Idemokhrasi isho ukuthi…



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UMthethosisekelo wezwe waqinisekisa idemokhrasi ezakhamuzini zakuleli
Ngokwekhalenda laseNingizimu Afrika umhla zingama-27 kuMbasa yiholide. Iningi lenu belisemakhaya kanjalo nothisha bebengekho esikoleni. Kweminye imizi abazali bebekhona njengoba bebengayile emsebenzini. Umbuzo uthi uyazi yini ukuthi belingani leli holidi nokuthi lisho ukuthini kuwe?
Ngalolu suku eminyakeni engama-28 edlule ngowe-1994 kwenzeka into eyabe ingumkhuleko wabaningi boHlanga kuleli nasemhlabeni jikelele. Ngalolu suku abazali bethu ababeneminyaka esukela kweli-18 bakwazi ukusebenzisa ilungelo okokuqala ngqa ukuba babe yizakhamizi ngokugcwele zaseNingizimu Afrika. Uma ningabuza lapho emakhaya nasesikoleni nizoyithola impendulo eveza ukuthi kwathatha iminyaka engaphezu kwama-400 ukuba aboHlanga bakwazi ukwamukeleka futhi bahlonipheke njengezakhamuzi zezwe. Lo mlando obuhlungu waphela ngalolo suku ngoba abadala nabancane boHlanga bavuka bayovota.
Ekuvoteni kwabo babesho izinto ezahlukene. Ezinye babehlose ukuba zenzeke ngesabo isikhathi kanti ezinye babezenza ukuze mina nawe namuhla kanye nalabo abasazozalwa baphile ngaphansi kwesimo esehlukile kunabo. Ngesikhathi sabo ngevoti babeqopha ukuthi bayizakhamuzi zezwe ngokugcwele. Ngesabo isikhathi babethi bafuna ukuba yingxenye yokubuswa kwabo njengoba ngevoti labo kwabe kuzophuma uHulumeni omusha novotelwe yibo.
Okwesibili ababekusho ngevoti ogogo nomkhulu bethu babeqopha ukuthi izwe leli elabe libuswa ngababusi abanonya kuhle liphathwe wuMthethosisekelo oyovikela bona nesizukulwane esizayo. Ukuba khona kwalo mqulu okuthiwa nguMthethosisekelo nowagcina wamukelwe ngokusemthethweni ngonyaka we-1996 kwabe kumqoka ngoba kwabe kuyisifungo sokuthi ‘ngeke kuphinde kube khona isimo lapho kuyoba khona ukucindezelwa’ kwabantu bawunoma yiluphi uhlobo okungakhathaleki noma ngaboHlanga , abokufika, abadala, abancane noma abadalwe ngokwehlukile (abakhubazekile).
Kuhle zingane zaboboHlanga nikuqonde ukuthi lo mqulu wabe ungenzelwa kuphela abadala noma abasezindaweni ezithile kuphela. Nathi zingane uyakhuluma ngathi. Nathi usamukela njengezakhamuzi zezwe ezinamalungelo athile. Isibonelo nje izingane ngaphansi kwalomqulu zinelungelo lokuba nophahla, izimpahla zokugqoka, ukudla nokuba zivikeleke. Unelungelo lokuya esikoleni ubuye ufundiswe ngolimi lwakho. Unelungelo lokuba ngowakini ngesibongo nangobuzwe. Wona lomqulu ubuye uveze namalungelo abanye. Ngamafuphi ukuthi wena unelungelo akusho ukuthi omunye akanalo, sonke ngaphansi kwalomqulu sibalulekile.
Asifundisane
Njengoba sihlale sikuqgigquzela kuhle lolu daba ulifunde nabanye esikoleni. Ucele kuthisha ukuthi nibe nesifundo ngaloluyasuku oluyiholidi. Nase khaya kungakuhle wenze okufanayo. Kulabo asebekhulile kukhona ongakwenza ukuqopha umlando omfushane ngalolu suku. Lokhu ungakwenza ngezindlela ezahlukene.
Ungathatha ipeni nephepha noma ibhuku ulibhale ngaphandle uthi “Umlando wethu”. Leli bhuku ungalisebesa kunoma yini ofisa ukuyiqopha. Ungabhala kulo noma unamathisele izithombe ezixoxa ngalomlando ofisa ukuwuqopha.
Uzocela usuku nesikhathi naloyo muntu ofisa ukumbuza ngalolu suku okungaba ngugogo, umkhulu noma abanye abadala ekhaya. Kuhle ucele lolu suku nesikhathi khona nalabo ozokhuluma nabo bezozilungiselela.
Kuhle uthole umuntu owayekhona, ngamafuphi owayesemdala ngowe-1994 futhi kungakuhle kakhulu uma uthole owavota ngaloluya suku.
Emibuzweni yakho kuhle uzinike izikhathi sokuthola okuningi, isibonelo ukuthi okhuluma naye wanyeneminyaka emingaki nokuthi wayekuphi ngesikhathi evota. Ungabuza ukuthi ukuvota okokuqala ngqa kwakusho ukuthini kuye.
Umcele futhi umuntu omdala ukuthi akuxoxele ngomlando wezikhathi lapho aboHlanga bengenalo ilungelo lokuvota.
Okunye ongakwenza wukuthi lapho esikoleni nicele kuthisha ukuba anihlukanise amaqoqwana bese niqhamuka nemibuzo kanye nezihloko eningathanda ukuzibeka njengemibuzo kwabadala. Ukuze kube lula imibuzo lena ingabi mide noma miningi. Uma imithathi uzokwazi uma kunesidingo ukwakhela kuyo kuqhamuke neminye.
Okunye ongakwenza ngaphandle kokubhala ungaqopha ngocingo. Ekuqopheni ungathola ividiyo noma izwi laloyo oxoxa umlando. Kuhle uma wenza njalo ucele ukuze unikwe imvumo yokwenza njalo. Khumbula ukuthi sinomthethosisekelo ovikela iluneglo lokub umuntu avume noma enqabe ukunika imvume.
Ukuze sifundisane nathi singajabula uma ngase usithumele okutholile. Ungasibhalela noma usithumele ividiyo. Uma wenze kanjalo noma nenze kanjalo njengesikole sizokuhlela kahle sikufake lapha kwelaboHlanga ukuze labo abangakwazanga nabo bafunde bathole ukuthi bangakwenza kanjani. Khumbula asikho isidingo sokuthi umlando wabantu abaxoxayo ufane, ukhona ozothi kwakumnandi omunye athi kwakunzima. Yize unelungelo lokubhala nokukhuluma nangoba wuluphi ulimi, sikuphosela inselelo yokuthi ubhale ngolimi lwakho okungaba yisiZulu noma uluphi lwezaboHlanga.
Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com