Now Reading
OlwaseMarikana lubuyise umunyu ngesibhicongo
Dark Light

OlwaseMarikana lubuyise umunyu ngesibhicongo

UMengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) uJoseph Mathunjwa useqale ukuhlasela kabuhlungu bonke omengameli baseNingizimu Afrika ngemuva kuka-1994. 

Uthi bahlulekile ukubhekana nezinkinga zobubha nokungalingani kanye nodlame olusekelwe ebulilini – olubhekene nabantu abaningi ezweni.

UMathunjwa wethula inkulumo yakhe yosuku ngesikhathi kukhunjulwa isibhicongo saseMarikana eRustenburg eNorth West. Amakhulu abantu ahlangane eMarikana koppie ukuzogubha iminyaka eyishumi kwenzeka lesi sibhicongo.

UMathunjwa uthi omengameli bezwe ngemuva kuka-1994 abazenzelanga lutho izakhamizi. “UMengameli wesine [Cyril Ramaphosa] esinaye ungusozigidi kodwa bonke laba mengameli abakayishintshi impilo yengane emnyama eNingizimu Afrika. Siyamdinga umengameli onozwelo futhi umongameli onjalo ubekwe nguNkulunkulu. UNkulunkulu ozothinta izingqondo nemiphefumulo yabantu baseNingizimu Afrika avule amehlo aqaphele ukuthi akwazi ukukhetha umengameli ongeke alale emzini wakhe kodwa ozothola ukuthi kwenzekeni,” kwengeza uMathunjwa.

Khonamanjalo, uMathunjwa uphinde wanxusa ukuthi lolusuku lumenyezelwe njengeholidi lomphakathi. 

“Sizolwela ukuthi lolu suku lube yiholidi labasebenzi baseNingizimu Afrika. Umhla zili-16 kuNcwaba kumele umenyezelwe njengoSuku Lwabasebenzi Bakahulumeni,” usho kanje.

‘Abukho ubulungisa kwabahlukunyezwa baseMarikana’

I-Economic Freedom Fighters (EFF) ithi abukho ubulungiswa kwabashonelwe yinhlekelele yaseMarikana. 

See Also

Iqembu liphinde lagxeka iqhaza likaMengameli uCyril Ramphosa ekufuneni ukuthi kuthathelwe izinyathelo ngasikhathi sinye abasebenzi basezimayini ababetelekile eMayini iLonmin lapho esebenze khona njengomqondisi ongeyena owesigungu esiphezulu. Ithi indlela yakhe eya ehhovisi likamengameli igandaywe ngegazi likamufi.

Okhulumela i-EFF uSinawo Tambo uthe isibhicongo saseMarikana siyikhube kakhulu iNingizimu Afrika. 

“I-EFF inxusa ukuthi kunxeshezelwe abafelokazi nezingane zabasebenzi basezimayini zaseMarikana. Sicela izimayini ngaphesheya kwebhande leplatinamu zakhe izindlu, izikole, imitholampilo kanye nengqalasizinda eMarikana. Sicela umhla zili-16 kuNcwaba kube yiholidi, ukuze izizukulwane ezizayo zihlale zazi ngokwenzeka ngalolu suku. Ukuthi umbuso wentando yeningi wabulala abantu ukuvikela inzuzo. Akekho okumele adinwe ukufuna ubulungiswa kubantu baseMarikana, ngoba lesi sizwe asisoze sakwazi ukuthula kuze kube khona ubulungiswa kulabo ababulawa ngalolo suku,” kusho uTambo.

Scroll To Top