Now Reading
Inkosi eyabe iyiqhathanzipho (Isiqephu sesibili)
Dark Light

Inkosi eyabe iyiqhathanzipho (Isiqephu sesibili)

Kusadliwa ngoludala kwakukhona isizwe esasibuswa yinkosi eyayihlukile kwamanye.  Isizwe sayo sasinakho konke esasikudinga kodwa yona yayigxile kokwehlukile okwakuvamise emakhosini angaleso sikhathi. Yayikhonze kakhulu impilo ewubukhazikhazi ingunontandakubukwa.

Yayisebenzisa imali eningi yesizwe ithungelwa imijiva ebizayo yezinga eliphezulu ingakukhathalele ukuthi abantu bayo baphawula bathini ngalokho. Yayingawakhathalele amasosha namabutho ayo, akukho okunye okwakuyenza izizwe ikhululekile ngaphandle kwezingubo ngoba ngisho nomculo kwakungeyona into yayo. 

Yayinesudi eyehlukile kuyoyonke imicimbi futhi njalo ngehora yayishintsha ekugqokile igqoke okunye ukuze ibukeke. Kwakufana nokuthi iphila emhlabeni wayo yodwa ngoba kwakuyiqhathanzipho leNkosi. Uma isihambile iyoshintsha ababesondelene nayo babethi isaye kwikhabhinethi yayo lapho yabe isuke isiye endlini yyo okwakuyikazla kuyo yonke impahla yayo. 

Idolobha eyabe ilakhele lalinezigameko eziningi, kwakufika abantu ababeqhamuka ezindaweni ezehlukene. Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadoda amabili ayeze ngomqondo othile akhuluma nabantu ebatshela ukuthi wona akwazi ukwenza izingubo ezisezingeni eliphezulu abangazicabanga. 

Bathi izingubo abazenzayo azigcini nje ngokuba zinhle kodwa nendwangu abayisebenzisayo ngeyezinga eliphezulu uma usuke wagqoka zona angeke ucabanga ukugqoka olunye uhlobo lwengubo.”Ngiyacabanga ukuthi lezo izingubo ezinhle impela,” kusho iNkosi. “Uma ngingagqoka isude eyahlanganiswe ngalolu hlobo lukakotini ngingakwazi ukubona ukuthi ngubani kuleli dolobha engilibusayo ongasifanele isikhundla,” kusho iNkosi. 

Phela ngokusho kwalama doda izingubo abazithungayo zazingagqokwa noma ubani, kwakuthi lowo ozigqokile zimveze ukuthi ungubani nokuthi simfanele yini isikhundla ebukhosini. 

INkosi yakhipha imali enkulu kulezi zinsizwa ukuze ziqale umsebenzi wokuthunga lezi zingubo. Nebala kwaba njalo zayithatha imali zabeka okusandlwana ezazisebenzela kukho zathenga nendwangu ukuze ziqale umsebenzi. Zazisebenza ubusuku nemini kucaca ukuthi zizimisele futhi ziyakwazi ezikwnzayo. 

“Ngiyacabanga ukuthi kumele ngike ngiyobheka ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani,” kusho iNkosi yesizwe. Kodwa yabuye yazikhuza kulowo mcabango, yathi izizwa inokubathemba akukho ekwesabayo, yathi kungakuhle ithumele omunye umuntu ayobheka ukuthi kuqhubekani. Wonke umuntu edolobheni wayazi ukuthi iNkosi iwuhlobo luni lomuntu nokuthi ithanda izingubo ezinjani. 

See Also

“Ngizothumela izethenjwa zami ziyobheka abathungi ukuthi baqhubeka kanjani,” kusho iNkosi. Nebala zahamba izithunywa ziyobheka, zathi zifika lapho bekade besebenzela khona zathola ukuthi kukhala ibhungane. 

Babheka yonke indawo abangabona lutho, ngaphadle kwalaba bathungi nezimpahla ezazindala futhi zingekho ezingeni lokugqokwa iNkosi eyabe iyiqhathanzipho. “Akukho yini eningakusho ngezingubo enizibonayo,” kusho abathungi ngokuziqhenya bencoma izingubo zabo. 

Inkosi yaphinde yathumela ezinye izigijimi nazo azizange zithatheke ngezingobo ezazibona. 

Ekugcineni iNkosi yaziyela yona iyobheka ukuthi kwenzakalani ngoba kwase kuhambe isikhathi eside. Yafike yaphoxeka kakhulu ngezinga lempahla eyalibona kwayicacela ukuthi yayishaywe ngemfe iphindiwe ngoba izingubo zazingekho ezingeni elilindelekile.

Scroll To Top