Usezakhele ugazi ngekhono lokulingisa


Ukusebenza nenkakha kwezokulingisa uMandla Thabethe (Bhongo) emdlalweni wamahlaya kuthelevishini eminyakeni edlule yikho okwamvulela indlela uThabo William Mnguni. Le nsizwa kumanje isizakhele abalandeli emdlalweni owuchungecunge okhonjiswa kuSABC1 uZalo lapho idlala khona indawo kaMnu uMbatha onguMfundisi ongaqondakali ukuthi uyisikhathi sini.
Phakathi kwabalingisi balo mdlalo, uMnguni usebalwa nabanye abayizimfivilithi zababukeli. Wajoyina lo mdlalo ngeSizini yawo yesibili ngonyaka we-2016. Ngaphambi kwalokho wayedlala indawo kaBra Steve kuFamily Bond. Wazalwa zingama-25 kuNcwaba wezi-1965 elokishini eMlazi.
Ngaphandle kwekhono lakhe ekulingiseni uphinde waphekwa kulo mkhakha eNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho azuza khona iziqu emkhakheni weDrama. Washiya ekhaya emuva kokuphothula umatric uyise engafuni ukuba ahambe, kodwa wadlubulundela walibangisa eGoli ngoba ephokophelele ukufeza iphupho lakhe lokulingisa.
Kuyilapho ke ahlangana khona nenkakha yemidlalo yeshashalazi uGibson Kente owayaziwa ngo”Father of Theatre”, owamcija wamnika nethuba lokuzibonakalisa. Wabuya eGoli esecijile wabhalisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal enza izifundo zeDrama exhaswe uThemi Venturas umlingisi ongumqondisi eCatalina Theatre.
Eminyakeni eyevile kwemihlanu angena kulo mkhakha, amagalelo akhe asebonakele ngoba useke waqokwa kumaSouth African Film and Televishion Award njengeBest Supporting Actor kuFamily Bond. Ngaphandle kwale midlalo useke wabonakala kuthi nakwiGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKhuboni ekanye noMike Mvelase, Imbewu kanye neminye yeshashalazi njenge, Iphi Ntombi neBergville Stories emincane.
Indawo yakhe kaMnu uMbatha kuZalo ophinde ane ngumfundisi yenza ababukeli behlala njalo bekulangazelele ukumbona. Kulo mdlalo ungumfundisi oqola abantu, okwenza abanye bambuke ngeso elehlukile. Uma ephawula ngokulingisa kwakhe uthi, “Akukho mayelana nodumo, kodwa ngezwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngikhule, ngase ngidlale eshashalazini isikhathi eside sengikudinga ukukhula nokushintsha.”
Unenkampani uMaNguni Production ecija intsha yasemalokishini enentshisekelo nekhono lokulingisa.