Now Reading
Osuke eseseSihlalweni usuke esesemehlweni omhlaba – iNkosi uBiyela
Dark Light

Osuke eseseSihlalweni usuke esesemehlweni omhlaba – iNkosi uBiyela

Selokhu kwathi nhlo aMakhosi angabalingani beSihlalo lawa ngamagama ashiwo yiNkosi yaseMahlayizeni, iNkosi uBhekizizwe Biyela ekhuluma nelaboHlanga. INkosi ibihola ithimba ebeliyokotha iSILO nayilapho abeseluleka khona ngobumqoka beSihlalo nesikhundla esikuso. 

Ibhekise kuso iSILO iNkosi ithe: “Bayede! SILO esikhulu singaMakhosi angaphansi koMbuso woBukhosi bakho sikhulekele ukuzokotha egameni lozakwethu. Siyathokoza ukuba uBayede asiphe lelo thuba. Sizozwakalisa ukweseka ISILO sethu ngobuqotho nangokwethembeka.  Sinomthwalo njengamakhosi ukuma naso ISILO sethu kukuhle kukubi. Sizwelana kakhulu neSILO sethu ngokuhlukumezeka kwaso sifakwa ezinkantolo sehliswe isithunzi nangezinkulumo.”

“Konke lokhu kwenzeka nje asikapholi nesilonda sokushiywa emhlabeni abazali. Noma kunjalo Bayede ezinye izinto ezibuhlungu zisuke zingagcini nje ngokumhlukumeza ezisuke zibhekiswe kuye kepha ziba nakho ukumkhulisa nokumqinisa emsebenzini wakhe.”

INkosi uBiyela ngokujulile ikhulume ngezihibe ezike zibe khona kulandela ngisho nakubo bengaMakhosi ngaphansi kweSILO.

“Hlanga Lomhlabathi wethweswe umsebenzi omkhulu ongeze wakwazi ukuzithwalela nje wena ngesingawe. Udinga ukulekelelwa abadala oyihlo nokhokho bakho abangasekho ngokunjalo nalabo abasaphilayo kuhlanganisa uNdunankulu waso ISILO nalabo abafanele ukufeza lowo msebenzi. Konke lokhu kuthi kwenziwa sibe sibeke ithemba lethu oholweni lukaMvelinqangi.

“Osuke esebekwe kulesi sikhundla okuso ISILO usuke esesemehlweni omhlaba.  Kunezinto okusuke sekufanele ahlukane nazo.  Kunalezo okusuke kufanele azithibe kuzo. Kusuke sekufanele akumukele ukushintsha indlela abeyiphila ngokunjalo neyokwenza izinto. Usuke esedinga ukuqikelela nezinkambo zakhe ngoba kulesi sikhathi esiphila kuso baningi abantu abangenamahloni okusebenzisa abantu abakhulu ukukhanda izithunzi zabo nokukhuluphalisa imicinjana yabo ngabo,” kusho uMenziwa.

IIqhubeke yathi: “Isikhundla lesi esidinga ubuhlakani, ukuqonda ukubaluleka kwesihlalo nobukhosi uqobo, isineke, ukubekezela, inhlonipho, ukulalela, ukululekeka, ukuzehlisa nokwesaba ihlazo.

Iphutha elincane elenziwa umuntu omkhulu liba undabamlonyeni linyundele yena nawo wonke umsebenzi awuphathisiwe. Umuntu omkhulu uhlala esekukhanyeni ngasosonke isikhathi. Akukho thunzi elikwazi ukumenza angabonakali. Okuhle akwenzayo bayakubona abantu ngokunjalo nokudumazayo basuke bekubona.”

See Also

ISILO siqwashisiwe futhi nangabantu abasizungezileyo nethe iNkosi enjengeSILO kumele kube ngeqikelelayo ukuthi abantu esondelana nabo abangangabazeki ukufaneleka ukuba seduze kwaso.

Khona lapho iNkosi uBiyela egameni laMakhosi yetuse uMntwana ngokuba ludondolo. “Siyafisa SILO ukukuthokozela sithokozela nesizwe ukuthi lesi simo sisifice esekhona uyihlomkhulu uMntwana waKwaPhindangene onguNdunankulu weSILO nonguNdunankulu kaZulu. Isibindi sakhe, ubuqotho nokwethembeka emsebenzini wakhe nasebukhosini bakwabo kudinga ukutuswa. Ume ngobuqotho eqinisweni wasivikela isinqumo seNgonyama yethu eyebuzile eyathatha isinqumo sokuba amakhosi akhiphe izinkomo ukuba kulotsholwe uMntanenkosi yaseSwazini ukuba azosizalela ISILO sethu. Sifanele ukubutusa lobo buhlakani bakhe nokuqonda umlandu, amasiko namagugu esizwe.

“Ngale kwakhe, asingabazi ukuthi abamelene nokubekwa kweSILO sethu ngabe baphumelele ezinhlosweni zabo ukuphambanisa ubukhosi bubhekiswe engxenye.  Isitifiketi esikhishwa uMengameli ngabe sibiza omunye kwabeSILO.  Sikhulekela ukuba uNkulunkulu akasigcinele yena nakulesisikhathi ngoba usemkhulu umsebenzi omhlalele wobukhosi bukaZulu,” kuphetha iNkosi.

Phakathi kwaMakhosi abehambele ISILO bekungaMakhosi alezi zizwe ezilandelayo; ngeyaseMazimeleni, ngeyakwaZungu kwaMadlebe, eyakwaDlomo, eyakwaCele, eyakwaMadlala, neyakwaCebekhulu, iNkosi uBiyela Obuka.

Scroll To Top