Wukufa kukamangobe ukulungisa nokuqamba amagama kabusha


Abantu abayi nganxanye bengamanzi okwenza kube lukhuni satshe ukuvumelana kwezakhamuzi ngegama lendawo elizosebenza kulawo asephakanyisiwe
UKULUNGISWA nokuqanjwa kabusha kwamagama ezindawo, ezintaba, emifula, ezigodi nawemigwaqo emikhulu kwenziwa yinoma wubani owakhele indawo lapho kutholakala khona konke lokhu. Abantu abanalo ulwazi lokuthi ngisho isakhamuzi esisodwa siyakwazi ukufaka isicelo sokulungisa igama lendawo esihlala kuyo uma sibona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngalelo gama. Ngisho ukufaka isicelo sokuthi indawo iqanjwe kabusha nobani angakwenza. Zenze njalo nezakhamizi zedolobha iMelmoth. Zifake isicelo sokuthi igama elithi Melmoth kelibhekisiswe ukuthi lilungile yini.
Usuya ngasemaphethelweni umshikashika wokuqanjwa kabusha kwedolobha iMelmoth. Uthi usuya ngasemaphethelweni lo mshikashika kodwa ube unezinkinga eziningi ezibhekene nekomidi elenza lo msebenzi. Ezinye zalezi zinkinga wukutshelwa yizakhamuzi ukuthi zona zikhokha intela yemisebenzi kaMasipala ngakho-ke akekho umuntu ongenza noma yini mayelana nokuguqulwa kwegama ledolobha ngaphandle kwazo. Njengoba zikhuluma kanjena lezi zakhamuzi kunamagama amane okuyiwona aphakanyisiwe ukuze avotelwe. La magama yilawa: ‘Melmoth, eMthonjaneni, eThembeni nelithi eNketheni’.
Lezi zakhamuzi ezizabalazayo ezithi zona zikhokha intela yemisebenzi kaMasipala zisho ngonoqhakala ukuthi azihambisani nokutshelwa ngomunye umuntu mayelana nokuguqulwa kwegama ledolobha. Kusobala ukuthi le ntela yemisebenzi kaMasipala inikeza izakhamuzi ngisho igunya lokushaya imithetho imbala mayelana nokulungiswa nokuqanjwa kabusha kwamagama ezindawo. Umuntu ugcina esezibuza ukuthi kanti le ntela igixabeza izakhamizi amandla angaka nanokuthi abatshelwa ngani pho abanye abantu ukuze nabo bawaqonde kahle lawa mandla abawagixabezwa yile ntela? Asazi-ke noma akhetha abathile kuphela yini la mandla.
Le ndaba yentela yemisebenzi kaMasipala iyaqhamuka ezindaweni eziningi lapho imiphakathi ifuna kulungiswe noma kuguqulwe amagama ezindawo. Kwezinye izindawo uthola ukuthi akubi wumbandela wentela yemisebenzi kaMasipala kodwa uzwa izakhamizi zivuka umbhejazane zithi zavota zona. Uma zavota kusho ukuthi akekho omunye umuntu ongathi akwenzeke noma yini mayelana nokulungiswa kwegama lendawo ezihlala kuyo. Uma kukhona izakhamizi ezithi zona zavota, kuba sengathi lona noma laba abafuna kulungiswe igama lendawo bona abazange bavote. Ukuvota lokhu kusho ukuthi kunika amalungelo angefani kubantu.
Eminye imibhalo kaMnu uMpumelelo Mbatha:
• Izinsika zenhlonipho zagululwa yini
• Ukunotha kolimi lwethu kubuze koqolothakammango besiZulu
• Izilimi zaboMdabu zisanyathelwa ngezinyawo
Kwezinye izindawo uthola izakhamizi zibhoka zikhahlela uma kudingeka kulungiswe igama lendawo elingabhalekile kahle. Kuyenzeka uthole ukuthi igama lendawo lonakele ngohlamvu olulodwa kuphela oludinga ukulungiswa. Uthola izakhamizi zibhilita zithi igama lilunge linjalo; maliyekwe lingathintwa. Isibonelo segama elithi eMlaza. Kwafakwa isicelo ekomidini lokuqanjwa nokulungiswa kwamagama ezindawo sokuthi kulungiswe unkamisa wokugcina wegama lale ndawo. Isicelo esafakwa sasithi le ndawo kufanele ibizwe kuthiwe eMlaza hhayi eMlazi. Ayikho incazelo equkethwe yigama elithi uMlazi.
Bakhona abangayihhoyi nakuyihhoya eyokuthi kukhona igama elingenayo incazelo uma kubhekwa ukubhaleka kwamagama esiZulu. Uma bechazelwa ngokubaluleka kokuthi igama negama kuhle liqukathe incazelo ethile, kuvele kufane nomsebenzi wenkukhu iqhwanda ezaleni. Kwezinye izindawo lapho kulungiswa khona amagama ezindawo uthola ukuthi izakhamuzi zibeka umlando wegama phambili. Zishaya phansi ngonyawo zithi mawungadungwa umlando wazo uma kukhona abafuna ukuguqula igama lendawo. Nakhona-ke laphaya eMelmoth kukhona izakhamuzi ezithi igama elithi Melmoth linomlando eziwukhonze kakhulu.
Ayilula neze le ndaba yomlando wegama kanye nokukhonzwa kwalowo mlando ngabathile. Umlando wegama uhamba nokuthi lowo mlando ungumlando omuhle ngalelo gama noma ungumlando olumelayo kwabanye abantu. Umlando wegama ulungile uma kungumlando ongenalo uhlalwane kwabanye abantu nokungenzeka ukuthi uvuse izilonda esezaphola kwabanye. Muhle umlando wegama uma ungeke uvuse uhlevane kwabanye kodwa uzokwakha ubumbano kuzo zonke izakhamizi. Kwenye inkathi igama liba nomlando othola ukuthi uthanda ukuba nokuhlambalaza kodwa uthole ukuthi umphakathi ulifuna linjalo. Ziningi lokhu okudida ikhanda izinkinga zokuqanjwa nokulungisa amagama ezindawo.
- UDkt uMpumelelo Mbatha umhleli wesiChazamazwi sesiZulu