabulale ngoba kuyafana ngeke baze baphile ngoba bakhubazekile, ngathi mina angeke ngikwazi dokotela ukuthi ngibabulale. uDokotela wasesibhedlela Wayesethi hamba kudokotela wakho akwenzele incwadi ukuze ngikwazi ukubakhipha abantwana. Ngathi ke mina angeke ngikwazi ngingamane Ngibuyele nabo emuva, uma sengitetile ngizobuya ngizonikhombisa ukuthi sengibatetile. Kwathi sengiteta laba abanye baphuma beyizicucu sengathi bebedliwa isilwane ngaphakathi, lona oyedwa waphuma ephila. Kuthe sengitetile kwabe sekubakhona umkhokho kubaba wabo wokuthi sekunabantwana abakhubazekile sagcina sesixabana. Into esixabanisile kakhulu ukuthi usenabantwana abakhubazekile, kanti bakhona abanye abantwana esinabo abadadlanyane abangakhubazekile. Ubaba wazo lezingane wagcina engasabondli abantwana nami ngagcina ngibuya ekhaya ngoba sasihlala ndawonye. Ngithe sengibuyile ekhaya sengiqoqe konke Okwami ngezwa kuthiwa umuzi usewudayisile wahamba wayokwakha kwenye indawo. Lona okhubazekile yena una 1 year 4 months ukhasa ngekhanda ngoba ikhanda likhulu kunomzimba.” 

Khonamanjalo asiphuthume eVryheid eLakesdie Ward 11 kwaDhlamini siyolalela olunye udaba oluthi alufane ncamashi nalolu  lwasoPhongolo: “Ngesikhathi ngikhulelwe ngase ngiyamtshela ubaba wengane ukuthi ngikhulelwe nganginokhwantalala vele ngoba ingane ngangingayilindele ngaleso sikhathi, kodwa ngase ngiyamukela ukuthi sengikhulelwe. Emva kwalokho ngaqala ikliniki nginenyanga eyodwa ngikhuthele kakhulu ngilokhe ngiyihamba abahlengikazi bethi ingane ayinankinga  iphefumula kahle esiswini. Kuthe sengizoteta ngaphuthunyiswa esibhedlela nga-checkwa kwathiwa inhliziyo yengane ayishayi kahle base bengifaka amabhande bangisheshisisa ngomjovo wokuthi ngisheshe ngitete ngoba babesebebonile ukuthi ingahle iphume ingane ingaphili. Ngithe mangiqeda ukuteta ingane ayangakhala kwathiwa ingane inenkinga  umzimba wayo uqinile, ithule nje ayinyakazi nesisu sisikhulu sinemithambo sicwebezela ubona ukuthi amanzi lawa agcwele phakathi. Ingane yaphuthunyiswa eNursery, udokotela walapho abize i-ambulance bazame ukuphuthumisa ingane esibhedlela eMaritzburg. Masifika eMaritzburg bayikhipha amanzi, kwaphuma amanzi amaningi kuye ngoba nami bangikhombisa. Wahanjiswa kwiCT Scan khona eMaritzburg kwabonakala ukuthi amanzi asemlimazile umqondo futhi angeke esaphila ngendlela angeke esafana nezinye izingane. Bamyisa naku MIR Scan nakhona baqinisekisa ukuthi ingane ilimele emqondweni. Kulapho khona ngamtshela ubaba wakhe ukuthi senginekinga ekanje, lapho waphika yonke into wathi akusiyo eyakhe lengane nami ngiphume kuye ngingalokhu ngembangela isicefe ngoba yena akayizali ingane enezinkinga. Ingane ikhubazeke ngokuthi ayihambi ihlale ihleli noma ilele, izingalo zakhe ziqinile njalo ekuseni kumele ngivuke ngimelule ngoba izingalo ngezinyawo zihlale zigoqene. Umgogodla wakhe awuqinile ngemuva ngoba intamo iyagoba udinga ukuthi ngimnakekela ngibe seduze kwakhe zikhathi zonke.” 

Nakhu ukuhlukumezeka okungakaze kukhulunywe kugxilwe kukho. 

Scroll To Top