Olomhlaba kaZulu nolwamaNazaretha luzoba ngumkhankaso wokhetho



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Kukhona abazolusebenzisa ukuzuza amavoti
- Ngabe ubuholi obusha eKZN bunalo iqhingasu?
Udaba lomhlaba lingumongo womzabalazo eNingizimu Afrika nase-Afrika jikelele. Kwaba ngenxa yomhlaba kwabakhona izimpi zaboHlanga nabahlaseli nabaphangi oningi labo lalivela ezwenikazi i-Europe. Kwaba ngenxa yomhlaba aMakhosi afana neNgonyama uCetshwayo, iKumkani uHitsa, iNkumkani uFaku, iKgoshi uSekhukhune namanye bahola izizwe zabo kuvikelwa inhlabathi. Kube ngenxa yomhlaba kwaqhamuka amaqembu ezombangazwe kusuka ngowe-1912 kuleli. Akumangazi ukuthi emuva kweminyaka yomzabalazo nangesikhathi lapho aboHlanga sebenamandla epolitiki udaba lomhlaba seluphakama.
Kubili okumqoka ngomhlaba kulesi sikhathi esikuso, okokuqala wukwehluleka kukahulumeni waboHlanga ukubuyisela umhlaba kubanikazibawo ngenxa yemithetho azibopha ngayo nokwenza kube lukhuni satshe ukuguqula ubunini bomhlaba kuleli. Okwesibili nokunzima kakhulu wumdonsiswano ongomhlaba kaZulu nongaphansi kohlaka loBukhosi Ingonyama Trust. Udaba lwalo mhlaba lubukeka lufika kuvuthondaba njengoba sekuqale phansi ukukhuluma bebodwa abathi kasikho isidingo salo ngakho kaluphele kube khona abathi kungani kube lula ukwemuka aboHlanga umhlaba kepha kube lukhuni ukuphuca abaphangi bomhlaba bokuqala okungabelungu.
Udaba lomhlaba kaZulu yize lungelusha kepha lufike ngesikhathi esibi eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal nakuzwelonke. Leli qembu lisaxhuga emuva kwemiphumela engemihle yangokhetho lohulumeni bezindawo. KwaZulu-Natal imilomo icishe ivunane ngaphakathi nangaphandle kweqembu ukuthi lahlulwa zimbangi zalo Inkatha Freedom Party (IFP) ngoba kalilusingathanga kahle udaba oluthinta iSihlalo sikaZulu. Kukholakala ukuthi ukungavotelwa kweqembu kwaba ngenxa yesijeziso sabavoti abangamaZulu noma abazwelana noZulu. Emizamweni yokulungisa leso sithombe i-ANC kayifihlanga ukuthi omunye umkhankaso wayo wukulungisa ubudlelwano bayo noBukhosi kanye neBandla lamaNazaretha. Lokhu bayabonakala bekwenza esigabeni sikahulumeni kanye neqembu. Muva nje ubuholi obuphezulu besifundazwe buholwa nguMnu uDuma buphikelele oPhongolo buyozethula kwiNdlaluselwa. Kuphele nje izinsukwana base buyokwenza okufanayo nakuNyazi.
Ukuvela kwezinkulumo zokuthi “uKhongolose” ufuna ukuqeda nge-Ingonyama Trust kufake lenhlangano kwingcindezi. Lokhu kugqame ngendlela elisheshe ngayo ukuziphungela. Ngomlomo kaNobhala KwaZulu-Natal, uMnu uMtolo lenhlangano iziqhelelanisile nalezi zinsolo. “Sithatha leli thuba ukwazisa abantu baKwaZulu-Natal naMakhosi ukuthi alukho uhlelo lokugxambukela noma lokuthikameza umhlaba olawulwa yiNgonyama Trust. Siyayichitha le mibiko ebudedengu, egcwele imfundisoze nezinhloso zokudala uthuthuva emphakathini,” kusho uMtolo. Uqhubeke wathi: “I-ANC KwaZulu-Natal ingakuqinisekisa ukuthi Ingonyama Trust Board, abaholi bendabuko esibala kubo amakhosi nezinduna nayo yonke imiphakathi eyakhele Ingonyama Trust, baphephile futhi akekho oyobathinta ngokuphazamisa ukusebenza kweNgonyama Trust Board. I-ANC iyohlala njalo iyisihlangu sokuvikela umhlaba nezwe lethu okungelabantu abamnyama abangabokudabuka kwelengabadi.”
Ukhetho lowezi-2024
Njengoba i-ANC iphunga lokhu kukhuluma amaqembu aphikisayo abukeka ezongena ngenxeba. Kwamabili azogadla kuzwele kubukeka kuyi IFP nabe-Economic Freedom Fighters (EFF) umholi wayo enze obekungalindelekile ngosuku olwandulela ukungena esibayeni kweSILO ngesikhathi ethi asikho esinye ISILO kepha yilesi esiyongena eSibayeni kwaKhangela.
Iqhingasu le-IFP kuyoba wukukhumbuza abantu ukuthi le-Ingonyama Trust yaqanjwa ngomthetho owashaywa nguHulumeni wakwaZulu ngaphansi koMntwana ngakho ohlasela yona uhlasela lokho okulifagugu likaZulu kanye noMtwana qobo. Lokhu kukhuluma kuyoyihlehlisela ngezikhuni i-ANC. Ngakolunye uhlangothi iZitoyitoyi ngeke ziliyeke ithuba “lokuba naboHlanga” kwelomhlaba. Sekusemome nje ukuba umholi wazo uMalema asole uKhongolose ngokwemuka aboHlanga ingcosana yomhlaba kepha eyeka abelungu. Lokhu kukhuluma kungenza leli qembu likwazi ukungena KwaZulu Natal bese lenza umonakalo ku-ANC ngokhetho oluzayo.
Ngakolunye uhlangothi uKhongolose uma ungaphumeli obala odabeni lwamaNazaretha kungase kuqhamuke ukusola okufanayo nokuthi leli qembu alizikhathalele izinkolo zaboHlanga. Nakhona lapha le nhlangano kuyomele igawule ibheke ngoba udaba lwamaNazaretha selunezinqumo zezinkantolo kepha ukuthi iningi liya ngaphi akuyona imfihlo.
Ukuxhumana koNyazi neNdlaluselwa kufaka enkulu ingcindezi ngoba ivele isishilo iNdlaluselwa ukuthi ekuxokozeleni eNdlunkulu nakwaShembe kukhona abaphehli bozwathi. Ukunyathela kukaKhongolose kusuka manje kwelomhlaba kaZulu namaNazaretha kungahle kuyenze inqobe noma iguqe ngowezi-2024 nayo lokhu iyakwazi yingakho izolala ingalele izama ukungaphambani nolwandle lwabantu okunguZulu namaNazaretha.