Now Reading
Kunezikhalo ngesibalo sabesifazane kwezamankomane
Dark Light

Kunezikhalo ngesibalo sabesifazane kwezamankomane


Bafisa ukuthi bangagcini ngokwandisa isibalo kepha bancintisana nasemiqhudelwaneni emikhulu


UMengameli kazwelonke weSouth African National Boxing Organisation (SANABO) uSiyabulela Mkhwalo uthi ufuna sande  isibalo sabesifazane abazobuya nezindondo kumaCommonwealth Games kanye nakuma-Olympics. Uveze lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iWomen In Boxing Week, enxanxatheleni yezitolo ePavillion, ngasekuqaleni kwesonto.  

Lo mkhankaso usungulwe yinhlangano eyengamele isibhakela kuleli, iBoxing South Africa (BSA), kanti kuhloswe ngawo ukukhuthaza abesifazane ukuthi bangene esibhakeleni njengoba kuyinyanga yabo. Umcimbi ubuhanjelwe yizikhulu zeBSA okukhona kuzo uNsikayezwe Sithole, uThobile Sifunda woMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, nophromotha besifazane, uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions, uMbali Zantsi weShowtime Boxing Promotions yase-Eastern Cape noNomvelo Magcaba Shezi weMvelo Promotions.

“UPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni indlela uyivulile ngokubuya nendondo yethusi kumaCommonwealth Games eBirmingham. Ngalokho sinengcindezi yokuthi kumele sisandise isibalo sabesifazane abazosimela kwezamankomane emiqhudelwaneni emikhulu, bengagcini ngokusimela nje kodwa basibuyele nezindondo. Ukufeza lelo phupho ukuthi sihambise abesifazane bakuleli kwimiqhudelwano yangaphandle beyoncintisana khona. Siphinde ezifundazweni sihlele imiqhudelwano emikhulu ezokuba eyabesifazane bodwa. Singagcini ngokuthi bebe seringini kuphela kodwa sibe nezifundo ezizobanjwa njalo emva kwesikhathi lapho kuzobe kukhuliswana khona ngalo mdlalo” kusho uMkhwalo.

Ubalule ukuthi bazoqala ngokuthi beqinisekise ukuthi abesifazane bakuleli benza kahle kowe-African Championship ezokuba seMozambique ngenyanga ezayo. Emva kwalokho kuzoba nokuhlungela kokuya kuma-Olympics kanye nomqhudelwano weWorld Championship. Uphinde wancoma isifundazwe iKwaZulu-Natal ukuthi sinalo ikhono kwezamankomane. OPhromotha bawujabulelile lo mkhankaso, oqale ngoMsombuluko ozoze uphele kusasa ekuseni. ElaboHlanga likhulume noZandile kanye noMbali. 

“Akufanele lokhu okwenziwayo kugcine njengoba kuyinyanga yabesifazane kwenzelwe ipolitiki. Asiyidingi leyo nto ngoba amantombazane akhona esibhakeleni unyaka wonke. Inkinga esibhekene nayo wukuthi laba bantwana bayaphuma kwezemidlalo ngoba bayakhulelwa ngenxa yokubona ukuthi bamosha isikhathi ngokuhlala ejimini ngoba abazitholi izimpi. Uma uhulumeni wethu engasiza ukuze bezothola izimpi ezimbili noma ezintathu ngonyaka, kungalunga. Akulingane nokwabesilisa. Uma kuhlelwa izimpi eziyisithupha, ezintathu akube ngezabesifazane. Ngaleyo ndlela sizothola amantombazane amaningi esibhakeleni. Siyabonga kakhulu ukuthi iBSA izinikelele ekutheni idlale indima ukuthi isibhakela sabesifazane sibuyele esimeni esisifanele” kusho uMbali ozobe eqhathe izimpi ngeSonto.

UMbali ungowesifazane wokuqala owaqhatha izimpi zabesifazane eNingizimu Afrika. Ezimpini zakhe ezizobanjelwa eGqeberha, e-Eastern Cape ingqwele kazwelonke kwiCruiseweight uRazel Mohammed wakhona e-Eastern Cape uzovikela ibhande lakhe kuRolen Mulebo waseGoli. 

Omkhaya base-Eastern Cape uBabalwa Nqonqotha no-Olwethu Rula bazolwa kweye Bantamweight. Kanti uSanele Magwaza noMashudu Ramakwele bazolwa kweyeFeatherweight.

See Also

Uhlelo lweWomen In Boxing Week namuhla ngoLwesihlanu luzobe lugxile e-Olive Convention Centre okuzobe kunezimpi zeStarline Boxing Promotions. 

UZandile: “Ngiyavumela noMbali, kumele bathuthukiswe abesifazane ayi ngenyanga yabo kuphela kodwa nsuku zaphuma. Uma kuwukuthi uma umdlali wesibhakela ekwazi ukushintsha impilo, kungani pho kube ukuthi abesilisa ibona kuphela abathola ukusekwa. Imali okuxhaswa ngayo abesilisa ayilingane neyabesifazane” usho kanje. Uqhube wathi bona bewoPromotha besifazane abawatholi amathuba atholwa abesilisa, leyonto kumele iphele.

 Isonto lizovalwa ngokuthi abesibhakela bahlangane nePhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, uNocawe Mafu, eMhlanga ngoMgqibelo.

Scroll To Top