Now Reading
Ngizikhandlile ukuze ngifinyelele kulesi sigaba sempilo: Mphahlele
Dark Light

Ngizikhandlile ukuze ngifinyelele kulesi sigaba sempilo: Mphahlele

Isitobha sa-AmaZulu FC uRamahlwe Quinton Mphahlele ungomunye wabadlali asebedlale isikhathi eside esigabeni esikhokhelwayo eNingizimu Afrika.

Lo mdlali odabuka eLepelle-Nkumpi, eLimpopo usedlale iminyaka eli-15 kuPremier Soccer League (PSL). Waqala ukubonakala kwiMoroka Swalllows ngonyaka wezi-2007.

Ekhuluma nelaboHlanga ubalule ukuthi akuyona inhlanhla ukuthi udlale isikhathi esingaka kuPSL, njengoba namanje esadlala.

“Lolu hambo engiluhambile akuyona into engathi inhlanhla, kodwa ukusebenza kwami kanzima. Zonke izinto engizizulile kanobhutshuzwayo, kungenxa yokusebenza kanzima. Ngiyaziqhenya ngalokho akuyona inhlanhla, ngisebenzile.

Njengamanje ngiyingxenye ya-AmaZulu FC. Ngihlose ukufaka isandla ukuze ngisize leli qembu ukuthi lizuze okuthile” kusho uMphahlele.

Ngaphandle kokudlalela iMoroka Swalllows, waya kompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns, wathi qu kwiPretoria University neKaizer Chiefs. Uke wadlala naseqenjini lesizwe kusukela emazingeni aphansi kuya kwiBafana Bafana.

Lesi sitobha esineminyaka yobudala engama-32 sithe ukujoyina kwaso AmaZulu FC akusho ukuthi size eholidini kodwa sizosebenza silwelwe ukudlala. 

See Also

“Ngizele ukuzodlala ibhola, ukusiza abadlali abancane nokulekelela iqembu ukuthi lenze kangcono. Angizele ukuzophumula ngilibale ukweluleka abadlali abancane kuphela. Ngizele ukuzolwela ijezi. Kunabadlali abancane abafana noSandile Khumalo, kanye noSamkelo Mgwazela nabanye. Bayazi ukuthi ngizohlale ngiqhudelana nabo ngoba ngifuna ukudlala, angizile eholidini noma ukuzozipholela” kuqhuba uMphahlele.

Uncome ubukhazikhazi beTheku wathi indawo enhle kakhulu, usafuna ukuthi ayijwayele. Uphinde wathi ungene wathi khaxa ku-AmaZulu FC njengoba kunabadlali aseke adlala nabo.

UMphahlele ubengomunye wenqwaba yabadlali abadedelwe iChiefs ekupheleni kwesizini edlule futhi ubengomunye wabadlali asebekhulile okudingeke ukuthi bafune amaqembu amasha ezinyangeni ezedlule. Abanye abadlali abadedelwa noMphahlele uSamir Nurkovic, uBernard Parker, uLeonardo Castro, uDaniel Akpeyi, uLebohang Manyama, uDumisani Zuma, uLazarus Kambole, u-Anthony Akumu noDaniel Cardoso.

Scroll To Top